Liyini Ikusasa Le-albatross?
Ngumlobeli we-Phaphama! eBrithani
Liyini ikusasa le-albatross, inyoni yasolwandle enkulu ukuzedlula zonke emhlabeni? “Lifiphele kakhulu,” kubika i-Times yaseLondon. Amashumi ezinkulungwane awo—abacwaningi base-Australia balinganisela kwangu-44 000—ayabulawa minyaka yonke. Empeleni, eminye imithombo inomuzwa wokuthi i-albatross ezulayo, enezimpiko ezinhle ezingamamitha amathathu, izoqothulwa maduze nje.
Ngemva kokuba ama-albatross esekulungele ukundiza, achitha iminyaka engu-7 elokhu esolwandle, ezula futhi entweza izinkulungwane zamakhilomitha, elala nokulala lapho endiza. Abanye bakholelwa ukuthi lezi zinyoni zingazungeza imbulunga izikhathi eziningana ngaphambi kokuba zibuyele lapho zazalelwa khona ukuze zizalele.
I-albatross ikhulisa iphuphu elilodwa nje kuphela njalo ngonyaka wesibili. Kodwa phakathi neminyaka engu-20 edlule inani lama-albatross azulayo eSouth Georgia eseSouth Atlantic naseCrozet ese-Indian Ocean liye lancishiswa cishe ngesigamu. Abanye bacabanga ukuthi siyini isizathu salokhu? Ukudoba ngezindobo ezinde.
Ukuze babambe i-bluefin tuna, abadobi basebenzisa izindobo ezinde, ngalunye lunamakhulukhulu ezingwegwe. Izindobo ziphonswa ngemva kwesikebhe sokudoba. Ingwegwe ngayinye ifakwa i-squid njengesife—ukudla okuyinhloko kwe-albatross. Lapho inyoni icwila ukuze ibambe i-squid, ngezinye izikhathi igwinya nengwegwe. Khona-ke i-albatross ebambekile izika nodobo olusindayo bese iminza.
Ukuze bavikele ama-albatross, abanye abadobi bezinhlanzi baye bakhuthazwa ngokuphumelelayo ukuba badobe ebusuku, ngesikhathi lenyoni ingabambi izinhlanzi. Abadobi bafuna nezindlela zokwendlala izindobo zabo ngaphansi kwezikebhe ukuze ama-albatross angasiboni isife. Ezinye izindlela eziye zasetshenziswa zihlanganisa izindobo ezisindayo ezizika ngokushesha kanye nokuthile kokwethusa izinyoni.
Nokho, olwandle olubanzi lwaseSouth Atlantic, akukho ukulawulwa kwezindlela ezisetshenziswa izikebhe zokudoba. Ngokwesazi sezinyoni zasolwandle uSandy Bartle, waseMuseum of New Zealand, izikebhe lapho “azenzi lutho ukuvimbela ukufa kwama-albatross.” Ngempela, lokhu kufa okungenzeka kwama-albatross amangalisayo kubonisa ukunganaki nokungakhathali komuntu.