Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 11/22 k. 24-k. 25 isig. 1
  • Izingcweti Zokundiza Ezincane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingcweti Zokundiza Ezincane
  • I-Phaphama!—1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • I-Haltere Lempukane
    I-Phaphama!—2012
  • IMPUKUVANE Ingabe Iyisiqalekiso Sase-afrika?
    I-Phaphama!—1996
  • Izinambuzane Ezimangalisayo Zenza Izindiza-mshini Zabantu Zingabi Yilutho
    I-Phaphama!—1992
  • Lezo Zimpukane Ezinyanyekayo—Ingabe Ziwusizo Kakhulu Kunokuba Ucabanga?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 11/22 k. 24-k. 25 isig. 1

Izingcweti Zokundiza Ezincane

SHWI! Into yokushaya izimpukane ishaya umoya lapho uthi ushaya impukane. Kodwa impukane ishaya ichithe, iyaluze isikhashana, ibuye ime bese ibheka phansi ophahleni lwangaphakathi, sengathi iyihleka usulu imizamo yakho yokuyibulala. Isinambuzane esindizayo esimangalisayo! Ngempela, umkhaya wezimpukane ogcwele yonke indawo uyizingcweti zokundiza phakathi kwezinambuzane, ngokwengxenye ngenxa yezitho ezenezelwe esifubeni eziklanywe ngobungcweti ezibizwa ngokuthi ama-haltere.

Njengomhlanga onamachopho angamaqhuqhuva, la ma-haltere amabili aqhubukusha esifubeni sempukane, ngemuva nje kwezimpiko zayo ezimbili. (Bheka umfanekiso ekhasini elilandelayo.) Uma izimpiko zempukane ziqala ukubhakuza, nama-haltere aqala ukubhakuza—ngendlela efanayo, izikhathi ezingamakhulu umzuzwana ngamunye. Empeleni, ama-haltere anjengama-gyroscope amancane asiza impukane ukuba indize. Athumela umbiko ebuchosheni bempukane lapho ijika, njengalapho isuke ipheshulwa isivunguvungu noma umoya wento yokubulala izimpukane noma iphebezwa ngephephandaba ukuze ibulawe. Ama-haltere atshela impukane ngokushesha ukuthi iyaphambuka, iyaphenduka, noma ijika ngecele, njengoba nje i-gyroscope endizeni itshela umshayeli okufanayo, nakuba yona isilela kakhulu. Ngokushesha impukane ibe isishintsha kalula lapho indiza.

Ngokungafani nama-gyroscope avamile ashwibekayo, ama-haltere aya ngapha nangapha. Kodwa awalengi noma ame aqonde empukaneni; aphuma ashone emaceleni. Uma ama-haltere eseke anyakaza, aya emuva naphambili, noma aye ohlangothini olulodwa ngenxa yokuhamba kwempukane. Ngakho-ke lapho umzimba wempukane ushintsha isimo sawo emoyeni, umoya ujikisa la ma-haltere ngaphansi, lapho kukhona khona izinzwa ezithungatha izinga lokujika. Ubuchopho buhlaziya lo mbiko wezinzwa bese ngokuzenzakalelayo buqondisa izimpiko ukuba zindize kahle—ngokuphazima kweso.

Eqinisweni, ama-haltere angamanye amathuluzi akhethekile atholakala ezimpukaneni, umkhaya onezimpiko ezimbili onezinhlobo ezingaba ngu-100 000 ezihlanganisa izibawu, izimpukane, ama-blowfly, ama-fruit fly, izimpukuvane, ama-sand fly nama-crane fly. Ama-gyroscope azo awubungcweti enza izimpukane zibe nekhono lokuntweza emoyeni elingcono kunelanoma yimuphi umkhaya wezinambuzane ezindizayo. Ngempela, lesi sinambuzane esingathandeki sinikeza ubufakazi bokuthi uMdali unguchwepheshe kwezesayensi.

[Isithombe ekhasini 24]

Ukuphambuka

[Isithombe ekhasini 24]

Ukuphenduka

[Isithombe ekhasini 24]

Ukujika ngecele

[Isithombe ekhasini 25]

I-“soldier fly” (umfanekiso okhulisiwe), kuboniswe ama-“haltere”

[Umthombo]

© Kjell B. Sandved/Visuals Unlimited

[Izithombe ekhasini 25]

Impukane evamile

I-“crane fly”

[Umthombo]

Animals/Jim Harter/Dover Publications, Inc.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Century Dictionary

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela