Amaqembu Ezigebengu Abesifazane—Ukuthambekela Okwethusayo
“UNYA, ulaka nesimo sobulwane,” kwakungamazwi asetshenziswa iphephandaba i-Globe and Mail ekuchazeni amaqembu ezigebengu amantombazane ezikoleni eziphakeme eCanada. Inani elandayo lamantombazane lifuna ukuzimela ngenxa yokuthi selikhathele ukuba yingxenye yamaqembu ezigebengu abesilisa. Omunye umseshi waseToronto, ophenya ngamaqembu entsha ezigebengu, waphawula ukuthi amantombazane “akufuna ngendlela enobudlova kakhulu ukuqapheleka.” Azimisela “ukusebenzisa izikhali nendluzula ‘eyeqile’” futhi “ngokuvamile anonya ngokwengeziwe futhi anokhahlo kunamaqembu ezigebengu abesilisa,” kusho uDkt. Fred Mathews kuyi-Globe. Kungani? Ngokwesinye isikhulu samaphoyisa, umbono ovamile phakathi kwentsha engamahlongandlebe uwukuthi, amantombazane “cishe agwetshwa isikhashana nje ejele uma ebanjwa.” Umkhulumeli wamaphoyisa watshela i-Globe ukuthi “namantombazane amancane kangangeminyaka engu-11 ayahlanganyela ebugebengwini obuncane nasekuhwebeni ngezidakamizwa nezikhali ezikoleni eziphakeme.”
UDkt. Mathews, oyisazi sokusebenza kwengqondo futhi onguchwepheshe ohlotsheni olunjalo lobudlova, waxoxa nabesifazane abangamalungu eqembu lezigebengu phakathi nenkathi yeminyaka eyishumi futhi wathola ukuthi “bathukuthele futhi bayavukela, ngokuyinhloko ngenxa yokuxhashazwa noma ukungezwani ekhaya.” Yini edonsela lentsha kulamaqembu ezigebengu? Lamaqembu ezigebengu anikeza “umuzwa wobudlelwane nokulondeka,” kusho owayeyilungu. Nokho, lapho abephephandaba bexoxa naye, wavuma ukuthi wazama kabili ukuzibulala ukuze abaleke kuleli qembu lezigebengu, futhi wanezela: “Okuningi kwalokho okuthiwa ukufa ngengozi kanye nokuzibulala ezindaweni zasemadolobheni kumane nje kuwukubulalana kwamaqembu ezigebengu. Niyavikelana uma niseqenjini. Inkinga iwukuthi anikwazi ukuvikelana kwabanye beqembu elifanayo.”
Omunye uthisha wesikole esiphakeme okhathazekile ngalokhu wathi: “Amantombazane esiwafundisayo anobudlova awaqondakali ngokuphelele. Uma ethukuthele awazi ukuthi isiphi isenzo sobudlova azosenza. Futhi uma unguthisha, lokho kuyethusa ngempela.” Ngokuphathelene ‘nezinsuku zokugcina,’ iBhayibheli labikezela kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5 ukuthi kwakuyoba ‘nzima ukubhekana’ nalezi zikhathi ngoba abantu, kuhlanganise nentsha, bayokuba “abangenakho ukuzithiba, abanolaka.”