Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 5/8 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kufundiswe Umlando Wezenkolo?
  • Ukusakaza Amagciwane
  • Ikhambi Lohlupho Lwesikhonyane
  • Ukulala Akukhona Ukunethezeka
  • Ama-coral Asekujuleni Kolwandle
  • Ukuwohloka Komkhaya EBrithani
  • Amathole Ezindlovu Angamahlongandlebe
  • Ibutho LaseChina Lezithombe Zobumba Liyahlaselwa
  • Ubusika—Buwumngane Noma Buyisitha?
  • Yini Engenziwa Ukuze Kuvikelwe Izixhobo Zama-coral?
    I-Phaphama!—1996
  • Ama-coral—Asengozini Futhi Ayafa
    I-Phaphama!—1996
  • Usuku LukaJehova Lusondele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Okwenza Umzimba Wakho Udinge Ukulala
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 5/8 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Kufundiswe Umlando Wezenkolo?

Kuyinhlolo-vo yamuva eyenziwe yiphephandaba i-Monde nomagazini i-Notre Histoire, bangamaphesenti angu-57 kuphela abantu baseFrance abathé bangazamukela izifundo zomlando wezenkolo ezikoleni zikaHulumeni. I-Notre Histoire ithi: “Okuphawulekayo ukuthi inani labamelene nalokho liyakhula. Lokhu kubonisa ukuthi abantu abakunambithisisi ukuguqulwa noma bathanda isikole esingahlobene nhlobo nezenkolo.” Okuyindida ukuthi abantu abaningi bakholelwa ukuthi izifundo ezinjalo zinganciphisa ukucwasana ngokwenkolo phakathi kwabafundi. Ngokwale nhlolo-vo, ubuSulumane, obunabalandeli abayizigidi ezine, sebuyinkolo yesibili enkulu eFrance ngemva kobuKatolika, kuyilapho amaProthestani, amaJuda, amaBuddha, amaKristu obu-Orthodox noFakazi BakaJehova nabo beyingxenye “yomphakathi wezinkolo ezihlukahlukene” zaleli zwe.

Ukusakaza Amagciwane

I-Guardian yaseLondon ithi: “Izifo ezithathelwanayo zingadluliselwa kwabanye abantu ngezenzo ezivamile njengokuvula umpompi noma ukubamba ucingo.” Ososayensi base-University of Arizona, eTucson, e-U.S.A., babika ukuthi umuntu ohlaselwe umkhuhlane, ofinyayo abese evula umpompi angashiya “amagciwane angaphezu kuka-1 000 esibambweni.” Iningi lalawo magciwane lingagulisa umuntu olandelayo ozothinta lowo mpompi, ikakhulukazi uma lowo muntu engazithinta umlomo, ikhala noma amehlo. Ukuhlola okwenziwa nge-bacterium namagciwane kwabonisa ukuthi “izingcingo zidlulisa u-39% wama-bacterium no-66% wamagciwane, kuyilapho ompompi bedlulisa u-28% no-34%.” Ukuthinta udebe olungezansi ngomunwe onamagciwane kungadlulisela ingxenye engaphezu kweyesithathu yalawo magciwane. Izifo ezibangelwa ama-rotavirus nesifo sohudo esibangelwa yi-salmonella zingadluliswa kalula ngale ndlela ngezandla ezingcolile.

Ikhambi Lohlupho Lwesikhonyane

“Kuye kwasetshenziswa ibutho lamadada nezinkukhu ezingu-700 000 eziqeqeshwe ngokukhethekile ukuze kulwiwe nohlupho lwesikhonyane olukhulu kakhulu eChina phakathi neminyaka engu-25,” kubika i-Daily Telegraph yaseLondon. Ehlobo lika-2000, iqulo lesikhonyane labhubhisa amahektare ayizigidi ezingu-1,6 ezilimo enyakatho nasempumalanga yezwe kanye namahektare ayizigidi ezingu-3,9 ezimfunda eXinjiang esemajukujukwini asentshonalanga. La madada nezinkukhu kuye kwaqeqeshelwa ukujaha nokudla lezi zinambuzane lapho zizwa indweba. UZhao Xinchun, isekela lomphathi weLocust and Rat Control Office eXinjiang, lapho lezi zinyoni ziqeqeshwa futhi zisetshenziswe khona, uyachaza: “Abalimi babazi ukuthi izinkukhu ziyakuthanda ukudla isikhonyane, ngakho senza ukuhlola okuthile [futhi] sathola ukuthi amadada angadla isikhonyane esiningi kunezinkukhu [isikhonyane esingaba ngu-400 lilinye ngosuku], amelana kangcono nesimo esibi sezulu kunezinkukhu futhi izinkozi noma ochakide abasondeli kuwo. . . . Siwabeka emfundeni, sishaye indweba abese edla isikhonyane.” Lezi zinyoni ziyingxenye yohlelo oluhlanganisa izindiza ezifutha izilimo nezilwanyana ezibulala isikhonyane.

Ukulala Akukhona Ukunethezeka

Iphephandaba laseNingizimu Afrika i-Natal Witness lithi: “Okungenani ingxenye yesine yabantu baseNingizimu Afrika ayisebenzi ngamandla onke ngenxa yokungalali noma ngenxa yokuphazamiseka.” NgokukaDkt. James Maas, umcwaningi wezokulala, ukulala kunikeza ubuchopho ithuba lokuvuselela izinzwa ezibalulekile, ngakho ukulala ngokwanele kubalulekile ukuze umuntu abe nenkumbulo enhle, akwazi ukwenza izinto, axazulule izinkinga futhi abe nekhono lokufunda. Imiphumela yokungalali kahle ihlanganisa ukucindezeleka, ukucasuka kalula, ukukhathazeka, ukungabi namahlaya namakhono okusebenzelana nabanye, ukuncipha kwekhono lokugxilisa ingqondo nokukhumbula, ukuncipha kwekhono lokukhulumisana nokwenza izinqumo, ukuzifaka engozini kanye nomsebenzi nokuphila okusezingeni eliphansi. Abantu abalala amahora amahlanu noma ngaphansi bawohloza namandla omzimba okulwa namagciwane. “Ukuze sisebenze kahle,” kusho uMaas, “kumelwe sichithe ingxenye yesithathu yokuphila kwethu silele, okuyisilinganiso samahora angaba ngu-8 ubusuku ngabunye.”

Ama-coral Asekujuleni Kolwandle

“Ekujuleni kwamanzi abandayo, amnyama aseNyakatho Yurophu, kuye kwatholakala izixhobo zama-coral—izixhobo ezinazo zonke izinhlobonhlobo zezilwane zasolwandle ezitholakala ezindaweni ezishisayo,” kubika i-National Post yaseCanada. La ma-coral asekela izinto eziningi eziphilayo, kuhlanganise ama-sponge, ama-sea fan kanye “nendathane yezinhlobo zezibungu zasolwandle, eziningi zazo abangakaze bazibone ososayensi.” Kwatholakala izilwanyana eziningi enzikeni esekujuleni kolwandle, “cishe ingxenye yazo ososayensi babeziqabuka,” kusho u-Alex Rogers waseSouthampton University Oceanography Centre e-United Kingdom. “Kufanele sivikele lezi zixhobo hhayi ngenxa yama-coral kangako—kwezinye izindawo atholakala ewodwa—kodwa ukuze silondoloze indawo yemvelo yezinye izilwanyana ezihlala lapho.” Ulinganisela ukuthi kulezi zixhobo zama-coral kunezinhlobo zezinto eziphilayo ezingaba ngu-900. Leli phephandaba lithi kucatshangwa nokuthi la ma-coral ayikhaya “lezinye izinhlanzi ezisencane ezibalulekile kwezentengiselwano.”

Ukuwohloka Komkhaya EBrithani

IBrithani inezinga eliphakeme lesehlukaniso eYurophu kanye nezinga eliphakeme nakakhulu lokuhlukana kwabantu abakipitile. Umbiko wocwaningo olugunyazwe uhulumeni onesihloko esithi “Umonakalo Wokuwohloka Komkhaya,” uyaxwayisa: “Imbangela eyinhloko yokuwohloka kwenhlala-kahle yezingane ukuwohloka komkhaya—ikakhulukazi ukuwohloka kobuhlobo bukamama nobaba abakhulisa izingane.” Umphumela oqondile walokhu ubiza umkhokhi wentela waseBrithani imali engaba ngu-£11 (R123) ngesonto, kodwa izindleko ezingaqondile zihlanganisa imizi eyengeziwe yokuhlalisa imikhaya ehlukene nomonakalo emvelweni ngenxa yalesi simo. Nakuba ungazami ukufundisa abantu ukuziphatha, lo mbiko uthi: “Sikholelwa ukuthi sekuyiminyaka eminingi kubonakala ukuthi umshado uyisisekelo esiqinisekile somphakathi ozinzile nesokukhulisa izingane.”

Amathole Ezindlovu Angamahlongandlebe

Sekubikwe obhejane abangu-36 ababulawe amathole ezindlovu kusukela ngo-1991 eHluhluwe-Umfolozi Park eNingizimu Afrika, kusho umbiko we-African Wildlife onesihloko esithi “Ingane Eyekwayo Iyahlazisa.” La mathole anonya ngempela ayizintandane ezasala lapho kubulawa izindlovu zaseKruger National Park ngokomthetho, futhi asefinyelele ukuvuthwa ngokobulili eminyakeni eminingi ngaphambi kwesikhathi esivamile. Abacwaningi bakholelwa ukuthi ukungabi bikho komphakathi wezindlovu ovamile kuyimbangela yobuhlongandlebe bala mathole. Yingakho kuye kwalethwa izinkunzi eziyishumi zezindlovu ezivela eKruger National Park ukuze zizoqondisa la mathole angenasimilo. Kwesinye isiqiwu, lapho lolu hlelo lwaqala khona ngo-1998, akukabikwa bhejane ofile kuze kube manje.

Ibutho LaseChina Lezithombe Zobumba Liyahlaselwa

I-Guardian yaseLondon iyabika: “Omunye wemibukiso yaseChina edume kakhulu ekhanga izivakashi, ibutho lezithombe zobumba eselineminyaka engu-2 200 ubudala, ubhekene nesitha esisha.” Kunezinhlobo ezingu-40 zesikhunta eziye zahlasela amasosha, abacibisheli namahhashi angu-1 400 kwangaphezu kuka-8 000 obumba avumbululwa eduze kwethuna lasebukhosini lombusi waseChina uQin Shihuang ngaphandle kwaseXi’an, inhloko-dolobha yasendulo yaleli zwe. Leli qoqo elihle, elaqala ukutholakala ngo-1974 futhi manje eligcinwe egumbini elingaphansi komhlaba, lisengozini nangenxa yokuthi “ukuphefumula nokushisa komzimba kwezivakashi ezingaba ngu-4 300 ngosuku kuxebula umbala walezi zithombe owawugqamile,” kusho i-Times yaseLondon. Ukuze kuvinjelwe isikhunta singadluleli kuzo zonke izithombe, iziphathimandla zedolobha laseXi’an ziqashé inkampani yaseBelgium engochwepheshe ekulweni nesikhunta.

Ubusika—Buwumngane Noma Buyisitha?

Ipheshana lezempilo laseJalimane i-Apotheken Umschau libika ukuthi isimo sezulu esibandayo nesinemvula asiyona ingozi empilweni yakho. Ngokuphambene, isazi se-climatology kwezokwelapha uDkt. Angela Schuh sithi, ukushaywa umoya ebusika kunganikeza inhliziyo yakho nemithambo yegazi ithuba elihle lokuzivivinya futhi kungaqinisa wonke umzimba. Kungenzeka ukuthi ukuhlala egumbini elifudumele kungenza umzimba ulahlekelwe yikhono lokumelana nokushintsha kwezinga lokushisa. Kucatshangwa ukuthi lokhu kungabangela umuntu izifo, ukukhathala nezinhlungu zekhanda. Kodwa umzimba oqinile ngenxa yokuvivinywa njalo esimweni sezulu “esibi” ungamelana kangcono namakhaza futhi ube namandla engeziwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela