Sanikwa Isifiso Sokuphila
UMARY wayehlushwa ukucindezeleka nezinye izinkinga zempilo. Nokho, wayesondelene nomkhaya wakhe, futhi wayengaphili ngotshwala noma ngezidakamizwa. Isimo sikaMary sibonisa kahle ukuthi akudingeki kuze kube khona zonke izici eziyingozi ukuze umuntu azame ukuzibulala.
Okwesikhathi esithile kwabonakala sengathi uMary uzoba phakathi kwezibalo ezifakazela indlela abantu asebekhulile abaphumelela ngayo ekuzibulaleni. Kwaphela izinsuku equlekile, engezwa lutho, futhi esegunjini lababangwa nezibi esibhedlela, lingekho ithemba. Umyeni wakhe okhungathekile, uJohn, wayehlala eseduze. Odokotela baxwayisa uJohn nomkhaya wonke ukuthi uMary angase angasindi nokuthi ngisho noma engasinda bangalindela ukuba ingqondo ingabe isasebenza kahle.
UMary wayevakashelwa nsuku zonke umakhelwane, uSally, ongomunye woFakazi BakaJehova. “Ngakhuthaza umkhaya wakhe ukuba ungalilahli ithemba,” kusho uSally. “Umama, onesifo sikashukela, kwaphela amasonto equlekile eminyakeni ethile edlule. Odokotela batshela umkhaya wakithi ukuthi wayengeke asinde, kodwa walulama. Ngangibamba isandla sikaMary ngixoxe naye, njengoba ngangenza kumama, futhi ngicabanga ukuthi ngangimuzwa esabela ngandlela-thile.” Ngosuku lwesithathu, ukusabela kwakhe kwathuthuka, futhi kwabonakala sengathi uMary uyabakhumbula abantu, nakuba ayengakwazi ukukhuluma.
‘Ingabe Bengingakuvimbela?’
USally uthi: “UJohn wayenomuzwa wecala omkhulu. Wayezitshela ukuthi yiphutha lakhe.” Lena yindlela evamile yokusabela lapho othandekayo ezibulele noma ezame ukuzibulala. “Ngamkhumbuza ukuthi uMary wayelashelwa ukucindezeleka. Wayegula futhi engenakukugwema ukucindezeleka njengoba naye [uJohn] ayengenakukuvimbela ukugula kwakhe.”
Labo abanabathandekayo abazibulala bavame ukukhathazwa umbuzo othi, Yini engangingayenza ukuze ngikuvimbele? Ukuphaphamela izimpawu eziyisixwayiso nezici eziyingozi kungase kuwunqande umzamo wokuzibulala. Kodwa uma kungenjalo, khumbula ukuthi akuwena othwala umthwalo wesenzo somunye umuntu sokuzibulala. (Galathiya 6:5) Kubalulekile ukukhumbula lokhu ikakhulukazi ezimweni lapho ilungu lomkhaya elifuna ukuzibulala lizama khona ngamabomu ukuthwesa abanye icala. UDkt. Hendin, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Kufanele sikhumbule ukuthi imizamo yokuzibulala ephumelelayo ngokuvamile yenziwa abantu abanethemba lokuthonya noma lokusizakala ngemizwa yabanye abantu nakuba bona bengeke babe khona ukuze babone ukuphumelela noma ukwehluleka kwemizamo yabo.”
UDkt. Hendin uyaqhubeka ephawula: “Endabeni yabantu abadala abafuna ukuzibulala, ngokuvamile kunezingane esezikhulile nalezo ezizelamayo noma abangane bomshado isiguli esifuna ukubathonya, ukubalawula, noma ukubacindezela ukuba babe abavikeli. Ngokuvamile okufunwa isiguli kunzima ukukufinyelela, isiguli sikufuna ngenkani esikufunayo, futhi imizamo yokuzibulala engasho lutho ngokuvamile ilandelwa yimizamo yokuzimisela.”
Amalungu omkhaya akulezi zimo angase abe nomuzwa wokuthi angaphansi kokucindezela okukhulu, okungaphezu kwamandla. Nokho, ungalokothi ukhohlwe ukuthi uJehova uNkulunkulu uvusa abafileyo futhi lokhu kungase kuhlanganise nabathandekayo bethu abaye bazibulala ngenxa yokucindezeleka, ukugula ngengqondo noma ukuphelelwa yithemba.—Bheka isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Abantu Abazibulele—Bayovuka?” kuyi-Phaphama! ka-September 8, 1990, amakhasi 22-3.
Nakuba ukuzibulala kungenakuthethelelwa, kuyaduduza ukukhumbula ukuthi amathemba esikhathi esizayo abathandekayo bethu akuNkulunkulu oqonda ngokuphelele ukuthi ubuthakathaka nokushiyeka kungenza umuntu athathe lesi sinyathelo sokuphelelwa yithemba. IBhayibheli lithi ngoJehova: “Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengoba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.”—IHubo 103:11-14.
Umphumela Ojabulisayo
UMary wayesethunzini lokufa izinsuku ezimbili, kodwa wasinda. Ngokuhamba kwesikhathi ingqondo yakhe yabuya, futhi uJohn wambuyisela ekhaya, lapho yonke imithi yayisivalelwe khona emakhabetheni, kwahluthulelwa. Manje uMary uvakashela izisebenzi zezenhlalakahle zempilo yengqondo njalo futhi uthi akakwazi ukuchaza noma ngisho ukukhumbula umcabango omubi owamshukumisela ukuba acishe azibulale.
Manje uSally, umakhelwane kaJohn noMary, ubaqhubela isifundo seBhayibheli samasonto onke. Baye bafunda eBhayibhelini ukuthi zona kanye izinkinga ezibonakala zingaxazululeki, ikakhulukazi kwasebekhulile, zizoxazululwa uNkulunkulu maduzane. USally uyachaza: “Yiqiniso, isifundo seBhayibheli sisodwa asilona ikhambi elinguzifozonke. Kufanele uzitholele wena ngokwakho emiBhalweni ukuthi lezi zithembiso zingokoqobo, bese usebenzisa lokho okufundayo. Kodwa ngicabanga ukuthi uJohn noMary bathola ithemba langempela lekusasa.”
Uma ikusasa lakho libonakala lifiphele futhi ungathanda ukuthola ithemba langempela, kungani ungathintani noFakazi BakaJehova? Bavumele bakubonise, njengoba benza kuJohn noMary, ukuthi azikho izinkinga uNkulunkulu angenakuzixazulula esikhathini esiseduze esizayo. Kungakhathaliseki ukuthi izinto zingase zibonakale zizimbi kangakanani manje, ikhambi likhona. Siza ucabangele nathi ithemba eliqinisekile lesikhathi esizayo eliye lanikeza abanye isifiso esivuselelwe sokuphila.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Izici Eziyingozi Nezimpawu Eziyisixwayiso
I-Journal of the American Medical Association ithi: “Izici ezibangela ingozi yokuzibulala kubantu abakhulile zihlukile kulezo ezitholakala entsheni.” Lezo zici zihlanganisa “ukusetshenziswa kabi kakhulu kotshwala nokucindezeleka, ukusebenzisa izindlela ezinesihluku kakhulu zokuzibulala nokuba unkom’ idla yodwa. Ngaphezu kwalokho, abantu abadala . . . banezifo eziningi ezingokomzimba nokuphazamiseka ngokomzwelo.” Incwadi kaStephen Flanders ethi Suicide, ibala izici ezilandelayo eziyingozi, ngasinye okufanele siqashelwe.
Ukucindezeleka okungamahlalakhona:
“Abacwaningi babika ukuthi abantu abangu-50% noma ngaphezulu abazibulalayo banomlando wokucindezeleka okungathi sína.”
Ukuphelelwa yithemba:
Olunye ucwaningo lwabonisa ukuthi ngisho nabantu ababebonakala bengacindezelekile babengase bazibulale uma bengenalo ithemba lesikhathi esizayo.
Ukuluthwa utshwala nokudla izidakamizwa:
“Kulinganiselwa ukuthi [imilutha yotshwala] ephakathi kuka-7% no-21% iyazibulala, uma kuqhathaniswa nabantu abavamile abangaphansi kwephesenti elilodwa.”
Ithonya lomkhaya:
“Ucwaningo lwembula ukuthi amalungu omkhaya lapho kukhona othile khona oye wazibulala asengozini enkulu yokuzibulala ngokwawo.”
Ukugula:
“Ukwesaba ukuwohloka komzimba, okungase kwenze umuntu ayiswe esikhungweni sokunakekela abagulayo, kungase kubangele imicabango yokuzibulala kwabanye abantu asebekhulile.”
Ukulahlekelwa:
“Kungase kube ukulahlekelwa okukhulu, njengokulahlekelwa umngane womshado noma umngane, umsebenzi, noma impilo enhle. Futhi kungase kube yinto engabonakali. Izibonelo zihlanganisa ukulahlekelwa isithunzi, isikhundla noma umuzwa wokulondeka.”
Ngaphandle kwalezi zici eziyingozi, incwadi kaFlanders ibala izimpawu ezilandelayo eziyisixwayiso okungafanele zithathwe kalula.
Umzamo wokuzibulala esikhathini esingaphambili:
“Lolu uphawu olukhulu lokuthi umuntu angase azibulale.”
Ukukhuluma ngokuzibulala:
“Izinkulumo ezinjengokuthi ‘Ngeke bakhathazeke isikhathi eside ngami’ noma ‘Bazophila kahle uma ngingekho’ ziyizibonelo zosongo olusobala.”
Amalungiselelo okugcina:
“Izenzo ezinjalo zihlanganisa ukubhala incwadi yefa, ukuphana ngezinto eziyigugu nokwenza amalungiselelo okunakekelwa kwezilwane ezifuyiwe.”
Ukushintsha kobuntu noma kwezenzo:
Uma lokhu “kuhambisana nezinkulumo zokuzinyeza noma zokuphelelwa yithemba,” kungase kube “uphawu lokucindezeleka okukhulu okungaholela ezenzweni zokuzilimaza.”
[Isithombe ekhasini 7]
Abasele badinga usizo ukuze babhekane nokuzibulala komngane wabo womshado