Ukudla Izidakamizwa—Likhona Ikhambi!
“INQWABA Ye-cocaine Eshushumbisiwe Itholakale Emabhodleleni Ewayini.” Leso sihloko sephephandaba seziphambili sachaza indlela amaphoyisa eGoli, eNingizimu Afrika, abamba ngayo ibhokisi lokuthumela izimpahla elalinamabhodlela angu-11 600 ewayini laseNingizimu Melika. Leli wayini lalixutshwe ne-cocaine engamakhilogremu angu-150 kuya kwangu-180. Kukholelwa ukuthi lena kwakuyi-cocaine eshushumbisiwe eningi kunayo yonke eyake yangena kuleli zwe.
Nakuba ukutholwa kwezinto okunjalo kukhuthaza, iqiniso liwukuthi amaphoyisa abamba izidakamizwa ezilinganiselwa kumaphesenti ayishumi kuya kwangu-15 kuphela azo zonke izidakamizwa ezingemthetho emhlabeni wonke. Ngeshwa, lokhu kufana nomlimi osusa amaqabunga ambalwa okhula olubi kodwa ashiye izimpande enhlabathini.
Izindodla zemali ezitholakala ngezidakamizwa zibhuntshisa imizamo kahulumeni yokunqanda ukukhiqizwa nokuthengiswa kwazo. E-United States kuphela, kulinganiselwa ukuthi kuhwetshwa ngezidakamizwa ezingemthetho ezidla izinkulungwane zezigidi zamaRandi ngonyaka. Njengoba kuhileleke indathane yemali, akumangalisi ukuthi amaphoyisa nezikhulu zikahulumeni, ngisho nezisezikhundleni eziphezulu, zingawela enkohlakalweni.
U-Alex Bellos wephephandaba i-Guardian Weekly wabika ukuthi ngokophenyo lwasephalamende eBrazil, “amalunga eSishaya-mthetho amathathu, amalungu ephalamende angu-12 nabaphathi bamadolobha abathathu babalwa . . . ohlwini lwabantu abangaphezu kuka-800 okuthiwa bahileleke ebugebengwini obuhleliwe nasekushushumbiseni izidakamizwa eBrazil.” Lolu hlu lwaluhlanganisa “namaphoyisa, abameli, osomabhizinisi nabalimi basezifundeni ezingu-17 kwezingu-27.” Ekhuluma ngokwatholakala kulolu phenyo, uprofesa wezombangazwe eBrasília University wathi: “Ukumangalelwa okukhulu kwazo zonke izingxenye zomphakathi waseBrazil.” Kungase kushiwo okufanayo ngemiphakathi eminingi lapho izidakamizwa zande khona. Imithetho yokuhweba ukuze kwaneliswe isidingo iyona ebhebhethekisa le nkinga.
Becabangela ukuthi akunampumelelo ukuzivimbela ngokomthetho, abanye batusa ukuvunyelwa ngokomthetho kwezidakamizwa ezithile. Umbono ovamile uwukuthi abantu kufanele bavunyelwe ukuba babe nengcosana yazo ukuze bazisebenzise. Banomuzwa wokuthi lokhu kuyokwenza ukulawula kukahulumeni kube lula futhi kuyonciphisa izindodla zemali ezitholwa abaholi bokushushumbiswa kwezidakamizwa.
Abanye Bayaphumelela
Ukukhululeka ekuluthekeni kungase kuqale kwenze imilutha iziyeke izidakamizwa bese kuthuthukisa impilo yayo engokomzimba. Ngeshwa, lapho umlutha uphindela endaweni yawo evamile, uzongena esilingweni sokuba uphindele ezidakamizweni. Umlobi uLuigi Zoja unikeza isizathu salokhu: “Akunakwenzeka ukuba umane uqede umkhuba othile ngaphandle kokwenza isiguli sibe nomqondo omusha ngokuphelele.”
UDarren, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, wathola “umqondo omusha” owashintsha ukuphila kwakhe. Uyachaza: “Ngangingakholelwa kuNkulunkulu, kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ngisho nakuba ngangidla izidakamizwa kusukela ekuseni lize liyoshona, ngaqala ukuqaphela ukuthi kumelwe ukuba ukhona uNkulunkulu. Phakathi nezinyanga ezimbili kuya kwezintathu, ngazama ukugqashula ezidakamizweni, kodwa abangane bami babengiphindisela khona. Nakuba ngangisadla izidakamizwa, ngaqala ukufunda iBhayibheli njalo ngaphambi kokuba ngiyolala. Nganciphisa ukuzihlanganisa nabangane bami. Ngobunye ubusuku mina nomlisa engangihlala naye endlini sasidakwe siyinhlabathi. Ngamtshela ngeBhayibheli. Ngakusasa ekuseni washayela umfowabo ucingo, owayengomunye woFakazi BakaJehova. Wasiyalela omunye uFakazi owayehlala edolobheni esasikulo, futhi ngaya kuye.
“Saxoxa kwaze kwashaya u-11:00 ebusuku, futhi ngahamba nedlanzana lezincwadi zokufunda iBhayibheli. Ngaqala ukutadisha iBhayibheli naye futhi ngayeka ukudla izidakamizwa nokubhema. Cishe ezinyangeni ezingu-9 kamuva, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.”
Akulula ukugqashula emkhubeni wezidakamizwa. UMichael, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, wembula ubunzima abuthola lapho eyeka ukudla izidakamizwa ngemva kweminyaka engu-11: “Ngakuthola kunzima kakhulu ukudla, ngenxa yalokho ngazaca. Ngangizwa izinaliti emzimbeni, ngijuluka futhi ngibona ukukhanya kuzungeze abantu. Ngangiziqalekela kakhulu izidakamizwa, kodwa ukusondela kuJehova ngomthandazo nokutadisha iBhayibheli kwangisiza ukuba ngihlale ngihlanzekile.” Laba bantu ababedla izidakamizwa ngaphambili bayavuma ukuthi kwakubalulekile ukuba bahlukane ngokuphelele nabangane babo bangaphambili.
Okwenza Imizamo Yomuntu Ihluleke
Ukusebenzisa kabi izidakamizwa ezingemthetho kumane nje kungesinye isici senkinga enkulu yembulunga yonke. Ithonya elinamandla lobubi, ubudlova nonya likhungethe wonke umhlaba. IBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Lowo “omubi” uchazwa umphostoli uJohane kusAmbulo 12:9: “Ngakho wajikijelwa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; wajikijelwa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zajikijelwa phansi kanye naye.”
Ngaphezu kobuthakathaka babo siqu, abantu kuye kwadingeka bamelane nalesi sitha esinamandla. USathane nguye owabangela ukuwa kwabantu ekuqaleni. Uzimisele ukuqhubeka ewisa isintu futhi asenze sifulathele uNkulunkulu. Ukusebenzisa kabi kwesintu izidakamizwa kubonakala kuyingxenye yesu lakhe. Usebenza ngenkulu intukuthelo ngoba uyazi ukuthi “unenkathi yesikhathi emfushane.”—IsAmbulo 12:12.
Liyini Ikhambi LikaNkulunkulu?
IBhayibheli lembula ilungiselelo loMdali lothando lokuhlenga isintu esimweni saso esinesono. Kweyoku-1 Korinte 15:22, siyatshelwa: “Njengoba nje bonke befa ku-Adamu, kanjalo nakuKristu bonke bayokwenziwa baphile.” Ngokuzithandela uJesu weza emhlabeni njengomuntu ophelele futhi wanikela ukuphila kwakhe kwasemhlabeni ukuze ahlenge isintu esonweni nasekufeni.
Ukwazi isizathu sokufa kanye nekhambi lezinkinga zesintu kuye kwashukumisa abaningi futhi kwabakhuthaza ukuba bagqashule ekuluthweni izidakamizwa. Kodwa iBhayibheli lenza okungaphezu nje kokusisiza ukuba ngabanye silwe nenkinga yezidakamizwa manje. Lisitshela ngesikhathi, ngemva kokuqedwa kwethonya likaSathane, lapho zonke izinkinga zomhlaba ziyophela phakade, kuhlanganise nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa.
Incwadi yesAmbulo ichaza “umfula wamanzi okuphila, ucwebe njengekristalu, ugeleza uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.” (IsAmbulo 22:1) Lo mfula ongokomfuziselo ufanekisela ilungiselelo likaNkulunkulu ngoJesu Kristu lokubuyisela isintu ekuphileni okuphelele emhlabeni oyipharadesi. IsAmbulo sichaza imithi yokuphila echuma eduze komfula bese sithi: “Amaqabunga emithi ayengawokwelapha izizwe.” (IsAmbulo 22:2) Lawo maqabunga angokomfuziselo afanekisela amalungiselelo kaJehova okuphulukisa isintu asibuyisele ekupheleleni okungokomoya nokungokomzimba.
Ekugcineni, umuntu uyokhululeka, hhayi ekusetshenzisweni kabi kwezidakamizwa kuphela kodwa nakukho konke okunye ukugula nezinkinga ezimhluphayo kulesi simiso esonakele!
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
Iphephe Kangakanani Insangu?
Amazwe amaningana acabangela ukuvumela insangu ngokomthetho, ngokuyinhloko ukuze isetshenziswe ekwelapheni. Kuye kwatholakala ukuthi lesi sidakamizwa sinciphisa isicanucanu esibangelwa ukwelashwa ngamakhemikhali, futhi ubufakazi buthi sisiza abaphethwe ingculaza ukuba banqobe ukuba nenhliziyo emnyama. Siye sasetshenziswa futhi ekudambiseni izinhlungu.
Nakuba kunokuphikisana ngemiphumela yocwaningo, ukuhlola okwabikwa kumagazini i-New Scientist kuye kwathola eminye yemiphumela eyingozi yensangu.
Ukuhlola okwenziwa iHarvard University kwaqhathanisa iqembu elalibhema insangu nsuku zonke neqembu elalingayibhemi njalo. Abatholanga mehluko ekuhlolweni kokusebenza kwengqondo okuvamile. Kodwa kokunye ukuhlola okumayelana nokuvumelana nezimo, ababhema insangu njalo bakhala ngaphansi.
Enye iyunivesithi yahlola iqembu lababhema insangu njalo neqembu lababhema ugwayi njalo, enkathini eyiminyaka engu-15. Ababhema insangu babevame ukubhema kathathu noma kane ngosuku, kuyilapho ababhema ugwayi babebhema osikilidi abangu-20 noma ngaphezulu ngosuku. Inani elilinganayo kuwo womabili amaqembu lalikhwehlela futhi liphethwe isifo sokucinana kwemigudu yomoya. Ukuhlolwa kwamaphaphu kwembula ukulimala kwamangqamuzana okufanayo kuwo womabili la maqembu.
Nakuba ababhema insangu babengabhemi kakhulu, kwatholakala ukuthi ugwayi wensangu owodwa unetiyela eliphindwe kathathu kunogwayi ovamile. Ngaphezu kwalokho, i-New Scientist yabika: “Ababhema insangu bayidonsa kakhulu futhi babambe umoya isikhathi eside.”
Ngaphezu kwalokho, kwatholakala ukuthi amangqamuzana okuzivikela amaphaphu abantu ababhema insangu anamandla okulwa namagciwane angaphansi ngamaphesenti angu-35 kunawabantu ababhema ugwayi.
[Umthombo]
U.S. Navy photo
[Ibhokisi ekhasini 11]
“Icala Elibuhlungu” Kubazali
Ingosi yomhleli wephephandaba laseNingizimu Afrika i-Saturday Star yazwakalisa ukukhathazeka ngokwanda okushaqisayo kwentsha edla izidakamizwa eNingizimu Afrika, yase ithi:
“Ukuthi izingane zethu zenza lokhu [zisebenzisa izidakamizwa] ngokuvamile kuyicala elibuhlungu kithi njengabazali nasemphakathini uwonke. Masonto onke sishikashikekela imali, sichitha isikhathi ukuze sithole izinto ezibonakalayo. Izingane zethu zikhandla izingqondo zethu, zisishiye situbekile. Ingabe sichitha isikhathi esanele nazo? Kulula ukuzinika imali ukuze zihambe. Kulula kunokuzilalela—ukuthi zisabani, ayini amathemba azo nezinkinga zazo. Namuhla ebusuku, njengoba sihlezi etafuleni endaweni yokudlela noma siphumule sibukele i-TV, ingabe siyobe sazi ukuthi zenzani?”
Noma singanezela ukuthi, ingabe siyobe sazi ukuthi zicabangani?
[Isithombe ekhasini 10]
Abaningi baye bashukumiseleka ukuba bagqashule ekusebenziseni kabi izidakamizwa