Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukugula Sangishukumisa isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingabhekana Kanjani Nokugula Kangaka?” (June 22, 1997) Ngiyabatusa oJason, u-Ashley noCarmen ngendlela enhle kangaka ababhekana ngayo nokugula kwabo.
R. D., France
Iseluleko enisinikezayo siwusizo, siyashukumisa futhi siyaphumelela. Indaba ka-Ashley yangikhuthaza kakhulu. Ngiyisikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Iphuzu lokuthi kunabantu abangathanda ngempela ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele kodwa abangakwazi ukwenza kanjalo ngenxa yempilo liye langikhuthaza ukuba ngiphikelele naphezu kobunzima enginabo.
D. I., Albania
Selokhu ngathola ukuthi ngine-Crohn’s disease, sengiye ngalaliswa esibhedlela izikhathi ezingaphezu kweziyishumi futhi kwadingeka ngihlinzwe kabili. Nokho, sengiqede iminyaka emine ngikhonza ensimini engayodwa lapha ezweni engingazalelwanga kulo. Futhi nakuba impilo yami isalokhu ingeyinhle, iye yathuthuka kakhulu. Lezi zihloko zaba isikhuthazo esikhulu kimina.
G. H., Ecuador
Izilwane Zasendle Eziphelayo Ngenza izifundo zesayensi yokuphila kwezilwane, futhi uchungechunge oluthi “Ubani Oyovikela Izilwane Zethu?” lwangithinta inhliziyo ngempela. (July 8, 1997) Ngithemba ukuthi abantu abafunda lezi zihloko bayoqaphela indlela ukuhaha nonya okuye kwazithinta ngayo izinto eziningi eziphilayo.
G. H., United States
Njengomshisekeli wezilwane zasendle, ngakujabulela ukufunda izihloko zenu. Ama-zoo enza okukhulu ukuze asize izinhlobo zezinto eziphilayo ezisengozini. Kodwa uma ama-zoo eyithemba lokugcina lezilwane zasendle, khona-ke ngokuqinisekile zisengozini. Ukukhipha izilwane endaweni yazo engokwemvelo bese zizalaniswa emahlathini abiyelwe ngokhonkolo akulona ikhambi.
M. T., Canada
Nakuba imizamo enjalo yokulondoloza imvelo incomeka, sikholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi elihlala njalo lokuphathwa kwengcebo yomhlaba. (Isaya 11:9)—ED.
Ukuphepha Ezilwaneni Ezifuyiwe Ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Ingabe Abantwana Baphephile Enjeni Yakho?” (July 8, 1997) Sekuyiminyaka engu-18 ngingumqeqeshi wezinja onguchwepheshe futhi njalo ngizama ukugcizelela ukubaluleka kokuqeqesha izinja nokuzinakekela ngokomuntu siqu. Ngahlabeka umxhwele lapho ngifunda lesi sihloko esifundisayo futhi ngajabula ukubona ukuthi umqeqeshi okwaxoxwa naye usebenzisa ukuqeqesha okufana nokwethu. Ngithemba ukuthi bonke abanikazi bezinja bazosifunda futhi basisebenzise lesi seluleko.
B. C., United States
Ngingathanda ukunezela iphuzu elilodwa: Izinja zivele zithatheke lapho zibona ukudla. Ingane ephethe i-hot dog noma uswidi lapho idlula phambi kwenja ingaba sengozini. Inja isuke ingahlosile ukuba nolaka, kodwa lapho izama ukugxumela ukudla, ingase ilume isandla sengane. Abazali balulekwa ukuba bacophelele kule ndaba.
K. S., United States
Siyawazisa lawa maphuzu engeziwe.—ED.
Izindlela Zokuphila Eziyingozi Ngasijabulela isihloko esithi “Izindlela Zokuphila Eziyingozi—Zibangela Izindleko Ezingakanani?” (July 22, 1997) Njengosemusha ongumKristu, ngibhekana nezilingo eziningi. Kodwa lesi sihloko sangenza ngabona ngempela ukuthi ngokulandela izimiso zeBhayibheli, sigwema izifo nokulimala.
R. K., United States
Izigubhu Ezikhulumayo Ngemva kokufunda isihloko esihle esithi “Ingabe Izigubhu Zase-Afrika Ziyakhuluma Ngempela?” (July 22, 1997), ngaya kumkhulu, onekhulu leminyaka ubudala, ngiyobuza ukuthi iyiqiniso kangakanani le ndaba. Wayiqinisekisa yonke njengoba injalo, futhi ngahlabeka umxhwele!
G. M. O., Nigeria