Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 3/22 k. 9-k. 11 isig. 6
  • Liyini Ikusasa Lokunqandwa Kwezikhali?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Liyini Ikusasa Lokunqandwa Kwezikhali?
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindaba Eziyimpikiswano Eshubile
  • Ukukhanda Izinkemba Zibe Ngamakhuba
  • Izikhali Ezincane, Izinkinga Ezinkulu
    I-Phaphama!—2001
  • Izibhamu—Indlela Yokuphila
    I-Phaphama!—1990
  • Ingabe Amandla Omuntu Angakunqanda?
    I-Phaphama!—1989
  • Isimo Sempi Yanamuhla
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 3/22 k. 9-k. 11 isig. 6

Liyini Ikusasa Lokunqandwa Kwezikhali?

EMINYAKENI yamuva nje ohulumeni emhlabeni wonke baye badingida izindlela zokunqanda ukuhweba ngokungemthetho ngezikhali ezincane. Le ndaba iye yacatshangelwa uMkhandlu-jikelele WeZizwe Ezihlangene. Kuye kwahlanganiswa imibiko, kwenziwa izincomo futhi kwathathwa nezinqumo. Nokho, abacusumbuli baveza ukuthi ukugxila ohwebweni olungemthetho kuphela kusho ukuthi abahwebi abakhulu bezikhali—ohulumeni ngokwabo—bona abaphenywa.

Eqinisweni, awucacile kahle umehluko phakathi kokudayiswa kwezikhali okusemthethweni nokungemthetho. Izikhali eziningi ezingemthetho zake zadayisa ngokomthetho. Izikhali ezadayiselwa amabutho empi noma iminyango yamaphoyisa ekuqaleni ngokuvamile ziyebiwa bese zidayiswa ngokungemthetho. Ngaphezu kwalokho, kuyinto evamile ukuba izikhali zidayiselwe umuntu wesibili ngaphandle kolwazi noma imvume yomdayisi wokuqala. Isihloko sephephabhuku i-Arms Control Today sithi: “Ohulumeni bezwe ikakhulukazi kuyofanele badlulele ngalé kokusekela ukuqedwa kohwebo olungemthetho lwezikhali zempi ezilula futhi bahlole indima yabo siqu ohwebweni lwamanje lwezikhali ezisemthethweni.” Nakuba abaningi benethemba lokuthi amazwe ayogcina ekwazile ukunqanda ukuhweba ngezikhali ezincane, intatheli ethile yathi: “Njengoba amalungu amahlanu asikhathi sonke omkhandlu [wezokulondeka weZizwe Ezihlangene] kuyiwona kuphela aphethe uhwebo lwezikhali olungaphezu kuka-80% emhlabeni, mhlawumbe akufanele silinde ngethemba.”

Okubhebhethekisa inkinga yokunqanda ukudayiswa kwezikhali ezincane nezikhali zempi ezilula ukuthi izikhali ezinjalo kulula kakhulu ukuzikhiqiza. Nakuba kungamazwe ayidlanzana kuphela akhiqiza izikhali eziyinkimbinkimbi njengamathange, izindiza nemikhumbi yempi, kunabakhiqizi abangaphezu kuka-300 emazweni angaba ngu-50 abenza izikhali zempi ezilula. Inani elikhulu nelikhulayo labakhiqizi bezibhamu alandisi nje izikhali ezweni kuphela kodwa futhi livula namathuba engeziwe okudayisa izikhali emaqenjini empi, kubashokobezi nasezinhlanganweni zezigebengu.

Izindaba Eziyimpikiswano Eshubile

Kuze kube manje, siye sagxila kakhulu ekusetshenzisweni kwezikhali ezincane emazweni akhungethwe yimpi. Nokho, izindaba zokunqandwa kwezibhamu ziyimpikiswano eshubile emazweni azinzile angenayo impi. Labo abasekela imithetho enqala yokunqanda izibhamu bathi izibhamu ezengeziwe zibangela ukubulawa kwabantu abengeziwe. Bathi e-United States, lapho imithetho ingaqinile khona futhi kunezibhamu eziningi, kunezinga eliphakeme lokubulawa kwabantu, kodwa eNgilandi, lapho kunemithetho eqinile yokunqandwa kwezibhamu, kunezinga eliphansi lokubulawa kwabantu. Abaphikisana nemithetho yokunqandwa kwezibhamu baveza ukuthi eSwitzerland abantu abaningi bazithola kalula izibhamu, kodwa amazinga okubulawa kwabantu aphansi.

Okwenza le ndaba ixake ngisho nakakhulu ukuthi ucwaningo lubonisa ukuthi e-United States kunenani eliphakeme labantu abafa bengabulawa ngezibhamu uma kuqhathaniswa nenani eliyingqikithi labantu ababulawa emazweni amaningi aseYurophu. Nokho, kunamanye amazwe lapho amanani abantu abafa bengabulawa ngezibhamu ephakeme khona kunenani eliyingqikithi labantu ababulawa e-United States.

Kuyinto evamile ukusebenzisa—nokusizakala—ngezibalo ukuze umuntu asekele umbono othile. Futhi uma kuziwa endabeni yokunqandwa kwezibhamu, kubonakala sengathi yonke imibono evezwayo ingqubuzana nezizathu ezibonakala zincomeka. Izimpikiswano ezihilelekile ziyinkimbinkimbi. Nokho, ochwepheshe bayavumelana ngokuthi ngaphandle kokuba khona kwezibhamu, kunezici eziningi ezithonya amazinga okubulawa kwabantu nobugebengu.

I-National Rifle Association enamandla e-United States ivame ukuthi: “Izibhamu azibabulali abantu; babulawa ngabantu.” Ngokwalo mbono, nakuba isibhamu siklanyelwe ukubulala, asibabulali ngokwaso abantu. Kufanele kube nomuntu odedela inhlamvu, ngenhloso noma ngengozi. Kodwa-ke, abanye bangase baphikise ngokuthi izibhamu zikwenza kube lula ngabantu ukubulala abanye.

Ukukhanda Izinkemba Zibe Ngamakhuba

NgokweBhayibheli, inkinga yokubulalana kwabantu ngeke ixazululwe ngokuthi labo abahlose ukubulala baphucwe izibhamu kuphela. Ubugebengu buyinkinga yomphakathi, hhayi nje yamathuluzi asetshenziswayo. Ikhambi langempela lihilela ukushintsha isimo sengqondo nokuthambekela kwabantu ngokwabo. Umprofethi u-Isaya waphefumulelwa ukuba alobe: “[UNkulunkulu] uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Isaya 2:4.

Lokhu akukhona ukuzikhohlisa njengoba abanye becabanga. Isiprofetho sika-Isaya siyagcwaliseka namuhla phakathi kwamaKristu eqiniso emhlabeni wonke. Ukukhanda kwawo okungokomfanekiso izikhali azenze amathuluzi okuthula kubonisa isifiso esijulile sokuthokozisa uNkulunkulu nokuphila ngokuthula nabanye. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, wonke umuntu emhlabeni uyophila ngokuthula okuphelele nokulondeka. (Mika 4:3, 4) Abantu ngeke besabulawa yizibhamu. Abantu ngeke besabulala abanye. Amathuluzi okufa ayobe engasekho.

[Izithombe ekhasini 10]

“Bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela