Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 7/22 k. 31
  • Cophelela Ekukhetheni Ezokuzijabulisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Cophelela Ekukhetheni Ezokuzijabulisa
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokukhetha Ezokuzijabulisa Ezakhayo
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ungazithola Ezokuzijabulisa Ezakhayo
    I-Phaphama!—1997
  • Khetha Izinto Zokuzijabulisa Ezithokozisa UJehova
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Kukhethe Ngokuhlakanipha Ozozijabulisa Ngakho
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 7/22 k. 31

Cophelela Ekukhetheni Ezokuzijabulisa

Ukuzijabulisa kuzithonya kanjani izingane? U-Alvin Poussaint, onguthisha nongudokotela osesebenzelane nezingane iminyaka engaba ngu-30, uyaqiniseka ukuthi ukubukela amafilimu aveza ubulili nobudlova kufundisa intsha ukuthi ukuziphatha okunjalo kulungile. Uveza enye ingozi futhi: “Ngiye ngabona izingane ezivela kulawo mabhayisikobho zigcwele ukwesaba—noma zinonya kakhulu. Ngiye ngabona ezinye ziqala futhi ukunkonkoshela abantu noma ukuncela isithupha noma ukuchama uma zilele ebusuku.” Ngokwalo dokotela, ochwepheshe baye baqinisekisa ezinye izimo ezingabangela ukuziphatha okunjalo—ukuhlukunyezwa ngokomzimba noma ukunukubezwa ngokobulili noma ukuhlala endaweni enempi, uma kubalwa nje ezimbalwa. Uyachaza: “Akekho kithina ongafaka ingane yakhe ngamabomu kulezo zimo, kodwa asenzi lutho ukuzivimbela ukuba zibuke amabhayisikobho aveza izinto ebesingashaqeka uma sizibona zizibuka kwenye indawo.”

AmaKristu anesizathu esihle sokuba akhethayo naqikelelayo ukuthi ukuzijabulisa akukhethayo akuphuli izimiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, iHubo 11:5 lithi: “UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.” Kanti umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokukhanuka . . . Kulahleleni kude ngempela nani konke, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo echaphayo, nokukhuluma okuyichilo okuphuma emlonyeni wenu.”—Kolose 3:5, 8.

Ngakho-ke, abazali kufanele baqaphele ukuthi ukuzijabulisa abakukhethela izingane zabo—nabazikhethela kona ngokwabo—akukhuthazi “imisebenzi yenyama.” (Galathiya 5:19-21) Kumelwe babe abakhethayo, becabangela kokubili uhlobo lokuzijabulisa kwabo nokuthi kungakanani.—Efesu 5:15-17.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela