Imikhosi Ethandwayo—Ingabe Iwukuzijabulisa Okungenangozi?
PHAKATHI no-October, kuqala ukuba noshintsho olungavamile emadolobheni athile aseFrance. Amafasitela ezitolo ahlotshiswa ngamathanga, uhlaka lwamathambo kanye nobulembu. Ezitolo zokudla zendawo, izisebenzi okukhokhwa kuzo zifaka izigqoko ezimnyama ezicijile. Ekugcineni, izingane zigcaluza emigwaqweni, zingqongqoza eminyango futhi zisongela ngokwenza umonakalo uma zingawutholi “uswidi.”
Yonke le micikilisho eyinqaba iyingxenye yomkhosi owaziwa ngokuthi i-Halloween. Nakuba ngaphambili yayibhekwa ngokuyinhloko njengeholide laseMelika, i-Halloween isisakazekele kuwo wonke umhlaba, yaba intandokazi ezinganeni nakubantu abadala. Kubonakala sengathi i-Halloween iye yamukelwa ngazo zombili eFrance. Izibalo zilinganisela ukuthi cishe ingxenye yesithathu yemikhaya yaseFrance yagubha lesi senzakalo nyakenye. Iphephandaba lansuku zonke lase-Italy i-Repubblica lichaza lo mkhuba ngokuthi “indumezulu” esishise izikhotha kulo lonke elase-Italy. Iphephandaba i-Nordkurier lithi “abantu [baseJalimane] abaningi kunanini ngaphambili abafuni ukuphuthelwa yilo mkhosi osabekayo.”
Akulona elaseYurophu kuphela elihungwe i-Halloween. Kusukela eBahamas kuya eHong Kong, i-Halloween igujwa ngentshiseko. I-International Herald Tribune ibika ukuthi ngonyaka odlule isiteshi somsakazo saseSri Lanka savula umncintiswano wokuqhudelana “ngendlela yokugubha i-Halloween eshaqisa kunazo zonke nekhono lokuklabalasa okunyantisa igazi kunakho konke.” I-Halloween isakazekele naseJapane, lapho kuye kwenziwa khona ‘imibukiso yamathanga’ ehlanganyelwa yizinkulungwane eTokyo.
Ngisho nasezingxenyeni zomhlaba lapho i-Halloween ingajwayelekile khona, kuvame ukuba nemikhosi efana nayo. Phakathi noMkhosi kaGuy Fawkes eBrithani, ungabona amaqembu ezingane ehla enyuka ecela imali futhi enza imigilingwane enjengeye-Halloween. ETaiwan, kunoMkhosi Wezibani ezimibalabala. Izingane zehla zenyuka emigwaqweni ziphethe izibani ezinemifanekiso yezinyoni nezilo. EMexico kune-Día de los Muertos, noma uSuku Lwabafileyo, umkhosi owaqala eMexico wasakazekela nase-United States. Ngokomlobi uCarlos Miller, amanye amaMelika aseMexico “asagqoka izifihla-buso zokhuni ezinjengogebhezi okuthiwa ama-calacas abese edansa edumisa izihlobo zawo esezashona.”
Abantu abaningi bangase babheke imikhosi enjalo njengokuzijabulisa nje okungenangozi—okokuba nje izingane nabantu abadala bavunule futhi bazitike. Kodwa umbono onjalo wokunganaki awulishayi mkhuba iqiniso lokuthi le mikhosi inemisuka eqinisekile yobuqaba. Ngokwesibonelo, uMkhosi Wezibani waseTaiwan waqala lapho abantu bekhanyisa izibani bezama ukubona imimoya yasezulwini ababekholelwa ukuthi indiza emkhathini. USuku Lwabafileyo lwaseMexico lwaqala ngomkhosi wama-Aztec wokudumisa abafileyo.
Abanye bangase bathi imisuka yemikhosi enjena ayisho lutho. Kodwa zibuze, ‘Ingabe imikhosi enemisuka emibi kanjalo kungathiwa ayinangozi ngempela?’ Abagqugquzeli bezentengiselwano bale mikhosi ngokuqinisekile abanandaba. Ekhuluma nge-Halloween, ummeleli we-Cultural Institute yaseBarcelona, eSpain, wathi: “Iwumkhosi ogqugquzelwa ngenhloso yokuzuza ngokwezimali.” Imali eyangena nge-Halloween nyakenye yayilinganiselwa emaRandini ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-55 e-United States kuphela. EFrance, ibhizinisi lenkampani ethile eyenza izingubo zokuvunula ze-Halloween liye landa ngokuphindwe kayikhulu eminyakeni nje emithathu.
Kodwa ingabe kufanele uhlanganyele kule mikhosi ngoba nje ithandwa noma ingenisa imali? Ukuze siphendule, sizophinda sicabangele umkhosi we-Halloween.
[Isithombe ekhasini 3]
Izingebhezi ezenziwe ngoshukela ezisetshenziswa ngoSuku Lwabafileyo eMexico
[Umthombo]
SuperStock, Inc.
[Isithombe ekhasini 4]
EBrithani, uMkhosi kaGuy Fawkes ugujwa ngamakloba omlilo
[Umthombo]
© Hulton Getty Archive/gettyimages