Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Abahlengikazi Sekuyiminyaka engaba mithathu ngingumhlengikazi. Ukubhekana ngokuqondile nokugula nokuhlupheka kwabantu akuwona neze umsebenzi olula. Kwakukhuthaza kakhulu ukufunda ochungechungeni oluthi “Abahlengikazi—Besiyoba Yini Ngaphandle Kwabo?” (November 8, 2000) ukuthi abanye bayawazisa umsebenzi wethu! Okukhuthaza ngisho nakakhulu yisithembiso seBhayibheli sokuthi maduze nje bazobe bengasadingeki abahlengikazi.—Isaya 33:24.
J.S.B., Brazil
Mina nomyeni wami sinenkonzo yokunakekela iziguli emakhaya, futhi lolu chungechunge lwasikhuthaza kakhulu. Lwasisiza ukuba sithuthukise umbono esinawo ngomsebenzi wethu nangeziguli esizinakekelayo. Sibonga kakhulu!
S. S., Germany
Bengingacabangi ukuthi abahlengikazi babaluleke kakhulu kangaka. Kodwa lezi zihloko zangisiza ngaqonda ukuthi abahlengikazi basiza ekudambiseni ukuhlupheka ngokwengqondo okukhulu, futhi banikeza ukuqonda nokusekela odokotela abamatasa abangenakukwazi ukukunikeza. Ngathumela amakhophi alo magazini edlanzaneni labafundi engangifunda nabo abafundela ubuhlengikazi.
F. G., Italy
Ngiyabonga ngalezi zihloko ezibonisa ukucabangela. Ubuhlengikazi bungisize ukuba ngivuthwe ngezindlela eziningi. Babungesinye sezici ezangenza ngazindla ngenjongo yokuphila futhi ngatadisha iBhayibheli. Le Phaphama! iwukubongwa okukhulu kakhulu engake ngakuthola. Iyoba isikhuthazo isikhathi eside!
J. D., Czech Republic
Ngiyabonga ngalolu chungechunge. Sekuyiminyaka eminingi ngingumhlengikazi oneziqu. Nginozwela olukhulu ngeziguli zami kangangokuba ngihlengezela izinyembezi lapho ngizithela umuthi wamehlo. Ngiyaqiniseka ukuthi abahlengikazi emhlabeni wonke bazoyithanda le Phaphama!
L.A.R., United States
Amazinyo Ezinsana Kuyingxenye yomsebenzi wami emtholampilo wamazinyo ukufundisa omama indlela yokunakekela amazinyo ezinsana zabo. Isihloko esithi “Ukuvikela Amazinyo Asheshe Azwele” (November 22, 2000) siye sangisiza kakhulu ngoba sichaza ingozi yokubola kwamazinyo nomonakalo obangelwa amagciwane. Bonke omama engixoxa nabo manje sebethola ikhophi, futhi kuye kwaba nemiphumela emihle!
T.C.S., Brazil
Imilenze Eyaluzayo Ngisanda kufunda isihloko senu esithi “Ingabe Unemilenze Eyaluzayo?” (November 22, 2000) Sekuyiminyaka engu-18 nginale nkinga, futhi bengicabanga ukuthi ngingedwa. Bengivame ukukhala ngenxa yokukhungatheka nokungalali, futhi sengiphuze imithi enhlobonhlobo. Kuyiqiniso ukuthi okuwukuphela kwekhambi eliphelele uMbuso kaJehova.
S. T., Scotland
Ngamangala lapho ngifunda lesi sihloko, ngoba sasichaza zona kanye izimpawu enginazo. Nakuba inkinga enginayo ingakachazwa ngokuqondile ngokuthi i-Restless Legs Syndrome (isifo semilenze eyaluzayo), kuyangiduduza ukwazi ukuthi nabanye babhekene nenkinga efanayo. Manje sengifunda indlela yokuphila nenkinga yami kangcono kunangaphambili. Ngenxa yokuthi sengiyakwazi ukubhekana nale mizwa ekhathazayo, ngizizwa ngingcono ngokomzwelo.
A. K., Japan
Ngineminyaka engu-43 ubudala futhi ebusuku ngisavuswa ukunwabuzela engikuzwa emilenzeni nasezingalweni zami. Ngaphambi kokufunda lesi sihloko, ngangicabanga ukuthi yimina kuphela onale nkinga. Ngangingazi ukuthi nabanye bahlupheka njengami. Ngiyabonga ngokunyathelisa izihloko ezinjengalesi ezazisa abanye ngalezi zifo ezingavamile.
D. L., Canada