Linobuthi Kangakanani Ikhaya Lakho?
NGOKUKAMAGAZINI i-Scientific American, ukuhlola kwamuva okwenziwa kubantu abangaphezu kuka-3000 e-United States naseCanada, kwabonisa ukuthi “izakhamuzi eziningi zazisethubeni elikhulu lokuthintana nezinto ezingcolisayo ezinobuthi . . . ezindaweni ngokuyinhloko ezazizibheka njengezingenakho ukungcola, njengamakhaya, amahhovisi nezimoto.” Izinto ngokuyinhloko ezingcolisa umoya emakhaya kwakuwumhwamuko ovela ezintweni ezijwayelekile njengenhlanganisela yezinto zokuhlanza, izibulala-zinambuzane, izinto zokwakha, izinto zokubasa, iziqeda-phunga nezibulala-magciwane, kanye namakhemikhali asezimpahleni eziwashwe elondolo nezinto ezintsha zokumboza izihlalo.
“I-space flu,” ukugula okwakuphatha abahamba ngomkhumbi-mkhathi okwakungaziwa ukuthi kubangelwa yini, kwakubangelwa intuthu enjalo, noma “ukukhipha igesi.” Uthola ukukhishwa kwegesi uma uhlala emotweni entsha, noma uhamba eduze kwamashalofu anemikhiqizo yokuhlanza ezitolo, ngisho noma ivaliwe. Ngakho-ke, uma indlu ivalwe ngcí, ngokwesibonelo ukuze kuvinjelwe ukubanda kwasebusika, ukukhishwa kwegesi ikhishwa amakhemikhali ahlukahlukene kungase kwenezele ezingeni lokungcola kwangaphakathi okukudlula kude ukungcola kwangaphandle.
Izingane, ikakhulukazi ezikhasayo, yizona ezisengozini kakhulu yezinto zasendlini ezingcolisayo, kusho i-Medical Post yaseCanada. Zisondele kakhulu phansi kunabantu abadala; ziphefumula ngokushesha kakhulu kunabantu abadala; zichitha isikhathi esingaba amaphesenti angu-90 zisendlini; futhi imizimba yazo ingenwa kalula ubuthi ngenxa yokuthi ayikaqini. Zingenwa cishe amaphesenti angu-40 omthofu osezintweni ezithile, kuyilapho abadala bengenwa cishe amaphesenti ayishumi.
Ukulondoloza Umbono Olinganiselwe
Ngenxa yokuthi isizukulwane sanamuhla sabantu siye sasebenzisa amakhemikhali ngezinga elingakaze libonwe ngaphambili, kusenokuningi okuzofundwa ngemiphumela yawo, ngakho-ke ososayensi bahlala beqaphile. Ukusebenzisa amakhemikhali akusho ukuthi umuntu sekufanele esabe umdlavuza noma ukufa. Yiqiniso, abantu abaningi babonakala bekwazi ukumelana nakho, kube udumo loMdali womzimba womuntu omangalisayo. (IHubo 139:14) Noma kunjalo, kumelwe sithathe izinyathelo zokuqapha ezinengqondo, ikakhulukazi uma sijwayele ukusebenzisa amakhemikhali okungenzeka abe nobuthi.
Incwadi ethi Chemical Alert! ithi “amanye amakhemikhali anobuthi ngomqondo wokuthi aphazamisa izinqubo [zomzimba] futhi ngaleyo ndlela akhiqize izimpawu ezingaqondakali ezingamane nje zichazwe ngokuthi ukungazizwa kahle.” Ukunciphisa ukusebenzisa amakhemikhali ayingozi akudingi ngempela izinguquko ezinkulu endleleni yokuphila kodwa ukushintsha izintwanyana ezithile endleleni yethu yansuku zonke. Sicela uphawule ukusikisela okusebhokisini elisekhasini 8. Okunye kwako kungase kukusize.
Ngaphezu kokuthatha izinyathelo zokuphepha ezidingekayo ngamakhemikhali, siyazisiza uma sigwema ukukhathazeka ngokweqile, ikakhulukazi ngezinto esingenakwenza lutho ngazo. “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama,” kusho iBhayibheli encwadini yezAga 14:30.
Nokho, abantu abaningi bayahlupheka futhi bagule, ngezinye izikhathi baphathwe izifo ezibulalayo ngenxa yobuthi bamakhemikhali.a Njengezigidi zabantu abahlushwa yizinto eziningi namuhla, labo abahlushwa izifo ezibangelwa amakhemikhali banesizathu sangempela sokuthembela esikhathini esizayo, ngoba ngokushesha umhlaba uzokhululeka ebuthini obulimaza izakhamuzi zawo. Ngisho nokucabanga nje ngobuthi, nezinto ezinobuthi, kuyoba izinto zesikhathi esidlule, njengoba isihloko sokugcina kulolu chungechunge sizobonisa.
