Izinganekwane Namaqiniso Ngokuphathelene Nasebekhulile
Kunezinganekwane eziningi ngokuphathelene nokuguga. Incwadi ethi “Ageing—Exploding the Myths,” enyatheliswa yi-Ageing and Health Programme ye-World Health Organization yembula iphutha lezinye zalezi zinganekwane. Cabangela izibonelo ezimbalwa.
Inganekwane: Abantu abaningi asebekhulile bahlala emazweni anezimboni.
Iqiniso: Eqinisweni, amaphesenti angaphezu kuka-60 abantu asebekhulile abayizigidi ezingu-580 emhlabeni wonke ahlala emazweni asathuthuka. Inani elandayo labantu kula mazwe selifinyelela eminyakeni yokukhula ngenxa yokunakekelwa kwezempilo okungcono nentuthuko ezindleleni zokukhucululwa kwendle, ukwakhiwa kwezindlu nokondleka.
Inganekwane: Abantu asebekhulile akukho lutho abangasiza ngalo.
Iqiniso: Abantu asebekhulile banengxenye enkulu ngokwenza umsebenzi abangatholi nkokhelo ngawo. Ngokwesibonelo, izingane ezilinganiselwa ezigidini ezimbili e-United States zinakekelwa ogogo nomkhulu bazo, kanti eziyizigidi ezingu-1,2 kuzo zihlala kwagogo nomkhulu. Ngakho, abantu asebekhulile banikeza abazukulu babo indawo yokuhlala, ukudla nemfundo futhi badlulisele kubo izindinganiso ezingokwesiko kuyilapho omama nobaba bezingane beqhubeka besebenza. Ngokufanayo, emazweni anezimboni, izinhlangano eziningi zokuzithandela bezingeke ziqhubeke zisebenza ngaphandle kwabantu asebekhulile abafaka isandla. Futhi bangabanakekeli abadingeka kakhulu. Kwamanye amazwe asathuthuka, lapho abantu abadala abangamaphesenti angu-30 benengculaza khona, abantu asebekhulile banakekela izingane zabo ezindala ezinalesi sifo, bese kuthi ngemva kokufa kwazo banakekele abazukulu babo abayizintandane.
Inganekwane: Abantu asebekhulile bawushiya phansi umsebenzi ngoba usuyabehlula.
Iqiniso: Ngokuvamile bayeka umsebenzi ngenxa yokuntula imfundo noma ukuqeqeshwa noma ngenxa yokubandlululwa kwasebekhulile, hhayi ngenxa yokukhula ngokwako.
Inganekwane: Abantu asebekhulile abakufuni ukusebenza.
Iqiniso: Ngokuvamile abantu asebekhulile bayaxoshwa emisebenzini eholelayo naphezu kokuzimisela kwabo nekhono labo lokuqhubeka besebenza. Ikakhulukazi phakathi nenkathi yokuntuleka kwemisebenzi, ngokuvamile kuthiwa abantu asebekhulile kufanele bashiye imisebenzi eholelayo ukuze bavule amathuba entsha efuna umsebenzi. Nokho, ukuxoshwa kwabantu asebekhulile emisebenzini akuyivuleli ngempela intsha amathuba omsebenzi. Umuntu osemusha ofuna umsebenzi angase angabi nawo amakhono adingekayo ukuze athathe umsebenzi womuntu osekhulile. Abantu asebekhulile abanekhono baqinisekisa ukuqhubeka komsebenzi nokuzinza kwezinkampani.
I-World Health Organization (WHO) iphawula ukuthi uma kucatshangelwa la maqiniso, umphakathi womhlaba wonke kufanele ubheke abantu asebekhulile njengomthombo wolwazi ongaba usizo olukhulu. Ngakho-ke, u-Alexandre Kalache, umholi weqembu le-Ageing and Health Programme ye-WHO, uphawula ukuthi “amazwe . . . akufanele abheke abantu asebekhulile njengenkinga kodwa njengekhambi lezinkinga ezikhona.” Lelo yiqiniso elingenakuphikwa.