Ungabi Yisisulu Senkulumo-ze!
“Isilima siyokholelwa yinoma yini.”—IZAGA 14:15, TODAY’S ENGLISH VERSION.
KUNOMEHLUKO—umehluko omkhulu—phakathi kwemfundo nenkulumo-ze. Imfundo ikufundisa indlela yokucabanga. Inkulumo-ze ikutshela lokho okufanele ukucabange. Abafundisi abahle babeka zonke izinhlangothi zendaba futhi bakhuthaze ukuba kuxoxwe. Abasakazi bezinkulumo-ze bakuphoqelela ngenkani ukuba ulalele umbono wabo futhi abafuni kuxoxwe. Ngokuvamile izisusa zabo zangempela azicaci. Bahlunga amaqiniso, bawasebenzise kabi lawo anenzuzo bese bewafihla amanye. Bayawasonta futhi bawahlanekezele amaqiniso, bakhangise ngamanga kanye neqiniso elixubene namanga. Umgomo wabo ukuvusa imizwelo yakho, hhayi ukukwenza usebenzise amakhono akho okucabanga.
Umsakazi wenkulumo-ze uyaqiniseka ukuthi umyalezo wakhe ubonakala ulungile futhi unezimiso ezinhle nokuthi wena uzizwa ubalulekile futhi usondelene naye uma uwulandela. Bathi—wena ungomunye wabahlakaniphile, uvumelana nabanye, awukhathazwa yilutho futhi awesabi lutho.
Ungazivikela kanjani kulezi zinhlobo zabantu iBhayibheli elibabiza ngokuthi “abakhuluma okungenambuyiselo” kanye “nabakhohlisi bengqondo”? (Thithu 1:10) Uma usujwayelene namaqhinga abo, usesimweni esingcono sokuhlola noma imuphi umyalezo noma ukwaziswa okutholayo. Nazi ezinye izindlela zokwenza lokhu.
Yiba ngokhethayo: Ingqondo eyamukela konke ingafaniswa nepayipi elamukela noma yini engena kulo—ngisho nendle. Akekho umuntu ofuna ukuba nengqondo engcoliswe ushevu. USolomoni, inkosi nomfundisi wasemandulo, waxwayisa: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” (IzAga 14:15) Ngakho kufanele sikhethe. Kufanele sihlole noma yini esiyitshelwayo, sinqume ukuthi yikuphi okufanele sikwamukele nokuthi yikuphi okufanele sikwenqabe.
Kodwa asifuni ukuba nezingqondo ezivalekile bese senqaba ukuhlola amaqiniso angase athuthukise ukucabanga kwethu. Singalinganisela kanjani? Ngokuthola isikali sokuhlola ukwaziswa okusha. Lapha umKristu unomthombo wokuhlakanipha okukhulu. UneBhayibheli eliyisiqondiso esiqinisekile sokucabanga kwakhe. Ngakolunye uhlangothi, ingqondo yakhe ivulekile, okungukuthi, iyakwamukela ukwaziswa okusha. Ukuhlola kahle lokho kwaziswa okusha ngeBhayibheli futhi afake okuyiqiniso endleleni yakhe yokucabanga. Ngakolunye uhlangothi, ingqondo yakhe iyayibona ingozi yokwaziswa okungavumelani nhlobo nezimiso zakhe ezisekelwe eBhayibhelini.
Sebenzisa ukuqonda: Ukuqonda kusho “ukunemba kokwahlulela.” “Amandla noma ikhono lengqondo lokuhlukanisa enye into kwenye.” Umuntu onokuqonda uyabubona ubuqili bemibono noma bezinto ezithile futhi unokwahlulela okuhle.
Ngokusebenzisa ukuqonda siyokwazi ukubona labo abamane nje basebenzise ‘inkulumo ebushelelezi nenkulumo yokuthopha’ ukuze ‘bayenge izinhliziyo zabangenabuqili.’ (Roma 16:18) Ukuqonda kukwenza ukwazi ukulahla ukwaziswa okungenalusizo noma amaqiniso adukisayo futhi uthole ukuthi yini ebalulekile endabeni. Kodwa ungaqonda kanjani ukuthi okuthile kuyadukisa?
Hlola ukwaziswa: UJohane uthi: “Bathandekayo, ningakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe, kodwa vivinyani izinkulumo eziphefumulelwe.” (1 Johane 4:1) Abanye abantu namuhla banjengeziponji, bamunca noma yini abayitholayo. Kulula kakhulu ukwamukela noma yini esizungezile.