[Imibhalo waphansi]
a Eminyakeni yamuva inani elandayo labantu belihlushwa yinto enobizwa ngokuthi i-multiple chemical sensitivity. Le kuzoxoxwa ngayo kumagazini we-Phaphama! olandelayo.
[Ibhokisi ekhasini 8]
Ukuze Ube Nekhaya Elinempilo Nelilondekile
Ukunciphisa ukusebenzisa izinto ezinobuthi ngokuvamile kudinga ukushintsha izintwanyana ezithile kuphela endleleni yakho yokuphila. Nakhu okunye ukusikisela okungase kukusize. (Ukuze uthole eminye imininingwane eqondile, sisikisela ukuba uye emtatsheni wezincwadi wangakini.)
1. Zama ukugcina amakhemikhali amaningi ahwamukayo endaweni angeke angcolise kuyo umoya osemzini wakho. Lawa makhemikhali ahlanganisa i-formaldehyde nemikhiqizo enoketshezi oluhwamukayo, njengopende, ivanishi, izinto zokunamathelisa, izibulala-zinambuzane nezinto zokuhlanza. Imikhiqizo ehwamukayo kaphethiloli ikhipha umhwamuko onobuthi. Leli qembu lihlanganisa i-benzene, okuthi uma iningi kakhulu isikhathi eside, ibange umdlavuza, izinkinga zokuzala nokunye ukulimala ekuzaleni.
2. Yiba nendlela ekahle yokungenisa umoya kuwo wonke amakamelo, kuhlanganise nasendlini yokugezela. Ukugezela eshaweni kuhwamukisa ezinye izinto eziyisithasiselo ezingase zibe semanzini njenge-chlorine. Loku kungabangela ukunqwabelana kwe-chlorine ngisho ne-chloroform.
3. Thintitha izinyawo ngaphambi kokungena endlini. I-Scientific American ithi lesi senzo esilula, singanciphisa umthofu okukhaphethi ngezinga lokukodwa kokuyisithupha. Futhi kunciphisa nezibulala-zinambuzane, eziphela ngokushesha ngaphandle elangeni, kodwa ezingahlala iminyaka kukhaphethi. Okunye ongakwenza, okuyisiko elivamile kwezinye izingxenye zomhlaba, ukukhumula izicathulo. I-vacuum cleaner ekahle, ikakhulukazi le enebhulashi eliphendukayo, nayo ingakunciphisa ukungcola okukukhaphethi.
4. Uma usebenzisa izibulala-zinambuzane endlini, ungawabeki amathoyizi kuleyo ndlu okungenani amasonto amabili, ngisho nakuba zona zingase zibhalwe ukuthi indlu iphephile emahoreni athile ngemva kokuzisebenzisa. Ososayensi muva nje bathole ukuthi amapulasitiki athile nokusagwebu okutholakala emathoyizini, kugcina izinsalela zesibulala-zinambuzane njengesiponji. Ubuthi buyongena ngesikhumba noma ngomlomo ezinganeni.
5. Ungazisebenzisi kakhulu izibulala-zinambuzane. Encwadini yakhe ethi Since Silent Spring, uFrank Graham, Jr., wathi izibulala-zinambuzane, “zinendawo yazo ekhaya nasengadini, kodwa imikhankaso yokudayisa iye yakholisa umuntu ovamile wasedolobheni ukuthi kufanele ahlale enenqwaba yamakhemikhali anele ukuba amelane nokuhlasela kwentethe yase-Afrika.”
6. Susa upende oxebukile onomthofu kuzo zonke izindawo, futhi upende kabusha ngopende ongenawo umthofu. Ungazivumeli izingane ukuba zidlale endaweni engcoliswe upende onomthofu. Uma usola ukuthi kukhona umthofu emapayipini amanzi, kumelwe uvulele umpompi wamanzi abandayo lize lishintshe ngokuphawulekayo izinga lawo lokushisa nokubanda futhi amanzi aphuma kumpompi onamanzi ashisaya akufanele asetshenziselwe ukuphuza.—Environmental Poisons in Our Food.
[Isithombe ekhasini 9]
Izingane ezikhasayo yizona ezisengozini kakhulu yezinto zasendlini ezingcolisayo