Woza Uzolalela Inkulumo Yeningi Ethi “Ukholo Nekusasa Lakho”
Ikusasa lakho lingaziwa yini ngempela? Ingabe kukhona ongakwenza ukuze uthole ukuthi liyoba yini?
Inkulumo yeningi, eyingxenye yoMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova “Wokholo Ezwini LikaNkulunkulu,” iyobonisa ukuthi kungani kunethemba loqobo lekusasa eliqhakazile. Ungayilalela inkulumo endaweni eseduze nakini ngoba kusukela ekuqaleni kwalenyanga izonikezwa emakhulwini ngamakhulu emihlangano emhlabeni wonke.
Thintana noFakazi BakaJehova bangakini noma ubhalele abashicileli balomagazini ukuze uthole indawo yomhlangano eseduze nawe.