Ukuba Nokholo Ngaphansi Kokuvivinywa EPoland
NJENGOBA ILANDISWA NGUJAN FERENC
NGANGISEWUMFANA nje ngesikhathi iMpi Yezwe II ibambene ngezihluthu. Ngisamkhumbula kahle umfowabo kababa owayengomunye woFakazi BakaJehova. Wayesivakashela ekhaya asifundele iBhayibheli. Abazali bami babengenasithakazelo, kodwa mina, umfowethu uJózef nodadewethu uJanina sasinesithakazelo ngempela. Ngokushesha ngamunye wethu wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngobhapathizo. Ngangineminyaka engu-14 lapho ngibhapathizwa.
Bebona ithonya elihle ukutadisha iBhayibheli okwakunalo ekuphileni kwethu, abazali bethu baqala ukulalela. Lapho ubaba eqaphela ukuthi iBhayibheli liyakulahla ukukhonza izithombe, wathi: “Uma kuyilokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu, abapristi basikhohlisile. Ndodana, susa zonke lezi zithombe odongeni uzilahle!” Cishe ngemva kweminyaka emibili, abazali bami babhapathizwa. Bakhonza uJehova ngokwethembeka kwaze kwaba sekufeni.
Izinkinga Esabhekana Nazo
OFakazi BakaJehova babhekana nezikhathi ezinzima ngemva kwempi. Ngokwesibonelo, amaPhoyisa Ezokuphepha ahlasela ihhovisi eLodz, futhi ababesebenza lapho baboshwa. Empumalanga yePoland abashokobezi beButho Lesizwe Elihlomile, beshoshozelwa abefundisi bamaKatolika, bahlasela oFakazi BakaJehova ngonya.a
Phakathi nalesi sikhathi, iziphathimandla zamaKhomanisi zasiphuca imvume ezazisinike yona ngaphambili yokuqhuba imihlangano, futhi zazama ukuphazamisa imihlangano eyayisiqhubeka kakade. Kodwa-ke, ukuphikiswa okukhulayo kwamane kwaqinisa ukuzimisela kwethu ukuqhubeka sishumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngo-1949, kwakunoFakazi abangaphezu kuka-14 000 ePoland.
Ngokushesha ngaba yiphayona, isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Isabelo sami sokuqala sangithumela endaweni engamakhilomitha angu-500 ukusuka ekhaya. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, ngamiswa njengombonisi ojikelezayo empumalanga yeLublin, eseduze kwalapho abazali bami babehlala khona.
Ukuboshwa Nokushushiswa
Ngo-June 1950, ngaboshwa futhi iziphathimandla zamaKhomanisi zangithwesa icala lokuba yinhloli ye-United States. Ngavalelwa egumbini elinomswakama elingaphansi kwesakhiwo. Ebusuku ngakhishwa ukuze umphenyi ayongihloma imibuzo. Wathi kimi: “Inhlangano yenkolo okuyo iyihlelo futhi iyisitha sikaHulumeni wethu. Ihhovisi lenu lisebenzela osomaqhinga baseMelika. Sinobufakazi! Abafowenu sebevumile kakade ukuthi bahambe izwe lonke beqongelela ukwaziswa ngezikhungo namafektri ezempi.”
Kuyiqiniso ukuthi lezi zinsolo zazingamanga aluhlaza. Nokho, umphenyi wangeluleka ukuba ngisayine iphepha elilahla lokho akubiza ngokuthi “inhlangano yenu ehlazisayo.” Wazama ephindelela ukuba angenze ngisayine. Waze wazama nokungenza ngibhale phansi amagama namakheli abo bonke oFakazi engibaziyo nezindawo okwakusakazwa kuzo izincwadi zethu. Imizamo yakhe ayizange iphumelele.
Ngemva kwalokho, amaphoyisa angishaya ngenduku ngaze ngaquleka. Ayesengithela ngamanzi ukuze ngiphaphame, futhi ngemva kwalokho aqhubeka nokungihloma imibuzo. Ngakusasa ebusuku, ngashaywa izithende kabuhlungu. Nganxusa uNkulunkulu ngezwi eliphakeme ukuba angiphe amandla okukhuthazela. Nginomuzwa wokuthi wakwenza. Ngangihlonywa imibuzo njalo ebusuku kwaze kwaphela isikhathi esingangonyaka.
