Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 11/22 k. 26-k. 27
  • Ingabe Umuzi Wakho Uphephile?—Izinto Ezingu-20 Okufanele Uzihlole

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umuzi Wakho Uphephile?—Izinto Ezingu-20 Okufanele Uzihlole
  • I-Phaphama!—1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Vikela Ingane Yakho Ezingozini
    I-Phaphama!—1999
  • Umlilo! Yisiphi Isicisha-mlilo Okufanele Usisebenzise?
    I-Phaphama!—2001
  • Ikhishi Lingaba Indawo Ejabulisayo
    I-Phaphama!—1997
  • Bazali—Khethani Amathoyizi Omntwana Wenu Ngokuhlakanipha
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 11/22 k. 26-k. 27

Ingabe Umuzi Wakho Uphephile?—Izinto Ezingu-20 Okufanele Uzihlole

“NGAZE ngafika ekhaya!” Mhlawumbe uzizwa weneme ngemva kosuku olumatasa, ujabulile ngokuthi uphephile futhi ulondekile lapho ufika ekhaya. Kodwa ingabe uphephile ngempela? Kuyindida ukuthi abanye abantu babhekana nezingozi ezimbi ekhaya okungenzeka abaziqapheli. Labo abanezingane ezincane ikakhulukazi, kufanele bathathe izinyathelo zokuphepha ukuze banciphise izingozi ekhaya. Kungani ungahloli umuzi wakho, uphawule ushintsho okufanele lwenziwe, usebenzisa uhlu olulandelayo?

✔ Izitshalo. Uma unezingane ezincane, qiniseka ukuthi awunazo izitshalo ezinobuthi. Khumbula, izingane ezinelukuluku lokwazi zithatha noma yini ziyifake emlonyeni.

✔ Amakhethini. Izintambo zamakhethini mazibe sendaweni engafinyeleleki. Zingabopha—futhi ziklinye—izingane ezincane.

✔ Amadilowa namakhabethe. Cabangela ukufaka izibambo zokuphepha. Lokhu kuyovimbela izingane ukuba zingabambi izinto ezicijile nemithi yokuhlanza eyingozi.

✔ Izitebhisi. Ingabe zikhanya kahle futhi azigcwele izinto? Ingabe uyifakile imigoqo yokuvimba izingane ukuba zingawi?

✔ Isitofu. Izibambo zamabhodwe namapani mazibheke emuva, ikakhulukazi lapho upheka.

✔ Ipani lokuthosa. Lihlanze njalo. Ipani eligcwele amafutha lingathungela umlilo ekhishini.

✔ Isicisha-mlilo. Yiba nesisodwa okungenani ekhaya, futhi uqikelele ukuthi zonke izingane esezikhulile ziyakwazi ukusisebenzisa.

✔ Umbhede womntwana. Izinsimbi zawo kufanele zisondelane. Isikhala esizungeza umatilasi akufanele sibe sikhulu kangangokuba ikhanda lomntwana libambeke kuso.

✔ Amafasitela. Imigoqo yensimbi evulekayo iyovikela izingane ukuba zingawi futhi umuntu omdala angayikhipha kalula uma kunomlilo.

✔ Amaphilisi nemithi. Igcine ekhabetheni elikhiywayo noma endaweni izingane ezingafinyeleli kuyo.

✔ Ubhavu. Ungalokothi ushiye umntwana omncane yedwa kubhavu. Umntwana angaminza emanzini amancane—ngesikhathi esifushane.

✔ Ohhavini be-“microwave.” Khumbula ukuthi ukudla okufakwe kuyi-microwave kuyashesha ukushisa. Ngokwesibonelo, ubisi lomntwana lungashisa kakhulu nakuba ibhodlela lona lifudumele.

✔ Iziko lokufudumeza indlu. Iziko lakho malihlolwe njalo ukuthi alinaso yini isimoko.

✔ Insimbi yokosa inyama. Qikelela ukuthi izingane azisondeli lapho kunensimbi yokosa inyama khona uma ishisa.

✔ Umnyango wegalaji. Fundisa izingane ukuba zingagijimeli ngaphansi komnyango wegalaji lapho uvuleka noma uvaleka, ikakhulukazi uma usebenza ngogesi.

✔ Imishini ethungatha intuthu. Yigcine ihlanzekile, futhi uyihlole njalo. Shintsha amabhethri minyaka yonke.

✔ Izintambo zikagesi namapulaki. Lahla izintambo zikagesi ezilimele. Kungcono kakhulu uma izindawo zokuxhuma ugesi ezingasebenzi zinezembozo noma izivikelo.

✔ Imishini kagesi. Yisuse phambi kukabhavu noma usinki. Imishini ecisha ugesi uma kunephutha ingavikela umuntu ekulimaleni.

✔ Amabhokisi okugcina amathoyizi. Ibhokisi lamathoyizi malibe nembobo yomoya eyodwa noma ngaphezulu futhi libe nezinkintsho ezibamba isivalo ukuba singavele sivaleke.

✔ I-ayina. Susa i-ayina—kuhlanganise nentambo yayo elengayo—lapho izingane zingafinyelela khona.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela