Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 11/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Inkinga Yomhlaba Wonke
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuzibulala—uhlupho Entsheni
    I-Phaphama!—1998
  • Okwenza Abantu Balahle Ithemba Ngokuphila
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 11/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Umlunge Ngifisa ukunincoma ngesihloko esithi “Umlunge—Imbali Enhle Entekenteke.” (February 22, 2000) Ngiyajabula kakhulu lapho ngivakashelwa amalungu esonto lenu, nakuba ngingabaza ukuthi ngiyoke ngijoyine. Kodwa-ke, lesi sihloko salotshwa othile oyaziyo ngempela imilunge. Kuleli zwe elinezinkathazo, ukutshala imilunge kuyindlela enhle yokuphumula nokujabulela ukuphila.

C. M., United States

Ukuzibulala Uchungechunge oluthi “Obani Abasengozini Enkulu Yokuzibulala?” (February 22, 2000) lwayihlaba esikhonkosini. Umama washona ngokuzumayo ezinyangeni ezingu-8 ezidlule. Ubaba wayengekho lapho eshona, futhi uzizwa enecala. Uthi akasafuni ukuqhubeka ephila. Ngakho, lezi zihloko zangizuzisa kakhulu mina nobaba.

R. Z., Germany

Umkhulu wazibulala eminyakeni emibili edlule. Ngemva kokushona kukagogo, wagula ngengqondo. Izihloko zenu zangisiza ngaqonda ukuthi kungani mhlawumbe enza lokho akwenza.

A. M., United States

Ngo-January umfowethu oneminyaka engu-48 ubudala wazibulala. Ngosuku olulandela inkonzo yakhe yomngcwabo, ubaba, ongeyena omunye woFakazi BakaJehova, wathola le Phaphama! eposini. Wayemangele futhi ekhala lapho esibonisa yona. Umkhaya wakithi wakhala izinyembezi zenjabulo nokubonga ngalezi zihloko eziwuchungechunge eziduduzayo.

B. J., United States

Ezikoleni zesifunda sethu, kunezingane eziyisithupha eziye zazibulala kulo nyaka odlule. Lokhu kuye kwabangela ukukhathazeka okukhulu kangangokuba izikole kulesi sifunda zisungule izindlela zokuqapha ukuthambekela kokuzibulala ezikoleni. Lo magazini sawuhambisela abantu ezindaweni ezingavamile ukwamukela isigijimi sethu. Ngezinye izikhathi abantu babesiphuca wona lo magazini singakayiqedi nentshumayelo!

C. C., United States

Lapho ngisakhula, ngazama ukuzibulala kabili ngemva kokushona kukababa. Abanye bacabanga ukuthi igama elithi “ukuzibulala” liyahlazisa. Ngiyabonga ngokulifaka esembozweni se-Phaphama! Lezi zihloko ngazithola zingagwegwesi, zikhuluma iqiniso futhi zibonisa ukuqonda okukhulu.

M. G., France

Izinkinga Zabangane Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Umngane Wami Angiphatha Kabi?” (February 22, 2000) sangisiza. Umngane wami omkhulu esesineminyaka eyisithupha nesigamu sazana wangiphatha kabi kakhulu. Ngokusebenzisa ukusikisela kwesihloko senu, mina nomngane wami salungisa izindaba ngesizotha nangokuthula. Ngenxa yalokho, sesingamathe nolimi.

M. L., United States

Umshumayeli Okhubazekile Isihloko esithi “Umbono Wethemba Naphezu Kokukhubazeka” (February 22, 2000) sangithinta inhliziyo ngempela. Ngisemusha, kodwa ngezinye izikhathi izinkinga zami zibonakala zingaphezu kwamandla. Indaba kaKonstantin Morozov yayikhuthaza kakhulu. Ngiyawazisa amazwi akhe athi: “Ngifuna ukuqhubeka [ngikhonza uJehova] uma nje inhliziyo yami isashaya.”

L. C., Italy

Nginezingane ezintathu, futhi ngenxa yokuthi umyeni wami akakholwa kanye nami, kumelwe ngizifundise ngokomoya. Kufanele ngisebenze nginakekele indlu, futhi ngezinye izikhathi kubonakala sengathi le mithwalo ingaphezu kwamandla ami. Isimo sengqondo esihle sikaKonstantin siyamangalisa! Ngiyabonga ngokunyathelisa indaba yakhe.

O. K., Russia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela