Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukuzibulala Kwentsha Ngifisa ukunibonga kakhulu ngochungechunge lwezihloko ezithi “Liyini Ithemba Ngentsha Yanamuhla?” (September 8, 1998) Ngafikelwa yizinyembezi. Ngiye ngazama ukuzibulala izikhathi eziningi. Kodwa ngiyajabula ngokuthi angizange ngiphumelele.
A. Z., Czech Republic
Lezi zihloko zazibonisa ukuqonda okukhulu ekusingatheni le ndaba ebalulekile. Ekuqaleni kwalo nyaka, ngazama ukuzibulala ngoba ngangicindezelekile ngenxa yokugula. Ngiyabonga ngalezi zihloko ezafika ngesikhathi. Zasindisa ukuphila kwami.
R. P., England
Ngokudabukisayo, kunabafundi ababili ekilasini lethu abaye bazama ukuzibulala. Omunye wenza lokho ngoba lapho ebheka ikusasa lakhe, wayengenathemba—wayebona ubunzima okwakumelwe abhekane nabo kuphela. Ngakho-ke, lesi sihloko saba usizo, ngoba sachaza ngokucacile nangokuqondile ukuthi ukuphila kwethu kungaba nenjongo kanjani esikhathini esizayo.
R. D., Spain
Isihloko senu sangithinta inhliziyo. Kwakusengathi uJehova ukhuluma nami njengoBaba onothando. Lapho ngiseyingane, ubaba wayengixhaphaza. Ngiye ngazizwa ngingelutho futhi ngacabanga ukuzibulala izikhathi eziningi. Kodwa njengoba isihloko senu sasikisela, manje sengihlakulela ukulangazelela “ukuphila kwangempela.”—1 Thimothewu 6:19.
S. R., Brazil
Ngiyabonga, ikakhulukazi ngokucaphuna lokho okushiwo yintsha, okuningi kwako okwakuqukethe amakhambi ezinkinga ngamazwi nje ambalwa.
W. H., Germany
Ukuthola Imali Ngibonga kakhulu ngokuzinika kwenu ithuba lokunyathelisa isihloko esifundisayo esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingayithola Kanjani Imali?” (August 22, 1998) Kwakunzima ukuthola umsebenzi. Kodwa ngasebenzisa ukusikisela kwenu futhi ekugcineni ngawuthola umsebenzi!
S. D., Ghana
Ulimi Lwezandla Ngemva kokufunda isihloko senu esithi “Ulimi Olubonayo!” (September 8, 1998), ngiye ngashukumiseleka ukuba nginibhalele ngibonge. Izihloko ezinjengalesi zisisiza ukuba sibaqonde abanye abangaphansi kwezimo ezihlukile kwezethu. Nginomngane owazalwa eyisithulu, futhi bengifuna ukufunda ulimi lwezandla. Kodwa ngenxa yesizathu esithile, angikaze ngisithole isikhathi sokulufunda. Kodwa manje ngeke ngisapholisa maseko ekulufundeni!
M. E., England
Ngifisa ukunibonga ngomzamo omkhulu eniwenzayo ukuze nisekele izithulu. Ngahambisela iziphathimandla zikahulumeni amakhophi ezihloko zenu. Ngenxa yokuthi zazibhalwe kahle, zacela amakhophi engeziwe! Ngabonisa nowesifazane owayengafuni ukuba indodakazi yakhe eyisithulu ifunde iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngemva kokufunda lesi sihloko, wakhala izinyembezi zenjabulo. Manje uyayisekela indodakazi yakhe ukuze iye emihlanganweni yobuKristu futhi uthembisé ngisho nokuyikhokhela ukuze iye emhlanganweni wesigodi wamaKristu!
E. R., Mexico
Ngifisa ukunitshela ukuthi ngasijabulela kakhulu kangakanani lesi sihloko. Nganginomgomo wokufunda uLimi Lwezandla LwaseMelika ukuze ngiyosiza ebandleni loFakazi BakaJehova elisebenzisa ulimi lwezandla. Kodwa ngadangala. Lesi sihloko sanginika isikhuthazo engisidingayo ukuze ngifinyelele umgomo wami!
N. D., United States
Kwakuthakazelisa ukwazi ukuthi iZithulu zicabanga ngolimi lwazo lwezandla. Njengomuntu ozwayo, ngizokuphaphamela ukuthola izindlela ezifanele zokuxoxa neZithulu.
P. H., United States