Indlela Ongakuyeka Ngayo
NJENGALAPHO ufunda ukugibela ibhayisikili, akuvamile ukuba uphumelele ukuyeka ugwayi ngomzamo wokuqala ngqá. Ngakho uma uzimisele ukuwuyeka, kumelwe ukulungele ukwenza imizamo ngokuphindaphindiwe uze uphumelele. Uma kwenzeka ubuyela kuwo ungakubheki lokho njengokwehluleka. Kubheke njengokuhlangenwe nakho okufundisayo, ukushiyeka okuncane ohlelweni olungase lube yimpumelelo. Nakhu ukusikisela okuye kwabasiza abanye. Nawe kungase kukusebenzele.
Ingqondo Yakho Mayilungele Ukuwuyeka
■ Okokuqala, zitshele ukuthi ukuyeka ugwayi kuwufanele umzamo. Bhala uhla lwezizathu zokuwuyeka, oluhlanganisa zonke izinzuzo. Ngemva kokuba usuwuyekile, ukuhlaziya lolu hla kuyokusiza ukuba uqine esinqumweni sakho. Isifiso sokujabulisa uNkulunkulu siyisisusa esingcono kakhulu sokuyeka. IBhayibheli lithi kufanele sithande uNkulunkulu ngayo yonke ingqondo yethu, inhliziyo, umphefumulo namandla. Ngeke kwenzeke lokho uma siluthwé ugwayi.—Marku 12:30.
■ Hlaziya imikhuba yakho yokubhema ukuze ubone ukuthi ubhema ngaziphi izikhathi futhi ngasiphi isizathu. Ungase ukuthole kuwusizo ukubhala ephepheni ukuthi uwubhema nini futhi kuphi ugwayi ngamunye phakathi nosuku. Lokhu kuyokusiza ukuba uzibone kusengaphambili izimo ezingase zikulingele ekubeni ubheme ugwayi ngemva kokuba usuwuyekile.
Hlela Usuku Lokuwuyeka
■ Khetha usuku lokuwuyeka, futhi uluphawule ekhalendeni lakho. Kungcono ukukhetha usuku lapho uyobe ungacindezelekile ngokungenasidingo. Lapho lolo suku lufika, uyeke ngokuphelele—ngokushesha futhi ungathandabuzi.
■ Ngaphambi kokuba usuku lokuwuyeka lufike, lahla izitsha zomlotha kagwayi, umentshisi nezinto zokokhela. Hlanza yonke impahla yakho enephunga lentuthu kagwayi.
■ Cela osebenza nabo, abangane nomkhaya ukuba bakukhuthaze emizamweni yakho yokuyeka ugwayi. Ungesabi ukucela abanye ukuba bangabhemi uma ukhona.
■ Hlela izinto ozozenza ngosuku lwakho lokuwuyeka. Ungase uye endaweni okungavumelekile kuyo ukubhema, njengasemnyuziyamu noma enkundleni yemidlalo yaseshashalazini. Futhi ungase uvivinye umzimba—ubhukuda, ugibele ibhayisikili noma uhambe ibanga elide ngezinyawo.
Ukubhekana Nokuqaleka
Uma uyixhwele likagwayi, ngokunokwenzeka uyobhekana nemiphumela yokuqaleka, eqala ngemva kwamahora ambalwa ubhemé ugwayi wokugcina. Ingase ihlanganise ukucunuka, ukuphelelwa yisineke, ulaka, ukukhathazeka, ukucindezeleka, ukuqwasha, ukungahlaliseki, isifiso sokudla kakhulu, nokuqalekela ugwayi. Mhlawumbe udokotela wakho angakunika umuthi ozonciphisa lezi zici. Ngaphezu kwalokho, kunezinto ongazenza eziyokusiza ukuba unqobe kule mpi.
■ Emasontweni okuqala ambalwa anzima, yidla ukudla okunama-kilojoule amancane, futhi uphuze amanzi amaningi. Abanye baye bakuthola kuwusizo ukudla imifino engaphekiwe, njengezaqathe noma i-celery. Ukuvivinya umzimba kuyokusiza ukuba ungakhuluphali futhi kudambise ixhala.
■ Gwema izindawo nezimo lapho uyolingeka khona ukuba ubheme.
■ Yilwa nemicabango emibi engase ikuyengele ekubhemeni. Nansi eminye imicabango engase ifike lapho usuqalekile: ‘Ngizobhema namuhla kuphela ukuze ngidlule kulesi sikhathi esinzima.’ ‘Ukubhema ukuphela kwento embi engiyenzayo!’ ‘Ugwayi awumubi kangako; abanye abantu abangamaxhwele kagwayi baphila baze badlule eminyakeni engu-90.’ ‘Vele ekugcineni ngizobulawa okuthile.’ ‘Ukuphila akujabulisi ngaphandle kukagwayi.’
■ Uma ubona ukuthi usenkingeni, thalalisa. Ngokulinda imizuzu nje eyishumi, ukuqaleka okucindezelayo kungase kudlule. Ngezinye izikhathi umcabango wokuthi ngeke uphinde ubheme ungase ubonakale ungaphezu kwamandla. Uma uzizwa ngaleyo ndlela, gxilisa imicabango ekuyekeni ugwayi okwalolo suku.
■ Uma ufuna ukukhonza uNkulunkulu, thandazela usizo. UMdali wethu onothando ‘angabasiza ngesikhathi esifanele’ labo abalwela ukuvumelanisa ukuphila kwabo nentando yakhe. (Heberu 4:16) Kodwa ungalindeli isimangaliso. Kumelwe wenze ngokuvumelana nemikhuleko yakho.
Hlala Ungumuntu Ongasabhemi
■ Izinyanga ezintathu zokuqala zinzima kakhulu, kodwa ngisho nangemva kwalokho, uma kungenzeka, kumelwe ugweme abantu ababhemayo nezimo ezingase zikuyengele ekubhemeni.
■ Ungazikhohlisi ucabange ukuthi ungabhema ngezikhathi ezithile kuphela, ngisho noma sekuphele unyaka noma ngaphezulu ungasabhemi.
■ Melana nesilingo “sokubhema ugwayi owodwa nje.” Owodwa nje ungase uholele kwabanye, futhi ngokushesha uyobe usucekele phansi wonke umsebenzi onzima oye wawenza uzama ukuyeka ugwayi. Nokho, uma kwenzeka uba buthakathaka futhi ubheme, asikho isizathu sokubhema omunye. Uma kwenzeka ubuyela kuwo, phinda uwuyeke.
Izigidi zabantu ababhemayo ziye zaphumelela ukuyeka ugwayi. Ngokuzimisela nokuphikelela, nawe ungawuyeka!