Intsha Iyabuza . . .
Ungangisiza Kanjani Umthandazo?
“Umthandazo yiwo owangisiza ukuba ngiqondise ukuphila kwami.”—UBrad.a
INTSHA eningi iyathandaza—mhlawumbe kaningi kunokuba ucabanga. INhlolo-vo kaGallup Yentsha eneminyaka engu-13 kuya kwengu-17 ubudala e-United States, yembula ukuthi amaphesenti angu-56 ayo ayathandaza ngaphambi kokudla. Inhlolo-vo entsheni esingena ebudaleni yabonisa ukuthi amaphesenti angu-62 ayo athandaza nsuku zonke.
Noma kunjalo, entsheni eningi umthandazo umane uyisiko elingasho lutho noma umkhuba nje. Imbalwa intsha enalokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘ulwazi olunembile ngoNkulunkulu.’ (Kolose 1:9, 10) Ngenxa yalokho, uNkulunkulu akanangxenye etheni ekuphileni kwayo. Kwenye inhlolo-vo, intsha yabuzwa ukuthi yake yaphendukela yini kuNkulunkulu lapho idinga usizo ekwenzeni izinqumo ezibalulekile. Enye intombazane yaphendula: “Ngihlale ngithandaza kuNkulunkulu ukuba angisize ngikhethe izindlela eziqondile ekuphileni.” Nokho, yavuma: “Asikho isinqumo esithile engisikhumbulayo njengamanje.” Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi intsha eningi ayiqiniseki ukuthi umthandazo unawo yini amandla noma ukuthi uyoyisiza yini!
Noma kunjalo, njengoBrad ocashunwe ekuqaleni, izinkulungwane zentsha ziye zazizwela ngokwazo amandla omthandazo. Nawe ungazizwela! Isihloko sangaphambili sabonisa ukuthi kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzoyizwa imithandazo yethu.b Manje umbuzo uwukuthi, Ungakusiza kanjani umthandazo? Okokuqala, ake sihlole indlela uNkulunkulu aphendula ngayo imithandazo yethu.
Indlela UNkulunkulu Aphendula Ngayo Imithandazo
Ezikhathini zeBhayibheli amanye amadoda okholo athola izimpendulo eziqondile—ngisho nangendlela eyisimangaliso—zemithandazo yawo. Ngokwesibonelo, lapho iNkosi uHezekiya izwa ukuthi inesifo esibulalayo, yanxusa uJehova ukuba ayikhulule. UNkulunkulu waphendula: “Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa.” (2 AmaKhosi 20:1-6) Abanye besilisa nabesifazane abesaba uNkulunkulu nabo babona ukungenela kukaNkulunkulu ezindabeni zabo.—1 Samuweli 1:1-20; Daniyeli 10:2-12; IzEnzo 4:24-31; 10:1-7.
Nokho, ukungenela kwaphezulu kwakungeyona into evamile ngisho nasezikhathini zeBhayibheli. Ezikhathini eziningi uNkulunkulu wayengayiphenduli imithandazo yezinceku zakhe ngokungenela ngokuyisimangaliso, kodwa ngokuzisiza ukuba ‘zigcwale ulwazi olunembile ngentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya.’ (Kolose 1:9, 10) Yebo, uNkulunkulu wayeqinisa abantu bakhe ngokomoya nangokokuziphatha—ebanikeza ukuhlakanipha nolwazi ukuze benze izinqumo ezihlakaniphile. Lapho amaKristu esesimweni esinzima, uNkulunkulu wayengalususi uvivinyo. Kunalokho, wayewanikeza “amandla angaphezu kwavamile” ukuze akwazi ukulukhuthazelela!—2 Korinte 4:7; 2 Thimothewu 4:17.
Ngokufanayo nanamuhla, impendulo yemithandazo yakho mhlawumbe ngeke ihilele okuthile okuyisimanga. Kodwa njengoba enza endulo, uNkulunkulu angakunika umoya wakhe ongcwele futhi akuqinise ukuze ukwazi ukubhekana nanoma yiziphi izimo. (Galathiya 5:22, 23) Ukuze sicacise leli phuzu, ake sibheke izindlela ezine umthandazo ongakusiza ngazo.
Usizo Ekwenzeni Izinqumo
UKaren wayephola nensizwa eyayibonakala inemigomo emihle ngokomoya. Uthi: “Wayehlale engitshela ukuthi ufuna ukuba umdala ebandleni.” Konke lokhu kwakuzwakala kukuhle. Kodwa “wayekhuluma kakhulu ngebhizinisi ayeliqala nangazo zonke izinto ayezongithengela zona. Ngaqala ukubungabaza ubuqotho bakhe.” UKaren wathandaza ngakho. “Nganxusa uJehova ukuba angivule amehlo angibonise lokho engangidinga ukukwazi ngaye.”
Ngezinye izikhathi kona kanye ukuthandaza kuyazuzisa, ngoba kungakusiza ukuba ucabangisise ngaleyo nto ngombono kaJehova. Kodwa uKaren wayedinga neseluleko esingokoqobo. Ingabe wayezothola impendulo eyisimangaliso? Cabangela ukulandisa kweBhayibheli mayelana neNkosi uDavide. Lapho ezwa ukuthi umngane wakhe ayemethemba u-Ahithofeli wayeluleka indodana yakhe eyimbuka u-Abisalomu, uDavide wathandaza: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.” (2 Samuweli 15:31) Kodwa uDavide wenza nangokuvumelana nomthandazo wakhe. Waphathisa umngane wakhe uHushayi lo msebenzi: “Uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli.” (2 Samuweli 15:34) Ngendlela efanayo, uKaren wathatha isinyathelo ngokuvumelana nomthandazo wakhe wakhuluma nomdala ongumKristu ovuthiwe owayazi isoka lakhe. Wakuqinisekisa lokho uKaren ayekwesaba: Isoka lakhe lalingathuthuki ngokomoya.
UKaren uthi: “Leso simo sangivula amehlo ngamandla omthandazo.” Ngokudabukisayo, lelo soka lakhe langaphambili laphishekela ingcebo futhi layeka ukukhonza uNkulunkulu. UKaren uthi: “Ukube ngangishade naye, ngabe sengiza ngedwa emihlanganweni yobuKristu.” Umthandazo wasiza uKaren ukuba enze isinqumo esihlakaniphile.
Usizo Ekulawuleni Imizwa Yakho
KuzAga 29:11 iBhayibheli lithi: “Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.” Inkinga iwukuthi abantu abaningi namuhla bacindezeleke kakhulu ngokomzwelo futhi ngokuvamile abakwazi ukuzithiba—bese ngezinye izikhathi kuba nemiphumela eyinhlekelele. UBrian osemusha uyakhumbula: “Nganginezinkinga nothile engisebenza naye. Ngelinye ilanga wangikhiphela ummese.” Wena wawuyokwenzenjani? UBrian wathandaza. Uthi: “UJehova wangisiza ukuba ngehlise umoya, futhi ngakhuluma nalo muntu engisebenza naye ngamyekisa ummese. Walahla phansi ummese wahamba.” Ukulawula imizwelo yakhe kwasiza uBrian ukuba agweme ukuthukuthela, futhi ngokunokwenzeka lokhu kwasindisa ukuphila kwakhe.
Ngokuvamile kungase kungenzeki ukuba uzithole usongelwa ngommese. Kodwa kuyoba nezimo eziningi ekuphileni kwakho lapho kuyodingeka ulawule khona imizwelo yakho. Umthandazo ungakusiza ukuba wehlise umoya.
Usizo Ngokukhathazeka
UBarbara ukhumbula “ebhekene nesikhathi esinzima” eminyakeni ethile edlule. Uthi: “Umsebenzi, umkhaya, abangane bami—akukho okwakubonakala kuphumelela. Ngangingazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani.” UBarbara wezwa kuthi makathandazele usizo. Kodwa kwakunenkinga. Uthi: “Ngangingazi ukuthi ngiceleni kuJehova. Ekugcineni, ngacela ukuthula kwengqondo. Ngangimcela njalo ebusuku ukuba angisize ngingakhathazeki ngayo yonke into.”
Lowo mthandazo wamsiza kanjani? Uthi: “Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngaqaphela ukuthi nakuba izinkinga zami zazisekhona, ngangingasacabangi kangako ngazo futhi zazingasangikhathazi.” IBhayibheli liyathembisa: “Izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu . . . futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.
Usizo Ukuze Usondele KuNkulunkulu
Cabangela indaba yosemusha okuthiwa uPaul. Uthi: “Ngangisanda kuthutha ngihlala nezihlobo. Ngobunye ubusuku ngazithola ngicindezeleke kakhulu. Ngangisanda kuqeda esikoleni esiphakeme futhi ngibakhumbula bonke abangane bami. Kwavele kwehla izinyembezi ngalobo busuku njengoba ngangikhumbula izikhathi ezimnandi esasizijabulele ndawonye.” Yini uPaul ayengayenza? Ngokokuqala ngqá, wathandaza ngokujulile. Uthi: “Ngathulula inhliziyo yami futhi ngacela amandla kuJehova nokuthula kwengqondo.”
Waba yini umphumela? UPaul uyakhumbula: “Ngakusasa ekuseni, ngavuka ngizizwa ngikhululekile kunanoma yinini ngaphambili ekuphileni kwami. Ngayeka ukuba nesimo sengqondo esidabukisayo ngaba ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.’” Manje njengoba inhliziyo yakhe yayisizolile, uPaul wayesengabheka izinto ngombono ozolile. Futhi ngokushesha waqaphela ukuthi ‘izikhathi ezimnandi’ zazingamzuzisanga ngempela. (UmShumayeli 7:10) Eqinisweni, “abangane” ayebakhumbula kangaka babengabanga ngempela nethonya elihle kuye.
Ngaphezu kwakho konke, uPaul wazizwela ngokwakhe ukunakekela kukaJehova. Wezwa ubuqiniso bamazwi kaJakobe 4:8: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” Kwakuwushintsho olubaluleke kakhulu lolu kuPaul. Washukumiseleka ukuba abeke uJehova ngaphambi kwazo zonke izinto ekuphileni kwakhe futhi anikezele ukuphila kwakhe kuye.
Khuluma NoNkulunkulu!
Lokhu okuhlangenwe nakho okuhle kusiqinisekisa ukuthi umthandazo ungakusiza. Yebo, kunjalo kuphela uma uqotho ngokwazi uNkulunkulu, uhlakulela ubungane naye. Ngeshwa, intsha eningi iyazindela ukwenza kanjalo. UCarissa wakhuliswa njengomKristu. Kodwa uyavuma: “Ngicabanga ukuthi ukubaluleka okukhulu kobuhlobo bethu obuvelele noJehova ngiye ngaqala ukubuqonda eminyakeni embalwa edlule.” UBrad, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wakhuliswa njengomKristu kodwa wakulahla ukukhulekela kweqiniso iminyaka ethile. Uthi: “Ngabuyela kuJehova lapho sengiqaphela ukuthi yini engangiyilahlile. Manje sengiyazi ukuthi ukuphila kungaba okungenanjongo kanjani ngaphandle kwalobo buhlobo.”
Kodwa ungalindi uze wehlelwe inhlekelele ngaphambi kokuba usondele kuNkulunkulu. Qala ukukhuluma naye manje—njalo! (Luka 11:9-13) ‘Thulula inhliziyo yakho phambi kwakhe.’ (IHubo 62:8) Ngokushesha uzothola ukuthi umthandazo ungakusiza ngempela!
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe UNkulunkulu Uzoyizwa Imithandazo Yami?” kuyi-Phaphama! ka-June 22, 2001.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 15]
Umthandazo Ungakusiza Ukuba
● Wenze izinqumo ezingcono
● Uzole ngezikhathi zokucindezeleka
● Uthole impumuzo uma ukhathazekile
● Usondele kuNkulunkulu