Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 3/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isifo SaseLyme—Ingabe Usengozini?
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Imikhosi Yenkolo Yokuzijabulisa—Ilungile Noma Ayilungile?
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 3/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Imikhosi Yenkolo Ngiyabonga ngesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Imikhosi Yenkolo Yokuzijabulisa—Ilungile Noma Ayilungile?” (June 8, 1996) Ngihlala eBrazil, futhi umkhosi wenkolo uyisikhathi senjabulo ngempela lapha. Ngangilingeka njalo ukuba ngihlanganyele kulemikhosi. Ngangazi ukuthi akulungile, kodwa ngangingasiqondi isizathu. Nokho, lesi sihloko sabonisa ngokucacile ukuthi lomkhosi wenkolo uhlanganisa nombuthano oxokozelayo nokuthi uNkulunkulu ubheka imikhosi enjalo ‘njengemisebenzi yobumnyama.’—Roma 13:12.

F. M. M., Brazil

Amaholide Ngiyabonga kakhulu ngochungechunge oluthi “Ingabe Uya Eholidini?—Lokho Okufanele Ukwazi.” (June 22, 1996) Lwafika ngesikhathi esifanele ngoba ezinsukwini nje ezimbalwa ngemva kwalokho, saya eholidini. Lamacebiso aba usizo kakhulu. Ngibonga kakhulu.

L. J., United States

Isifo SaseLyme Ngiyabonga ngesihloko esithi “Isifo SaseLyme—Ingabe Usengozini?” (June 22, 1996) Njengodokotela, muva nje ngiye ngabona iziguli eziningi ezinalesi sifo, futhi ngiyazisekela izinyathelo zokuphepha enazinikeza. Ezimweni eziningi iziguli zithathwa kalula bese zigula isikhathi eside. I-Phaphama! yakhuluma ngohlobo lwalesi sifo oluhlasela amalunga omzimba, oludlangile e-United States. Kuye kwatholakala amanye amagciwane amabili eYurophu, angathungatheki ngokuhlola okuvamile. Imithi elwa namagciwane isebenza kuphela lapho isifo saseLyme sisaqala futhi ngokuvamile ayisebenzi kamuva.

I. S., Germany

Njengomuntu ophethwe isifo saseLyme, ngasithola sikhuthaza kakhulu lesi sihloko esihle. Nginethemba lokuthi bonke abasifundile bayosithatha ngokungathi sína lesi sifo futhi bathathe izinyathelo zokuphepha ezidingekile.

D. P., United States

Ukuphazamiseka Ekufundeni Ngasazisa ngempela isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngihluleka Ukufunda?” (June 22, 1996) Nginobunzima esikoleni ngenxa yezinye zezizathu ezishiwo kulesi sihloko. Ngizokusebenzisa ukusikisela kwenu. Ngiyabonga kakhulu.

R. C., United States

Ngase ngiphelelwa yiso sonke isithakazelo sokufunda futhi ngangingakwazi ukugxilisa ingqondo esikoleni. Ngokusebenzisa ukusikisela okunikezwe kulesi sihloko, ngiyethemba ukuthi ngizoyithuthukisa imikhuba yami yokufunda.

M. E. O., Uganda

Anginakho nokuncane ukuphazamiseka ekufundeni, kodwa angikuthandi neze ukufunda. Nginenkinga futhi yokukhumbula izinqubo zokwenza izibalo. Lesi sihloko sakhuluma ngokuphindaphinda nokuphimisela amagama njengosizo enkingeni yokukhohlwa okwesikhashana. Ekuqaleni ngangicabanga ukuthi kwakungeke kube nengqondo ukufunda ngiphimisele ngingedwa, kodwa lapho ngikwenza, kwakujabulisa!

N. I., Japan

Isaphula-mthetho Ngiyabonga ngokunyathelisa indaba kaFranck Mannino, enesihloko esithi “Ngangiyisaphula-mthetho.” (June 22, 1996) Yangithinta inhliziyo futhi yangenza ngaqonda ukuthi uMdali wethu, uJehova, unamandla nothando kangakanani. Sekuyiminyaka engu-30 ngimkhonza, futhi lendaba iye yangikhuthaza ukuba ngenze konke okusemandleni ami emsebenzini wokushumayela lapho ngisenethuba lokwenza kanjalo.

E. B., Italy

Lesi sihloko sangisiza ukuba ngazise ilungelo lokuya emihlanganweni yobuKristu. Ukungahleleki kwami kuye kwangenza ngaba nomkhuba wokwephuza ukufika emihlanganweni. UFranck Mannino wayengenankululeko lapho esejele, kodwa ukuphila kwakhe kwakuzuzisa kakhulu.

D. W., United States

Intshiseko uFranck Mannino ayibonisa yangishukumisa, ngisho noma ayegqunywe ejele. Nakuba ukuphila kwakhe kwaba nesiqalo esibi, manje useyisibonelo esihle kakhulu.

C. R., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela