Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukunakekela Abadinga Usizo—Ukubhekana Nenselele Lolu chungechunge lwezihloko ezinhle (February 8, 1997) lwangikhuthaza kakhulu. Ngineminyaka engu-17 ubudala, futhi nginakekela umkhulu onesifo sohlangothi nogogo ophazamisekile ngokwengqondo. Kwangiduduza ukwazi ukuthi kuyinto evamile ukucasulwa iziguli ngezinye izikhathi nokuzibuza ukuthi, ‘Kungani lokhu kwenzeka kimi?’ Ngasijabulela futhi isihloko esikhuluma ngosizo olungokoqobo olungase lunikwe umnakekeli.
P. T., Italy
Indlela eniyichaze ngayo imizwa yabantu abanakekela abathandekayo abagulayo iyiqiniso futhi ibonisa ukuqonda. Ngibonga uJehova ngokuthi unishukumisele ukuba nibhale lezi zihloko ezinhle. Ngiyaqiniseka ukuthi zizosisiza thina sonke esibhekene nalesi simo ukuba sisamukele futhi siqhubeke sikhonza uJehova ngenjabulo nangentshiseko.
B. V., Czech Republic
Ngingumama osanda kuhlukanisa, onabantwana ababili abasanda kweva eshumini nambili, futhi indodana yami iphethwe i-ADHD (Attention Deficit Hyperactivity Disorder). Ukucindezeleka okuhambisana nalomthwalo kukhulu kakhulu. Ngenxa yezihloko ezisanda kuphuma ezikhuluma ngokunakekela abadinga usizo, ngakwazi ukuyiqonda imizwa yami yokuphoxeka, ukuthukuthela, ukucindezeleka, nokungabi nalusizo. Into ekhuthazayo ukuthi, abafowethu abadala ebandleni baye basiza ekunakekeleni indodana yami. Yeka injabulo okuyiyo ukubona uthando lubonakaliswa ngezenzo!
C. C., United States
Umyeni wami unesifo sokusangana futhi uthembele ekunakekeleni kwami. Nganginovalo lokuthi ngeke ngikwazi ukubhekana nakho. UJeanny, okukhulunywe ngaye kulezi zihloko, wanginika isibindi lapho enikeza lesi seluleko: “Ukwesaba okungase kwenzeke ngokuvamile kungaphezu kwalokho okwenzeka ngokoqobo.”
A. P., Slovakia
Ngake ngaba umnakekeli futhi ngaba nayo imizwa eminingi echazwe kulezi zihloko. Ezikhathini eziningi ngangingakwazi ukutshela abanye ngokukhungatheka kwami nomuzwa wecala. Lezi zihloko ziye zangenza ngakwazi ukuxoxa ngemizwa yami.
F. F., Nigeria
Angikaze ngicabange ukuthi kuyoke kukhishwe izihloko ezikhetheke kanje. Umama ubelokhu egulela embhedeni kusukela ngo-1989. Njengoba ngiwukuphela kwendodana, futhi ngingenabo abafowethu nodadewethu ngisho nobaba, kwadingeka ngithathe umthwalo wemfanelo wokumnakekela. Ngiyavumelana nesigaba sokugcina salolu chungechunge—ukuthi uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bangabanakekeli abanozwela kakhulu. Ezikhathini eziningi lapho isimo siba sibi ngangicabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukubhekana naso, ngangiphendukela kuJehova ngomthandazo futhi ngimcele ukuba angisize. Ngokwazi nje ukuthi ulalele, ngangizizwa ngithola amandla futhi.
M. A. M., Peru
Umyeni wami uyagula, futhi ngiye ngabhekana cishe nakho konke okushiwo yilomagazini. Ngikhumbula izikhathi eziningi lapho abafowethu nodadewethu babebuza khona ngomyeni wami. Ngezinye izikhathi ngangicasuka, ngizibuze, ‘Kungani njalo bebuza ngaye? Kuthiwani ngami?’ Manje sengiyaqonda ukuthi imizwa enjalo imane ingokwemvelo.
M. A. I. I., Spain
Ukukhubazeka Ekufundeni Ngingumzali womfana oneminyaka eyishumi ophethwe i-ADHD. Ngijabula kakhulu ukunitshela ukuthi kusukela kukhishwe uchungechunge oluthi “Usizo Kubantwana Abanokukhubazeka Ekufundeni” (February 22, 1997), abangane bami abambalwa baye bangitshela ukuthi nakuba babezamile ukungisiza nokusiqonda lesi sifo, babengayiqondi ngokuphelele indlela mina nendodana yami esasizizwa ngayo. Iningi labo laphawula ukuthi manje lase lizozimisela nakakhulu ukusiza. Omunye udade ebandleni wachitha isikhathi efunda lesi sihloko nendodana yami futhi eyikhuthaza. Kamuva indodana yami yeza kimi yacela ukusifunda lesi sihloko futhi.
L. A. D., United States