Ngakhululwa ejele ngo-April 1951, kodwa oFakazi abaningi babesavalelwe. Ngaya kuFakazi owayeqondisa umsebenzi ngacela isabelo esisha. Wangibuza: “Awusabi ukuphinde uboshwe?” Ngaphendula: “Ngizimisele ngisho nakakhulu ukusebenza lapho kunendingeko enkulu khona.” Ngaqala futhi ukusebenza njengombonisi ojikelezayo, futhi kamuva ngacelwa ukuba ngizohlela umsebenzi wokunyatheliswa nokusakazwa kwezincwadi zethu ePoland.
Ngaleso sikhathi, sasisebenzisa imishini emidala yokunciphisa umbhalo nezitensela ukuze sinyathelise INqabayokulinda. Umsebenzi esasiwunyathelisa wawusezingeni eliphansi, futhi sasikhokha imali eshisiwe ukuze sithole iphepha, ngaleso sikhathi elaliyivelakancane. Ukunyathelisa kwakufanele kwenziwe ezindaweni ezifihlekile, njengasezingotsheni, emagumbini angaphansi kwezakhiwo nangaphansi kophahla. Labo ababetholakala, babejeziswa ngokuvalelwa ejele.
Ngikhumbula umthombo othile owomile esasiwusebenzisa. Odongeni lwawo, olungaba amamitha angu-11 ngaphansi komhlaba, kwakunesivalo esiholela egumbini elincane lapho sasinciphisa khona umbhalo kamagazini. Ukuze sifike lapho, kwakufanele sehliswe ngendophi. Ngolunye usuku, lapho ngehliselwa emthonjeni ngebhakede elikhulu lokhuni, indophi yavele yagqabuka. Ngawela phakathi ngaphuka umlenze. Ngemva kokuhlala esibhedlela, ngaphindela ekusebenzeni ngomshini wokunciphisa umbhalo.
Cishe ngalesi sikhathi, ngahlangana noDanuta, isikhonzi esiyiphayona elishisekayo. Sashada ngo-1956, futhi eminyakeni emine eyalandela, sasebenza ndawonye enkonzweni enkabeni yePoland. Ngo-1960 sase sinezingane ezimbili, futhi sanquma ukuba uDanuta ayiyeke inkonzo yesikhathi esigcwele ukuze azinakekele. Kungakapheli nesikhathi esingakanani ngaphinde ngaboshwa, futhi kulokhu ngavalelwa esitokisini esasigcwele amagundane. Ngemva kwezinyanga ezingu-7, ngagwetshwa iminyaka emibili ejele.
Ukugqigqa Ejele
Kwakuneziboshwa ezingaphezu kuka-300 ejele laseBydgoszcz, futhi ngathandaza kuJehova ukuba ngikwazi ukuhlanganyela isigijimi soMbuso nabanhliziyo ziqotho. Ngaxoxa nomphathi wejele, ngasikisela ukuba ngibe umgundi wezinwele. Ngamangala uma evuma. Ngokushesha ngangishefa iziboshwa, ngizigunda izinwele, futhi nginikeza ubufakazi kulezo ezazibonakala zinesimo esihle.
Ngokushesha isiboshwa esasisebenza nami njengomgundi sazijabulela izingxoxo zethu. Saze saqala ngisho nokuhlanganyela nabanye izinto esasizifunde eBhayibhelini. Ngokushesha, umphathi wejele wasiyala ukuba siyeke ukusakaza lokho ayekubiza ngokuthi “inkulumo-ze eyonakalisayo.” Umgundi engangisebenza naye wama eqinile. Wachaza: “Ngangiyisela, kodwa manje angiselona. Ngangiwumlutha kagwayi, kodwa manje sengiwuyekile. Ngitholé injongo ekuphileni kwami, futhi ngifuna ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova.”
Lapho ngidedelwa ejele, ngathunyelwa ePoznan ukuyokwengamela “ibhikawozi,” njengoba sasizibiza kanjalo izindawo zethu zokunyathelisa eziyimfihlo. Ekupheleni kwawo-1950, ukunyathelisa kwethu kwase kuthuthuke kakhulu. Safunda indlela yokunciphisa ubukhulu bamakhasi ngezithombe—okwakuyingqopha-mlando ebuchwephesheni esasinabo—kanye nokunyathelisa ngemishini ye-Rotaprint. Ngo-1960 saqala ukunyathelisa nokuhlanganisa izincwadi.
Ngokushesha ngemva kwalokho, umakhelwane wasimpimpa, futhi ngaphinde ngaboshwa. Ngemva kokukhululwa ngo-1962, ngathola isabelo sokuyokhonza eSzczecin kanye nedlanzana labanye. Kodwa ngaphambi kokuba sihambe, sathola lokho esasicabanga ukuthi kuyisiqondiso esivela kubazalwane abangamaKristu aqotho sokuba siye eKielce esikhundleni sokuya eSzczecin. Kodwa, lapho sifika khona, saboshwa, futhi ngagwetshwa omunye unyaka nesigamu ejele. Kwakunabakhohlisi enhlanganweni ababesikhaphele. Ngokuhamba kwesikhathi, batholakala futhi baxoshwa phakathi kwethu.
Lapho ekugcineni ngikhululwa ejele, ngabelwa ukwengamela umsebenzi wethu wokunyathelisa kulo lonke elasePoland. Ngo-1974, ngemva kweminyaka eyishumi yokuzifihla, ngathungathwa futhi ngaboshwa e-Opole. Ngokushesha ngemva kwalokho ngathunyelwa ejele laseZabrze. Umphathi wejele wathi kimi: “Imisebenzi yombhishobhi wenu isiphelile. Uma uqhubeka usakaza inkulumo-ze yenu, uzovalelwa wedwa esitokisini.”
Ukushumayela Ejele
Yiqiniso, umsebenzi wami njengesikhonzi wawungakapheli. Eqinisweni, ngaqala isifundo seBhayibheli nezinye iziboshwa ezimbili engangivalelwe nazo. Ekugcineni, zathuthuka kwaze kwaba yilapho ngizibhapathiza kubhavu omkhulu ejele.
Ezinye iziboshwa nazo zazikwamukela ukushumayela kwethu, futhi ngo-April 1977, sabuthana ndawonye ukuzogubha iSikhumbuso sokufa kukaKristu. (Luka 22:19) Ngemva kwezinyanga ezimbili, ngo-June 1977, ngakhululwa, futhi angiphindanga ngaboshwa.
Ngaleso sikhathi iziphathimandla zazingasenandaba kangako nomsebenzi wethu. Akungabazeki ukuthi ukuvakasha kwamalungu eNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova kwasiza kakhulu. Ngo-1977, amalungu ayo amathathu axoxa nababonisi, amaphayona noFakazi abangomakad’ ebona emadolobheni ahlukahlukene. Ngonyaka olandelayo, amabili ahambela iHhovisi Lezindaba Zenkolo. Nokho, umsebenzi wethu waze waqala ukuvunyelwa ngokomthetho ngo-1989. Okwamanje, kunoFakazi abangaba ngu-124 000 abashisekayo ePoland.
Ngenxa yempilo ebuthaka, uDanuta ubengasakwazi ukuhamba nami eminyakeni yamuva, kodwa uyangikhuthaza futhi ufuna ukuba ngiqhubeke ngihambela amabandla. Ngiyombonga njalo ngokuba usizo oluqinisayo phakathi nezikhathi eziningi zokuboshwa kwami.
Isinqumo engasenza eminyakeni engu-50 edlule sokukhonza uJehova uNkulunkulu ngempela kwakuyisinqumo esihle. Ngiye ngathola injabulo enkulu ekumkhonzeni ngenhliziyo yonke. Mina nomkami siye sabona ubuqiniso bamazwi alotshwe ku-Isaya 40:29, athi: “Nguye [uJehova] omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.”
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1994, amakhasi 213-22.
[Izithombe ekhasini 20]
Sasisebenzisa umshini wokunciphisa umbhalo futhi kamuva umshini we-Rotaprint ukuze sinyathelise izincwadi
[Izithombe ekhasini 21]
Nginomkami, uDanuta