Kodwa kungcono kakhulu ukuba umuntu ngamunye azikhethele lokho azokondla ngakho ingqondo yakhe. Kunesisho sesiNgisi esithi siyilokho esikudlayo, futhi lokhu kusebenza kulokho esondla ngakho umzimba nengqondo. Kungakhathaliseki ukuthi yini oyifundayo noma oyibukelayo noma oyilalelayo, yihlole ukuze ubone ukuthi ithonywe yinkulumo-ze yini noma iyiqiniso.
Ngaphezu kwalokho, uma sifuna ukuba nezingqondo ezikahle, kufanele sizimisele ukuba imibono yethu ihlale ivivinywa njengoba samukela ukwaziswa okusha. Kufanele siqaphele ukuthi phela kumane kuyimibono nje. Ukuthi ithembeke kangakanani kuncike ekutheni amaqiniso esiyisekele kuwo anesisindo kangakanani, sicabanga kanjani, nokuthi yiziphi izindinganiso noma izimiso esikhetha ukuzisebenzisa.
Buza imibuzo: Njengoba sesibonile, kunabaningi namuhla abebengathanda ‘ukusidukisa ngezinkulumo ezithonyayo.’ (Kolose 2:4) Ngakho-ke, uma sithola izinkulumo ezithonyayo, kufanele sibuze imibuzo.
Okokuqala, hlola ukuthi alukho yini ubandlululo. Iyini inhloso yalowo myalezo? Uma umyalezo ugcwele amazwi ayiziswana noma amazwi amaningi, kungani kunjalo? Uma siwabekela eceleni amazwi amaningi, uquketheni lowo myalezo? Futhi uma kungenzeka, zama ukuhlola umlando wokufezwe yilabo abakhulumayo. Ingabe badume ngokukhuluma iqiniso? Uma kusetshenziswa “abasemagunyeni,” bangobani futhi bayini? Kungani kufanele ubheke lowo muntu—noma leyo nhlangano noma leyo ncwadi—njengenolwazi lobuchwepheshe noma ukwaziswa okunokwethenjelwa mayelana naleyo ndaba? Uma uzwa sengathi kuthinta imizwelo, zibuze, ‘Uma ubhekwa ngaphandle kokucabangela imizwelo, lo myalezo uquketheni?’
Ungalandeli umbimbi: Uma ubona ukuthi lokho okucatshangwa yiwo wonke umuntu akulona ngempela iqiniso, ungawathola amandla okucabanga ngokwehlukile. Nakuba kungase kubonakale sengathi bonke abanye bacabanga ngendlela efanayo, ingabe lokhu kusho ukuthi nawe kufanele ucabange kanjalo? Ukuthi umbono uyathandwa akusho ukuthi uyiqiniso. Phakathi namakhulu eminyaka beziziningi izinhlobo zemibono ebithandwa, kodwa kamuva kwatholakala ukuthi ingamanga. Nokho, ukuthambekela kokuhambisana neningi kuyaphikelela. Umyalo onikezwa ku-Eksodusi 23:2 uyisimiso esihle: “Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi.”
Ulwazi Lweqiniso Lumelene Nenkulumo-ze
Ekuqaleni kuphawuliwe ukuthi iBhayibheli liyisiqondiso esiqinisekile sokucabanga okucacile. OFakazi BakaJehova bayakholelwa futhi bavumelana nawo ngokunganqikazi amazwi kaJesu kuNkulunkulu, athi: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Lokhu kunjalo ngoba uNkulunkulu, uMlobi weBhayibheli, ‘unguNkulunkulu weqiniso.’—IHubo 31:5.
Yebo, kule nkathi yenkulumo-ze yobuqili, singathembela ngokuqiniseka eZwini likaJehova njengeliwumthombo weqiniso. Ekugcineni lokhu kuyosivikela kulabo abafuna ‘ukusixhaphaza ngamazwi enkohliso.’—2 Petru 2:3.
[Isithombe ekhasini 9]
Ukuqonda kukwenza ukwazi ukulahla ukwaziswa okungenalusizo noma okukhohlisayo
[Izithombe ekhasini 10]
Hlola noma yini oyifundayo noma oyibukelayo, ukuze ubone ukuthi iyiqiniso yini
[Isithombe ekhasini 11]
Umbono othandwayo awunakwethenjelwa ngaso sonke isikhathi
[Isithombe ekhasini 11]
Singathembela ngokuqiniseka eZwini likaNkulunkulu njengeliwumthombo weqiniso