Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 10/22 k. 8-k. 12 isig. 3
  • Ungaluthola Usizo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungaluthola Usizo
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nezinkinga Ezicashile
  • Xoxa Nothile
  • Ukuthola Usizo Oludingayo
  • Ukuphila Kwakho Kubalulekile Kwabanye
  • Okwenza Abantu Balahle Ithemba Ngokuphila
    I-Phaphama!—2001
  • Kungani Kunokuzibulala Okuningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Angisafuni Ukuphila—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Inkinga Yomhlaba Wonke
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 10/22 k. 8-k. 12 isig. 3

Ungaluthola Usizo

‘AMAPHILISI alalisayo angu-49 enkomishini. Ngiwaphuze noma cha?’ insizwa eneminyaka engu-28 ubudala eSwitzerland yazibuza. Yayishiywe umkayo nezingane, futhi yacindezeleka kakhulu. Nokho, ngemva kokuphuza la maphilisi, yathi: ‘Cha. Angifuni ukufa!’ Ngenhlanhla yasinda ukuze ilandise le ndaba. Ukufuna ukuzibulala akuholeli ekufeni ngaso sonke isikhathi.

U-Alex Crosby, we-U.S. Centers for Disease Control and Prevention wathi mayelana nokuzama ukuzibulala kwentsha: “Uma ungakubambezela ngisho nangamahora nje ambalwa, ungakuvimbela. Ngokungenela, baningi ongabavimbela ekubeni bazibulale. Ungasindisa ukuphila kwabo.”

Lapho ayesasebenzela iLifesaving and Emergency Center eJapan Medical College, uProfesa Hisashi Kurosawa wasiza amakhulu abantu ababefuna ukuzibulala ukuba babuye babe nogqozi lokuphila. Yebo, ngokungenela kohlobo oluthile, kungasindiswa ukuphila. Yiluphi usizo oludingekayo?

Ukubhekana Nezinkinga Ezicashile

Njengoba kuphawulwe esihlokweni esandulele, abacwaningi bathi cishe amaphesenti angu-90 alabo abazibulala ayenezifo zengqondo noma izinkinga zokusebenzisa kabi izidakamizwa. Ngakho u-Eve K. Mościcki, we-U.S. National Institute of Mental Health, uthi: “Ithemba elikhulu lokuvimbela ukuzibulala kubantu babo bonke ubudala ukuvimbela izifo zengqondo nokulutheka.”

Ngokudabukisayo, abaningi abanezifo ezinjalo abafuni ukucela usizo. Ngani? “Ngenxa yokuthi kunokucwaswa okukhulu emphakathini,” kusho uYoshitomo Takahashi we-Tokyo Metropolitan Institute of Psychiatry. Unezela ukuthi ngenxa yalokho, ngisho nabantu abangaqiniseki kahle ukuthi bayagula yini bayangabaza ukufuna ukwelashwa ngokushesha.

Nokho, abanye abavumeli amahloni abavimbele. UHiroshi Ogawa, umsakazi odumile wethelevishini oseneminyaka engu-17 ephethe uhlelo lwakhe eJapane, wavuma obala ukuthi ucindezelekile futhi kwala kancane ukuba azibulale. U-Ogawa wathi: “Ukucindezeleka kufana nomkhuhlane wengqondo.” Wachaza ukuthi noma ubani ungamphatha, kodwa angalulama.

Xoxa Nothile

UBéla Buda, isikhulu sezempilo saseHungary esicashunwe ekuqaleni, uthi: “Uma umuntu ebhekene nenkinga yakhe eyedwa, uvame ukuyibona inkulu kakhulu futhi ingeke ixazululeke.” La mazwi agcizelela ukuhlakanipha kwesaga sasendulo esiseBhayibhelini: “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.”—IzAga 18:1.

Lalela lawo mazwi ahlakaniphile. Ungazivumeli ukuba ulwe wedwa nezinkinga zakho ezikuqeda amandla. Funa othile ongamethemba nongathululela kuye isifuba sakho. Ungase uthi, ‘Kodwa, akekho umuntu engingathululela kuye isifuba sami.’ Ngokukachwepheshe wempilo yengqondo uDkt. Naoki Sato, abaningi bazizwa ngaleyo ndlela. USato waphawula ukuthi iziguli zingase zikugweme ukuthululela isifuba kwabanye ngoba zingafuni ukwambula ubuthakathaka bazo.

Umuntu angamtholaphi ozomlalela? Ezindaweni eziningi angathola usizo lwezikhungo zokuvimbela ukuzibulala noma izinkonzo zocingo zosizo noma athole udokotela onedumela elihle osebenza ngezinkinga zomzwelo. Kodwa abanye ochwepheshe baqaphela omunye umthombo wosizo—inkolo. Ingasiza kanjani?

