Wayengubani UJesu Kristu?
Ngalesi sikhathi sonyaka emazweni amaningi emhlabeni jikelele, kugujwa uKhisimusi. Abantu abangamakhulu ezigidi bakholelwa ukuthi uJesu Kristu wazalwa ngo-December 25 eminyakeni engaba ngu-2000 edlule. Kunemidwebo nezithombe ezihlukahlukene ezimveza eyingane emkhombeni. Kodwa-ke, wakhula waba yindoda futhi waphila emhlabeni iminyaka engu-33 nesigamu.
INGABE wake wazibuza ukuthi uJesu wayebukeka kanjani lapho esemdala? Wayenebala elinjani? Ingabe wayeyisidlakela futhi eyigeza, noma wayebuthaka ebukeka sengathi uyagula, njengoba imidwebo yabadwebi abahlukahlukene iye yamveza enjalo emakhulwini eminyaka? Ingabe wayenentshebe noma wayengenayo? Ingabe wayenezinwele ezinde?
Ingabe uJesu wayenokukhanya kobungcwele, okunjengokukhanya okusamqhele ekhanda lakhe abanye abadwebi abamdweba enakho? Noma ingabe wayehlukile ngempela—engenazo izici ezimehlukanisayo futhi engahlukile kwabanye abantu?
Sekuyiminyaka eminingi izazi-mlando nabadwebi beveza imibono engqubuzanayo ngokuphathelene nokuthi uJesu wayebukeka kanjani. Ngaphezu kwalokho, sinemibono enokwethenjelwa evela ekulandiseni kofakazi bokuzibonela eyabhalwa abalobi beBhayibheli ababephila ekhulwini lokuqala leminyaka nababehamba naye.
Nokho, imibuzo ebaluleke ngaphezu kokuthi wayebukeka kanjani yilena elandelayo: Wayengubani ngempela uJesu Kristu? Unayiphi indima enjongweni kaNkulunkulu? Ingabe uyifezile leyo ndima? Uyini namuhla, futhi ukuphi? Ingabe unesikhundla esibaluleke kangangokuba siyothinta sonke isintu, ngisho nabaningi abafile?
Okokuqala, ake sihlole ubufakazi obuphathelene nokubukeka kukaJesu. Wayebukeka kanjani?