Ikhambi Lembulunga Yonke—Lingatholakala?
OCHWEPHESHE bayavuma ukuthi isifo sofuba (TB) siyinkinga yembulunga yonke edinga ikhambi lembulunga yonke. Alikho izwe elinganqanda i-TB lilodwa, njengoba izigidi zabantu ziwela imingcele yamazwe ngamazwe isonto ngalinye.
Abaningi bakholelwa ukuthi ukubambisana komhlaba wonke kudinga ukuba amazwe acebile asize amazwe ampofu, okuyiwona abhuqwa kakhulu yi-TB. Njengoba uDkt. Arata Kochi esho, “kuzuzisa amazwe acebile ukusiza amazwe asathuthuka ukuba alwe nesifo sofuba, ngaphambi kokuba lawo mazwe acebile abe yinkundla yalesi sifo.”
Kodwa amazwe acebile, ekhungethwe yilokho akubheka njengezindaba nezinkinga ezicindezelayo, awazange alunikeze usizo oluphuthumayo. Amanye amazwe ampofu ngokwawo ayakudebeselela ukunakekelwa kwezempilo, kunalokho asebenzisa imali ezikhalini zawo. Maphakathi no-1996, abantu abangamaphesenti ayishumi kuphela abane-TB emhlabeni ababelashwa ngenqubo ye-DOTS, okungabantu abambalwa kakhulu ukuba bangavimbela ukusakazeka kwalolu bhadane.
I-WHO iyaphawula: “Sekungamashumi eminyaka kunolwazi nemithi engabizi yokwelapha i-TB. Lokho izwe elikudingayo manje umzamo oqotho wabantu abanamandla, ithonya nozwela, abayoqikelela ukuthi lemithi isetshenziswa ngokuphumelelayo kuwo wonke umhlaba.”
Ukunqoba Kuzofika
Singaba nalo yini ithemba lokuthi abantu abanamandla nethonya bayoyixazulula lenkinga? Umhubi waseBhayibhelini ophefumulelwe wabhala: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.” Khona-ke, singathembela kubani? Lombhalo uyaqhubeka uthi: “Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho.”—IHubo 146:3, 5, 6.
NjengoMklami noMdali womhlaba, uJehova uNkulunkulu unamandla nokuhlakanipha kokuqeda izifo. Ingabe unalo uzwela? Ngomprofethi wakhe ophefumulelwe, uJehova uyathembisa: ‘Ngiyobahawukela abantu bami, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.’—Malaki 3:17.
Isahluko sokugcina seBhayibheli sichaza umbono owanikezwa umphostoli uJohane. Wabona “imithi yokuphila ithela izivuno eziyishumi nambili zezithelo, ithela izithelo zayo inyanga ngayinye.” Lemithi engokomfanekiso nezithelo zayo imelela amalungiselelo aphezulu ayokwenza abantu abalalelayo baphile phakade emhlabeni.—IsAmbulo 22:2.
Eqhubeka, uJohane wabhala: “Amaqabunga emithi ayengawokwelapha izizwe.” Lamaqabunga angokomfanekiso amelela izibusiso zikaNkulunkulu eziyophumela ekuphulukisweni kwesintu, ngokomoya nangokwenyama. Ngakho, singaqiniseka ukuthi ezweni elisha lokulunga ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu, i-TB iyonqotshwa ngokuphelele futhi phakade.—IsAmbulo 21:3, 4.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
UNkulunkulu uthembisa ukuphulukiswa kwesintu phakade