Ingabe Amahlathi Ethu Emvula Ayosinda?
EKUQALENI kwaleli khulu leminyaka, ijuba i-passenger pigeon laseNyakatho Melika lashabalala. Ngokunokwenzeka laliyinyoni etholakala ngobuningi kakhulu kwezake zaba khona. Izazi zezinyoni zilinganisela ukuthi emakhulwini amabili eminyaka adlule, inani lalo laliphakathi kwezigidi eziyizinkulungwane ezinhlanu neziyishumi!
Nokho, phakathi neminyaka eyikhulu, inyama yale nyoni eyayibonakala ingenakuphela yanyamalala esenzakalweni esichazwa ngokuthi “ukuncipha okuphawuleka kakhulu [kwezinto eziphilayo] emlandweni.” Itshe lesikhumbuzo le-passenger pigeon eWyalusing State Park, eWisconsin, e-U.S.A., lifundeka kanje: “Le nyoni yaqothulwa ukuhaha nokungacabangi kwabantu.”
Isimo i-passenger pigeon eyabhekana naso sisikhumbuza ukuthi ngisho nezilwane eziningi kakhulu emhlabeni zisengozini yokuhlaselwa umuntu. Ukuhaha nokungacabangi kusadlangile. Futhi namuhla akulona uhlobo olulodwa lwesilwane kodwa sonke isimiso sezinto eziphilayo sisengozini. Uma amahlathi emvula enyamalala, konke okuhlala kuwo—cishe ingxenye yezinto eziphilayo emhlabeni—nakho kuyonyamalala. Ososayensi bathi inhlekelele enjalo iyoba “inhlekelele yezinto eziphilayo enkulu kunazo zonke ezake [zabangelwa] umuntu.”
Yiqiniso, sinolwazi olwengeziwe ngendawo ezungezile kunaseminyakeni eyikhulu edlule. Kodwa lokhu kuqonda akwanele ukunqanda igagasi lokucekela phansi. “Sibhubhisa into eyigugu,” kukhala isazi sezitshalo uManuel Fidalgo, “futhi asinaso isikhathi esisele. Nginovalo lokuthi eminyakeni embalwa ezayo, okuwukuphela kwamahlathi ayobe esele engonakalisiwe kuyoba yilawo asezintabeni abagawuli abangakwazi ukufika kuzo.”
Izazi zemvelo zinokwesaba ngoba kunzima kakhulu ukuvuselela amahlathi emvula. Incwadi ethi The Emerald Realm: Earth’s Precious Rain Forests ngokungagwegwesi ichaza ukuthi ukuvuselela amahlathi “kuthatha kancane futhi kuyabiza, . . . ikhambi lokugcina lokunqanda ukubhujiswa kwamahlathi emvula.” Cishe kungaba izinhlobo ezimbalwa zezihlahla zasehlathini ezingase zitshalwe kabusha, kanti izithombo zazo ziyodinga ukunakekelwa njalo ukuze zingaminyaniswa ukhula.
Ukuthi ihlathi liba lihle njengakuqala yini kungaxhomeka ekutheni indawo elitshalwe kuyo kabusha iseduze kangakanani nehlathi lemvula lokuqala. Ukusondelana kuphela okungenza ukuba indawo etshalwe kabusha ekugcineni ibe namashumi ezinkulungwane zezihlahla ezakha ihlathi lemvula langempela. Ngisho nalapho, le nqubo ingathatha amakhulu eminyaka. Ezinye izindawo ezashiywa eminyakeni eyinkulungwane edlule lapho umphakathi wamaMaya ushabalala azikavuseleleki ngokuphelele.
“Ukubambisana Okusha Komhlaba Wonke”?
Omunye usosayensi wase-Smithsonian Institution, eWashington, D.C., wahlongoza ukuba amaphesenti ayishumi amahlathi emvula akhona manje abekelwe eceleni njengefa lezizukulwane ezizayo, ukuze kulondolozwe izinhlobo zezinto eziphilayo eziningi ngangokunokwenzeka. Okwamanje amaphesenti angaba ngu-8 avikelwe umthetho, kodwa amaningi ala mapaki noma izindawo zombuso zokulondoloza imvelo ziyilokho ngegama nje kuphela, njengoba kungekho mali noma izisebenzi zokuwavikela. Ngokusobala, kumelwe kwenziwe okuthile okwengeziwe.
UPeter Raven, umkhulumeli wokulondolozwa kwamahlathi emvula, uyachaza: “Imizamo yokulondoloza amahlathi emvula idinga ukubambisana okusha komhlaba wonke, ukuqaphela ukuthi abantu kuyo yonke indawo banesandla ekonakaleni komhlaba. Kumelwe kutholakale izindlela zokuqeda ubumpofu nendlala emhlabeni wonke. Kumelwe kumiswe izivumelwano ezintsha phakathi kwamazwe.”
Ukusikisela kwakhe kunengqondo kubantu abaningi. Ukusindisa amahlathi emvula kudinga ikhambi lembulunga yonke—njengoba kunjalo nangezinye izimo eziningi isintu esibhekene nazo. Inkinga isekumisweni ‘kwezivumelwano phakathi kwamazwe’ ngaphambi kokuba kuvele inhlekelele yomhlaba wonke nangaphambi kokuba umonakalo ungabe usalungiseka. Njengoba kusho uPeter Raven, ukubhujiswa kwamahlathi emvula kuhlobene eduze nezinye izinkinga ezingalawuleki emazweni asathuthuka, ezinjengendlala nobumpofu.
Kuze kube manje, imizamo yamazwe ngamazwe yokusingatha lezi zinkinga ayibanga impumelelo. Abanye abantu bayabuza, Ingabe ngolunye usuku amazwe ayozinqoba izithakazelo zawo zobugovu nezingqubuzanayo ukuze afinyelele okuhle, noma ingabe ukufuna “ukubambisana okusha komhlaba wonke” kumane nje kuyiphupho?
Umlando awusinikezi isisekelo sokuba nethemba. Noma kunjalo, kunesici esisodwa esishaywa indiva—umbono woMdali wamahlathi emvula. “Kufanele sikhumbule ukuthi sibhubhisa ingxenye yeNdalo,” kuphawula uProfesa Edward O. Wilson waseHarvard, “kanjalo siphuca zonke izizukulwane zesikhathi esizayo lokho thina esiye sakushiyelwa njengefa.”
Ingabe uMdali womhlaba uyovumela isintu ukuba siwubhubhise ngokuphelele umsebenzi wezandla zakhe? Lokho akunakwenzeka.a Kunalokho, iBhayibheli libikezela ukuthi uNkulunkulu ‘uyochitha labo abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) UNkulunkulu uyolisebenzisa kanjani ikhambi lakhe? Uthembisa ukumisa uMbuso—uhulumeni wasezulwini ohlanganisa zonke izizwe—oyoxazulula zonke izinkinga zomhlaba ‘nongasoze wachithwa.’—Daniyeli 2:44.
UMbuso kaNkulunkulu ngeke nje uqede ukonakalisa komuntu le planethi kuphela kodwa futhi uyoqondisa ukuvuselelwa kobuhle bomhlaba obungokwemvelo. Ekugcineni wonke umhlaba uyoba ipaki lembulunga yonke, njengoba uMdali wethu ayehlosile ekuqaleni. (Genesise 1:28; 2:15; Luka 23:42, 43) Abantu kuyo yonke indawo ‘bayofundiswa uJehova,’ futhi bayofunda ukuthanda nokwazisa yonke indalo yakhe, kuhlanganise namahlathi emvula.—Isaya 54:13.
Echaza leso sikhathi esibusisiwe, umhubi wabhala: “Ijabule imithi yonke yehlathi ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.”—IHubo 96:12, 13.
Ngokujabulisayo, ikusasa lamahlathi emvula alixhomekile ekukhathaleleni—noma ekuhaheni—kwabantu. IBhayibheli lisinikeza isizathu sokuqiniseka ukuthi uMdali wethu ngokwakhe uyongenela ukuze avikele amahlathi ethu emvula. Ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe, izizukulwane ezizayo ziyobona inkazimulo yamahlathi emvula.—IsAmbulo 21:1-4.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokuthakazelisayo, abalondolozi bemvelo abafuna ukulondoloza izilwane nezitshalo eziningi ngangokunokwenzeka bachaza umsebenzi wabo ngokuthi “isimiso sikaNowa,” njengoba uNowa ayalwa ukuba afake emkhunjini ‘zonke izilwane zenhlobo yonke yenyama.’ (Genesise 6:19) “Ukuba khona [kwezinto eziphilayo] isikhathi eside emvelweni kubonakala kuhambisana nelungelo elingenakuphikiswa lokuqhubeka zikhona,” kusho isazi sezinto eziphilayo uDavid Ehrenfeld.