Ungazikhethela Ikusasa Lakho
NAKUBA ukubhula kwakubhekwa “njengentuthuko enkulu yokuhlakanipha kwasendulo,” kodwa “kwakuwubuciko obungathandeki kubaprofethi abangamaHeberu,” kuphawula isazi semivubukulo uJoan Oates. Ngani?
Nakuba ayezungezwe yizizwe ezazinombono wokuthi ukuphila kunqunywe kusengaphambili, ama-Israyeli asendulo ayewenqaba umbono wokuthi kunamandla angalawuleki aqondisa ukuphila kwawo. Lapho enikeza lesi sizwe imiyalo, uNkulunkulu wathi kuso: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma . . . umthakathi.”—Duteronomi 18:10, 11.
Ngaphandle kokukholelwa ekudalelweni noma ukusebenzisa ababikezeli benhlanhla, ama-Israyeli ayeqiniseka ngesikhathi esizayo. Ichaza isizathu salokhu, i-encyclopedia yesiFulentshi yamaKatolika i-Théo ibonisa ukuthi lesi sizwe sasikholelwa ukuthi “umuntu nomhlaba babengezona izisulu zamandla athile angalawuleki. UNkulunkulu wayenenjongo ngomuntu.” Yayiyini le njongo?
Ukudalelwa Nenkululeko Yokuzikhethela
UNkulunkulu wathembisa ama-Israyeli ukuthula nokuchuma uma elalela imithetho yakhe. (Levitikusi 26:3-6) Ngaphezu kwalokho, ayebheke kuMesiya owayezoletha izimo zokulunga emhlabeni. (Isaya, isahluko 11) Nokho, iqiniso lokuthi uNkulunkulu wayethembise lezi zinto lalingasho ukuthi abantu babengayekelela nje izinto zizenzakalele. Ngokuphambene nalokho, batshelwa: “Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho.”—UmShumayeli 9:10.
Lokhu kwakuxhomeke enkululekweni yokuzikhethela. Ama-Israyeli ayekhululekile ukukhonza uNkulunkulu nokunquma ikusasa lawo. UNkulunkulu wawathembisa: “Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho.” (Duteronomi 11:13, 14) Ama-Israyeli ayethola izibusiso zikaNkulunkulu uma elalela.
Ngaphambi nje kokuba isizwe sakwa-Israyeli singene ezweni ayesithembise lona, uNkulunkulu wasinikeza ithuba lokuzikhethela: “Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi.” (Duteronomi 30:15) Ikusasa lomuntu ngamunye lalixhomeke ezenzweni nasezinqumweni zakhe. Ukukhonza uNkulunkulu kwakuyosho ukuphila nezibusiso, kanti ukwenqaba ukwenza kanjalo kwakuyoletha ubunzima. Kodwa kuthiwani namuhla?
Izimbangela Nomphumela Wazo
Sibuswa yimithetho eminingi yemvelo ebekelwe inzuzo yethu. Omunye wale mithetho umthetho wembangela nomphumela, noma njengoba iBhayibheli likubeka, “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Uma siqaphela lesi simiso, singase sikwazi ukubikezela ezinye izenzakalo zesikhathi esizayo.
Uma sishayela budedengu ngesivinini esikhulu, makhulu amathuba okuba sithole ingozi kunalapho sishayela ngokucophelela. Uma sibhema, makhulu amathuba okuba sibe nomdlavuza kunalapho singabhemi. Yiqiniso, izenzo ezinjengokuhlasela kobuphekula okukhulunywe ngako esihlokweni sokuqala salolu chungechunge kubonakala sengathi ngeke zisehlele, futhi ukucabanga ngamathuba okuba zenzeke ngeke kusisize. Kodwa-ke, ukuphendukela embonweni wokudalelwa ngeke kusizuzise. Akusinikezi ulwazi ngesikhathi samanje noma esizayo. Ukukholelwa emangeni akunikezi isiqinisekiso sangempela sesikhathi esizayo. Kunjalo nokucabanga ukuthi uNkulunkulu ubangela zonke izenzakalo.
Liyoba Yini Ikusasa Lakho?
Ikusasa lethu alinqunyiwe kusengaphambili kodwa linqunywa isikhathi samanje. Nakuba ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu, iBhayibheli libonisa ukuthi sinendima eyinhloko esiyifezayo ekunqumeni isikhathi sethu samanje nekusasa lethu. Iqiniso lokuthi singakhetha ukuthokozisa uNkulunkulu, noma ngakolunye uhlangothi simdumaze, libonisa ukuthi uNkulunkulu usinikeze amandla athile okulawula ukuphila kwethu.—Genesise 6:6; IHubo 78:40; IzAga 27:11.
Ngaphezu kwalokho, imiBhalo Engcwele igcizelela ngokuphindaphindiwe ukuthi ikusasa lethu lihlobene nokukhuthazela kwethu nenkambo yokuphila, obekuyoba yize ukube izinto bese zinqunyiwe kakade. (Mathewu 24:13; Luka 10:25-28) Khona-ke, uma sikhetha ukulalela uNkulunkulu futhi sithembeke kuye, singalindela ikusasa elinjani?
IBhayibheli lembula ukuthi isintu sinekusasa eliqhakazile. Umhlaba uyoguqulwa ube yipharadesi lapho kuyobusa khona ukuthula nokulondeka. (IHubo 37:9-11; 46:8, 9) Lelo kusasa liqinisekile ngoba uMdali onamandla onke uyogcwalisa izithembiso zakhe. (Isaya 55:11) Kodwa-ke ukubusiswa kwethu ngokuphila ePharadesi akunqunywa ukudalelwa; siyokujabulela ngenxa yokwenza intando kaNkulunkulu ngokuthobeka esikhathini samanje. (2 Thesalonika 1:6-8; IsAmbulo 7:14, 15) UNkulunkulu usinike inkululeko yokuzikhethela futhi uyasikhuthaza: “Khethani ukuphila ukuba niphile.” (Duteronomi 30:19) Uyokhethani? Ikusasa lakho lisezandleni zakho, alinqunywa ukudalelwa.
[Izithombe ekhasini 10]
UNkulunkulu uhlose ukunikeza isintu esilalelayo ikusasa elimangalisayo