Izinkolelo-ze Ezivamile Ngezinyoka
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENDIYA
Imfezi emincikayo yaphiqilika yaqonda entombazaneni, idonswa iphunga lezimbali ze-“jasmine” ezinweleni zayo. Umzimba wayo omude washona uvumbuluka njengamagagasi olwandle. Le ntombazane yabona unyazi esiphongweni senyoka sengathi itshe eliyigugu elibenyezelayo njengoba inyoka yayiyigqolozele ngendlela elutha ingqondo. Ngokungazelelwe, inyoka yandizela emoyeni yayigxavuna ngamazinyo ayo amade ezingalweni.
IQINISO noma inkolelo-ze? Yonke le nto eshiwo ngenhla ingamanga, asekelwe emibonweni evamile eyiphutha. Cabangela ezinye zalezi zinkolelo-ze.
1. Iphunga le-jasmine, i-sandalwood nelokunye lidonsa izinyoka. AMANGA. Leli phunga lidonsa izinambuzane, izinambuzane zidonsa amaxoxo, bese kuthi amaxoxo, adliwa izinyoka, adonse izinyoka.
2. Izinyoka zihamba ngokumisa umzimba bese ushona uvumbuluka. AMANGA. Abantu bacabanga kanjalo uma izinyoka zihamba ematsheni amakhulu. Ngokuvamile izimfezi nezinye izinyoka zihamba phansi ziqonde. Kuphakathi kokuthi zinweba ingxenye engaphambili yomzimba wazo iye phambili bese zidonsa engemuva noma, ziphiqilike ngenxa yezinto eziqhubukushe enhlabathini bese ziya phambili zibukeke njengohlamvu u-S.
3. Ezinye izinyoka zinetshe eliyigugu ekhanda lazo. AMANGA. Inganekwane, ehambisana nenkolelo yokuthi amadoda adumile eNdiya yasendulo ayevikelwa izimfezi.
4. Izimfezi zilutha ingqondo yesisulu sazo. AMANGA. Ngokuvamile inyoka iyakugqolozela uma yesaba, ngakho-ke lapho abantu behlangana nenyoka bacabanga ukuthi igqolozela ngendlela elutha ingqondo. Nokho, ayisebenzisi le ndlela ukuze ibambe isisulu.
5. Izimfezi ziziphonsa esisulwini sazo. AMANGA. Imfezi iphonsa ingxenye engaphambili yomzimba wayo ukuze ihlasele isisulu, kodwa ingxenye enkulu yomzimba wayo isala enhlabathini ukuze umzimba wayo ungasuki phansi. Ezikhathini eziningi, ingxenye eyodwa kwezintathu yomzimba wayo iyaphakama, bese igadla ukuze ihlasele.
6. Isikhumba sezinyoka, kuhlanganise nezimfezi, siyamincika futhi sihlala sibanda. AMANGA. Isikhumba sezinyoka, somile futhi sizwakala njengesikhumba esithambile uma usithinta. Izinyoka ziyizidalwa ezinegazi elibandayo; izinga lokushisa kwemizimba yazo lincike ekushintsheni kwezinga lokushisa elingaphandle.
7. Izimfezi ziyizithulu. AMANGA. Umbono oyiphutha abaningi abanawo. Bacabanga ukuthi inyoka izwa kuphela ngokundindizela okusenhlabathini ekuzwa ngomzimba wayo. IBhayibheli, kumaHubo 58:4, 5 (NW) libonisa ngokucacile ukuthi izimfezi azizona izithulu. Ucwaningo lwakamuva luye lwabonisa ukuthi izimfezi zingezwa umsindo osemoyeni nokuthi ziyasabela emsindweni wenyanga esebenza ngezinyoka.—Bheka ne-Phaphama! ka-July 22, 1993, ikhasi 31.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
Top snake: Animals/Jim Harter/Dover Publications, Inc.