Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 7/8 k. 9-k. 11
  • Lapho Umhlaba Wonke Uyoba Isiphephelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Umhlaba Wonke Uyoba Isiphephelo
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Imizamo Ihluleka?
  • Okuwukuphela Kwethemba Eliqinisekile Lesiphephelo Esiwumhlaba
  • I-Zoo Ingabe Iwukuphela Kwethemba Lezilwane Zasendle?
    I-Phaphama!—1997
  • Ukubhekisisa Ama-zoo Anamuhla
    I-Phaphama!—2012
  • “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”
    Incwajana Ethi “Bheka” (Lmn)
  • Ingabe Abantu Bazowonakalisa Ngokuphelele Umhlaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 7/8 k. 9-k. 11

Lapho Umhlaba Wonke Uyoba Isiphephelo

INGABE uyafuna ukubona isidalwa esiyingozi kunazo zonke emhlabeni? Khona-ke bheka esibukweni! Yebo, thina bantu singamagovu amakhulu emhlabeni! Size sibulalane ngisho nokubulalana ngobuningi.

Ukuze kwenziwe umhlaba ube indawo elondekile yezilwane zasendle, ngisho nasema-zoo—ikakhulukazi uma eba isiphephelo sokugcina—kufanele kuqedwe impi, uhlupho lwesintu. Izilwane ezingu-91 kuphela kwezingu-12 000 zaseBerlin Zoo ezasinda eMpini Yezwe II. Namanye ama-zoo amaningi abhekana nokulahlekelwa okufanayo. Empini yamuva nje emazweni aseBalkans, izisebenzi ezinesibindi zase-zoo zabalekisela izilwane eziningi endaweni ephephile; kodwa ezinye ezingamakhulukhulu, kuhlanganise namaphiva, izilwane ezinkulu ezingamakati, amabhere nezimpisi, zabulawa. Ngokwezikhulu ezacashunwa ephephandabeni i-Australian, emahlathini aseCambodia muva nje amaKhmer Rouge aye abulala ngamabomu izilwane eziningi eziyivelakancane. Ngani? Ukuze athole izikhali ngezikhumba zazo nangezinye izitho!

Ukucekelwa phansi kwendawo, njengalokho okuqhubeka ePeron Islands esemajukujukwini, eningizimu-ntshonalanga yeDarwin, e-Australia, kungesinye isenzo esibi okufanele sinqotshwe ukuze izilwane zilondeke—ema-zoo noma ngaphandle kwawo. Kabili enkathini yeminyaka emithathu, kuye kwashiswa indawo yezidleke zamavuba kulezi ziqhingi, ukuze nje kubulawe izinkulungwane zamaphuphu angakakwazi ukundiza ngendlela enonya kakhulu.

Nokho, emashumini eminyaka amuva nje, ukuqothulwa okukhulu kwezinto eziphilayo akubangelwa ububi; kuwumphumela wesintu esandayo esifuna indawo yokuhlala nendawo yokulima. Ngenxa yalokhu kugxambukela ngonya endaweni yezilwane engokwemvelo nokungcoliswa kwayo okuhambisana nakho, i-World Zoo Conservation Strategy iyaxwayisa: “Umbono wekhulu lama-21 waso sonke isimiso somhlaba esingokwemvelo ufiphele. Akukho okubonisa ukuthi ukucekela phansi okwenzeka cishe kuzo zonke izingxenye zomhlaba kuzophela ngokushesha.”

Ngenxa yokukhathazeka okwandayo ngekusasa lomhlaba, ukukhuluma ngesikhathi lapho yonke leplanethi iyoba isiphephelo kungase kuzwakale kuyiphupho. Nokho, lelo themba alisekelwe kubantu abanombono omfushane—labo ngokomlobi othile wezesayensi, ababengazi lutho eminyakeni engu-50 edlule ngokubhujiswa kwemvelo okukhona—kodwa lisekelwe kulowo owalibikezela, uJehova uNkulunkulu. Eminyakeni engaphezu kuka-1900 edlule, wabikezela ukuthi isintu, esikhathini sethu, sasiyoba matasa ‘sichitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Njengoba sashiwo lapho umhlaba wawungakabi nabantu abaningi, kungenzeka ukuthi leso siprofetho sabonakala siyiphupho kwabaningi ababephila ngaleso sikhathi, kodwa yeka indlela esiye sanemba ngayo!

Ngokuyindida, lokhu kuchithwa komhlaba kwenzeka esikhathini lapho isayensi nobuchwepheshe kubonakala kukwazi ukwenza izimangaliso: ama-microtransmitter neziphuphutheki kulandelela izilwane ezisengozini, ukubhujiswa kwamahlathi emvula kulinganiswa ngokucophelela iziphuphutheki ezisemkhathini, kanti ukungcoliswa komoya kulinganiswa ngezilinganiso ezincane. Nokho, ngaphandle kwezimo eziyivelakancane, kubonakala sengathi umuntu akakwazi ukwenza lutho ngalenqwaba yokwaziswa. Mhlawumbe umuntu unjengomshayeli wesitimela esingenamabhuleki. Kunemishini eminingi yobuchwepheshe obuphambili emtshela konke okwenzekayo, kodwa akakwazi ukumisa isitimela!

Kungani Imizamo Ihluleka?

Ake ucabange ngefektri enkulu, lapho umphathi ozidlayo, ongenazimiso ezwa umnikazi ethi ngeke amkhuphule esikhundleni, kodwa kunalokho, uzomxosha ngemva kwezinyanga ezimbalwa. Ethukuthele futhi enonya, lomphathi usebenzisa amanga, ukufumbathisa nawo wonke amacebo obuqili ukuze enze izisebenzi ezimbalwa zibangele udweshu. Baphula imishini, bayateleka, futhi benza imikhiqizo engafanele—kodwa lokhu bakwenza ngokuhlakanipha ukuze bangasolwa. Ngakolunye uhlangothi, izisebenzi ezithembekile, ezingazi ukuthi kwenzekani, zizama ukulungisa; kodwa lapho ziqhubeka zizama, kulapho izinto zonakala khona nakakhulu.

“Umphathi” walomhlaba owonakele uye wabophela isintu nomhlaba uzungu olufanayo. Kodwa kulokhu akudingekile ukuba sihlale ‘singenalwazi ngamacebo akhe,’ ngoba iBhayibheli liyamdalula futhi lembula ukuthi uyisidalwa somoya esithukuthele—uSathane uDeveli—ingelosi eyazikhukhumeza futhi yafisa ukukhulekelwa. (2 Korinte 2:11; 4:4) UNkulunkulu wamxosha emkhayeni waKhe wasezulwini futhi wamgwebela ukuba abhujiswe.—Genesise 3:15; Roma 16:20.

Njengomphathi wefektri owonakele, ‘loyise wamanga’ naye usebenzisa amacebo obuqili ukuze abonise intukuthelo yakhe. Uzonda uJehova uNkulunkulu futhi ufuna ukubhubhisa indalo yaKhe. (Johane 8:44) Amathuluzi kaSathane anamandla kakhulu inkulumo-ze yamanga, ukuhaha, ukuthanda izinto ezibonakalayo nezimfundiso ezingokwenkolo ezilimazayo. Ngazo, uye ‘wadukisa umhlaba wonke owakhiwe’ futhi waguqula abantu—abahloselwe ukuba abanakekeli bomhlaba—baba amagovu anonya kakhulu, eqinisweni baba abafundi bakaNimrode wasendulo, ‘iphisi elinamandla eliphikisana noJehova.’—IsAmbulo 12:9, 12; Genesise 1:28; 10:9.

Okuwukuphela Kwethemba Eliqinisekile Lesiphephelo Esiwumhlaba

Nokho, ukunqoba amathonya okuqothula izinto eziphilayo angabantu nangaphezu kwamandla omuntu akuyona into engenakwenzeka. UMdali onamandla onke wazo zonke izinto eziphilayo angasitakula kulolu bishi, futhi uye wathembisa ukwenza lokhu ngohulumeni wakhe wasezulwini. Uthembisa ukubhubhisa lawo magovu achitha umhlaba. Lokhu siyakuthandazela lapho sithi: “Mawufike umbuso wakho. Mayenziwe intando yakho emhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10, King James Version; IsAmbulo 11:18.

Ingabe uqaphele ukuthi ukufika koMbuso kuhlobene nokwenziwa kwentando kaNkulunkulu emhlabeni? Lokhu kungenxa yokuthi uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni kaNkulunkulu ozobusa umhlaba. Futhi njengoba uwumbuso, unenkosi—uJesu Kristu, “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi.” (IsAmbulo 19:16) Futhi unezikhonzi zawo. Eqinisweni, uJesu wathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayozuza umhlaba njengefa.” (Mathewu 5:5) Yebo, laba abanomoya omnene bayizikhonzi zawo zasemhlabeni, futhi ngosizo loMbuso kaNkulunkulu, bayolinakekela ngothando ifa labo, baliguqule libe ipharadesi elichumayo elinenqwaba yezinto eziphilayo. Ngokuthakazelisayo, i-Strategy ithi: “Ikusasa labantu nemvelo liqiniseke kuphela uma sonke isintu singaphila ngokuzwana okusha nemvelo.”

Umlando nokungapheleli kwabantu kubonisa ukuthi akunakwenzeka ukuba “sonke isintu” namuhla sihlale “ngokuzwana okusha” nemvelo, ngoba simshaya indiva uJehova. Eqinisweni, esinye isizathu sokuba uNkulunkulu avumele lelizwe liqhubeke isikhathi eside kangaka siwukuba abonise ubuze bokuzibusa komuntu. Kodwa ngokushesha, labo abalangazelela ukubusa kukaKristu bayojabulela ukuthula okukhulu. U-Isaya 11:9 uyakuqinisekisa lokhu, futhi uveza isizathu esenza ukuba laba kube yibona kuphela abayophila “ngokuzwana okusha” nemvelo: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Omalukeke sizenzele.) Yebo, imfundo yaphezulu iyisihluthulelo. Ingabe lokho akunangqondo, ngoba ubani omunye onokuhlakanipha okunjalo ngaphandle koMsunguli wemvelo?

Kuthiwani ngalabo abaqhubeka bemshaya indiva uJehova? “Kepha ababi bayakunqunywa ezweni,” kusho izAga 2:22. Yebo, unya noma ukunganaki kwabo kuyobalahlekisela ukuphila kwabo “osizini olukhulu” olusondela ngokushesha—indlela kaNkulunkulu yokukhipha isahlulelo kubo bonke abaphikelelayo bexhaphaza futhi bebhubhisa indalo yakhe ngobugovu.—IsAmbulo 7:14; 11:18.

Ingabe uyafuna ukuhlanganyela ohlelweni lokuvuselela umhlaba? Khona-ke siza ufunde lokho uNkulunkulu akufunayo kuwe ngokutadisha iBhayibheli. Yilona kuphela elinamandla okuvumelanisa ukucabanga kwakho nokoMdali. (2 Thimothewu 3:16; Heberu 4:12) Ngaphezu kwalokho, ngokusebenzisa lokho okufundayo, ngeke nje ube isakhamuzi esingcono manje kodwa uyobonisa nokuthi ngempela uwuhlobo lomuntu uJehova ayoluphathisa ‘umhlaba wakhe omusha’ osondela ngokushesha.—2 Petru 3:13.

Abanyathelisi balomagazini noma ibandla eliseduze loFakazi BakaJehova liyokujabulela ukukusiza ngesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala noma ngezincwadi ezengeziwe ezichaza lezi zindaba uma ufisa.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela