Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Imfundo Ngibhala ukuze ngibonge ngochungechunge oluthi “Imfundo Eholela Ekuphileni Okungcono.” (December 22, 2000) Lwabonisa ngempela indlela uJehova, ngenhlangano yakhe, azama ngayo ukufinyelela bonke abanhliziyo ziqotho. Ngathinteka inhliziyo lapho ngifunda ukuthi isiteshi sendawo sethelevishini namaphephandaba asakaza ukukhululwa kwe-Phaphama! ngolimi lwesiSamoa. Kwafakazela ukugcwaliseka kwamazwi kaJesu akuzEnzo 1:8: “Nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.”
J. D., United States
Obaba Abashiya Imikhaya Ngineminyaka engu-15 ubudala futhi ngifisa ukunibonga ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Wasishiyelani Ubaba?” (November 22, 2000) nesithi “Ngingabhekana Kanjani Nokushiywa Ubaba?” (December 22, 2000) Ngiye ngaba nemizwa ehlukahlukene kusukela ekubeni nentukuthelo kuya ekubeni lusizi nokuphelelwa yithemba. Lezi zihloko zabonisa ukuthi akumina ngedwa obhekene nalesi simo nokuthi indlela engizizwa ngayo ingevamile. Ngicela niqhubeke nibhala izihloko ezinjalo ezinhle.
S. L., Germany
Ngineminyaka eyishumi ubudala, futhi kubonakala sengathi bengilinde lezi zihloko ukuphila kwami konke! Ngahlukumezeka kakhulu lapho ubaba esishiya. Lezi zihloko zafika ngesikhathi esifanele.
M. D., Germany
Indaba Yokuphila Ngiyabonga ngesihloko esithi “Nganikezwa Ithemba Elingiqinisayo.” (December 22, 2000) Bengimzonda ubaba ngenxa yokuthi kusukela ngisemncane, ngiye ngambona ehlukumeza umama. Ngangazi ukuthi inzondo ayilungile, kodwa kwakunzima kakhulu ukulawula le mizwa. Kodwa-ke ngafunda indlela uTatjana Vileyska azama ngayo ukunqoba indlela ayemzonda ngayo umlisa owayebulale unina. Ngingathanda ukumlingisa.
A. K., Japan
Ukufunda ngesimo esinzima uTatjana abhekana naso ngokushonelwa abazali kwangilethela izinyembezi. Izenzakalo ezinjalo abantu ababhekana nazo zingikhumbuza njalo ukuthi abantu abaningi emhlabeni wonke bakhuthazelela ubunzima obukhulu kodwa baphumelele futhi bajabule naphezu kobunzima ababhekene nabo.
J. R., United States
Ngisanda kuqeda ukufunda indaba ethinta inhliziyo kaTatjana Vileyska. Kuyothatha isikhathi eside ukuba ngiyikhohlwe. Ukubhekana nesimo abhekana naso ngaphambi kokuba afunde iqiniso leBhayibheli kodwa aqhubeke enenjabulo kuyisimangaliso esingokomoya.
S. S., Unites States
Ukusindisa Imishado Ngibonga ngiyanconcoza ngochungechunge lwe-Phaphama! ka-January 8, 2001 oluthi “Ingabe Singawusindisa Umshado Wethu?” Esikhathini esingangonyaka esidlule mina nomkami sasinezinkinga zomshado. Sobabili sakhulela emikhayeni eyayiphila ngentukuthelo. Ngakho sasisho amazwi ahlabayo komunye nomunye, futhi isimo singabe sisalawuleka. Kodwa saqala ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli, futhi manje sesijabule kakhulu.
R. O., United States
Njengomdala webandla, ngiye ngathola ukuthi esinye sezimo eziyinselele kakhulu engibhekana nazo ukuzama ukusiza labo abanomuzwa wokuthi bavaleleke emshadweni ongenaluthando. Kuyiqiniso ukuthi sekuyiminyaka sithola insada yeseluleko esingokomBhalo ezincwadini. Kodwa ngokubheka isembozo salo magazini, ngabona ukuthi wawuzoba yilokho kanye esikudingayo ukuze sibasize ngokuqondile abanjalo. Lezi zihloko zanganelisa!
L. R., United States