Ukuthola Usizo Oludingayo

UMarin, isiguli saseBulgaria, wayenesifiso esinamandla sokuzibulala. Ngolunye usuku wathola umagazini wenkolo INqabayokulinda, incwadi yoFakazi BakaJehova. Wasamukela isimemo esikulo magazini sokuvakashelwa oFakazi BakaJehova. UMarin uyachaza ukuthi waba yini umphumela: “Bangifundisa ukuthi ukuphila kuyisipho esivela kuBaba wethu wasezulwini futhi asinalo ilungelo lokuzilimaza noma sizibulale uma sithanda. Ngakho, ngasihlehlisa isifiso enganginaso sokuzibulala futhi ngaphinde ngakuthanda ukuphila!” UMarin wathola nokusekela kothando ebandleni lobuKristu. Nakuba esagula, uthi: “Manje izinsuku zami zigcwele injabulo nokuthula nezinto ezijabulisayo engizenzayo—ngize angisenaso nesikhathi! Konke lokhu kungenxa kaJehova noFakazi bakhe.”

Insizwa yaseSwitzerland okukhulunywe ngayo ekuqaleni nayo yathola usizo koFakazi BakaJehova. Namuhla ibabaza “umusa womkhaya wamaKristu” owayamukela ekhaya lawo. Iyanezela: “Kamuva, amalungu ebandla [loFakazi BakaJehova] ashintshana ngokungimema ngizodla nawo usuku nosuku. Okwangisiza akukhona nje ukwamukelwa kahle kuphela kodwa nokukwazi ukuxoxa nothile.”

Le nsizwa yakhuthazwa kakhulu yilokho eyakufunda eBhayibhelini, ikakhulukazi lapho ifunda ngendlela uNkulunkulu weqiniso, uJehova, asithanda ngayo isintu. (Johane 3:16) Ngempela uJehova uNkulunkulu unezindlebe ezizwayo zokukulalela lapho ‘uthulula inhliziyo yakho’ phambi kwakhe. (IHubo 62:8) “Amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke,” hhayi ukuba athole amaphutha kubantu, kodwa “ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) UJehova uyasiqinisekisa: “Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.”—Isaya 41:10.

Mayelana nesithembiso sikaNkulunkulu sezwe elisha, le nsizwa yaseSwitzerland yathi: “Lokhu kuye kwangisiza kakhulu kwanciphisa ukukhungatheka kwami.” Leli themba, elichazwa “njengehange lomphefumulo,” lihilela nesithembiso sokuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni.—Heberu 6:19; IHubo 37:10, 11, 29.

Ukuphila Kwakho Kubalulekile Kwabanye

Yiqiniso, ungase ubhekane nezimo ezikwenza uzizwe sengathi uwedwa futhi akukho muntu oyoba nendaba ngokufa kwakho. Kodwa khumbula: Kunomehluko omkhulu phakathi kokuzizwa uwedwa nokuba wedwa. Ezikhathini zeBhayibheli umprofethi u-Eliya wake wacindezeleka kakhulu ekuphileni kwakhe. Wathi kuJehova: “Babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa.” Yebo, u-Eliya wazizwa eyedwa qhwaba—kube kufanele. Inani elikhulu labanye abaprofethi lalibulewe. Naye wayezulelwa amanqe, futhi wayebaleka ukuze asindise ukuphila kwakhe. Kodwa ingabe wayeyedwa ngempela? Cha. UJehova wamazisa ukuthi kunabanye abantu abangu-7 000, ababezama ngokwethembeka ukukhonza uNkulunkulu weqiniso njengaye kulezo zikhathi ezimbi. (1 AmaKhosi 19:1-18) Nokho kuthiwani ngawe? Ingabe kungenzeka ukuthi awuwedwa njengoba uzizwa kanjalo?

Kunabantu abakukhathalelayo. Ungase ucabange ngabazali bakho, umngane wakho womshado, abantwana bakho nabangane. Kodwa kunabengeziwe. Ebandleni loFakazi BakaJehova, ungathola amaKristu avuthiwe anesithakazelo kuwe, ayokulalela ngesineke, athandaze nawe futhi akuthandazele. (Jakobe 5:14, 15) Futhi ngisho noma bonke abantu abangaphelele bebengakudumaza, kukhona Lowo ongasoze akushiye. INkosi uDavide yasendulo yathi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” (IHubo 27:10) Yebo, uJehova ‘uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) Ungakhohlwa ukuthi uyigugu emehlweni kaJehova.

Ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu. Kuyavunywa ukuthi ngezinye izikhathi ukuphila kungase kuzwakale kuwumthwalo esikhundleni sokuba isipho. Kodwa ungacabanga ukuthi ubungazizwa kanjani uma ubungapha umuntu isipho esiyigugu abese eyasilahla engakasisebenzisi ngempela? Thina bantu abangaphelele asikasisebenzisi isipho sokuphila. Eqinisweni, iBhayibheli libonisa ukuthi ukuphila esikuphilayo manje akukona ‘nokuphila kwangempela’ emehlweni kaNkulunkulu. (1 Thimothewu 6:19) Yebo, esikhathini esiseduze esizayo ukuphila kwethu kuyophelela, kube nenjongo futhi kujabulise ngokwengeziwe. Kanjani?

IBhayibheli lithi: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:3, 4) Ake uzame ukucabanga ukuthi ukuphila kwakho kuyoba njani lapho sekugcwaliseka lawo mazwi. Ziphe isikhathi. Zama ukwakha isithombe esigcwele, esinemibala engqondweni. Leso sithombe asilona iphupho eliyize. Njengoba uzindla ngendlela uJehova aye wasebenzelana ngayo nabantu bakhe esikhathini esidlule, ukumethemba kwakho kuyokhula futhi leso sithombe singaba ngokoqobo nakakhulu kuwe.—IHubo 136:1-26.

Kungase kuthathe isikhathi ukusivuselela ngokugcwele isifiso sakho sokuphila. Qhubeka uthandaza ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.’ (2 Korinte 1:3, 4; Roma 12:12; 1 Thesalonika 5:17) UJehova uyokupha amandla owadingayo. Uyokufundisa ukuthi zikhona izizathu zokuphila.—Isaya 40:29.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

Ungamsiza Kanjani Umuntu Obonakala Efuna Ukuzibulala?

Kufanele wenzenjani uma othile ekuthululela isifuba ekutshela ukuthi ufuna ukuzibulala? “Yiba isilaleli esihle,” kweluleka i-U.S. Centers for Disease Control and Prevention (CDC). Myeke achaze indlela azizwa ngayo. Nokho, ezimweni eziningi umuntu ofuna ukuzibulala uyazithulela nje angaxoxi. Vuma ukuthi ubuhlungu abuzwayo noma ukuphelelwa yithemba kungokoqobo. Uma umtshela ngomoya ophansi ngoshintsho oluthile oluphawulile ekuziphatheni kwakhe, ungase umshukumisele ukuba akhululeke futhi akwembulele isifuba.

Ngesikhathi ulalele, bonisa uzwela. I-CDC ithi: “Kubalulekile ukugcizelela ukuthi ukuphila kwalowo muntu kubalulekile kuwe nakwabanye. Menze azi ukuthi ukufa kwakhe kuyokuphatha kabuhlungu wena nabanye. Msize lowo muntu abone ukuthi uMdali wakhe uyamkhathalela.—1 Petru 5:7.

Ochwepheshe batusa nokuba ususe noma yini umuntu angase ayisebenzise ukuze azibulale—ikakhulukazi izibhamu. Uma isimo sibonakala sishuba, kungase kube kuhle ukukhuthaza lowo muntu ukuba afune usizo lwezokwelapha. Ezimweni ezimbi kakhulu kungase kudingeke ukuba ulucele wena mathupha usizo oluphuthumayo lwezokwelapha.

[Ibhokisi ekhasini 11]

‘Ingabe UNkulunkulu Uyongithethelela Ngokuzizwa Ngale Ndlela?’

Ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova kuye kwasiza abaningi ukuba banqobe imicabango yokuzibulala. Nokho, akekho noyedwa umuntu namuhla ongabhekani nezenzakalo zokuphila ezicindezelayo noma ukucindezeleka. AmaKristu ake acabanga ukuzibulala avame ukuhlushwa yimizwa yecala enamandla ngenxa yokuthi ake aba nemicabango enjalo. Umuzwa wecala ungase ubenze bathwale kanzima nakakhulu. Pho imizwa enjalo kungabhekwana kanjani nayo?

Kuyafaneleka ukuphawula ukuthi abesilisa nabesifazane abathile ababethembekile ngezikhathi zeBhayibheli bazwakalisa imizwa emibi kakhulu ngokuphila. URebeka, umfazi wenzalamizi u-Isaka, wake wacindezeleka kakhulu ngenxa yenkinga yomkhaya kangangokuthi wathi: “Ngidiniwe ukuphila.” (Genesise 27:46) UJobe, owashonelwa izingane zakhe, walahlekelwa impilo, ingcebo nesithunzi emphakathini, wathi: “Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami.” (Jobe 10:1) UMose wake wakhala kuNkulunkulu wathi: “Ake ungibulale nokungibulala.” (Numeri 11:15) U-Eliya, umprofethi kaNkulunkulu, wake wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami.” (1 AmaKhosi 19:4) Kanti umprofethi uJona washo ngokuphindaphindiwe wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”—Jona 4:8.

Ingabe uJehova wabalahla laba bantu ngokuzizwa ngendlela ababezizwa ngayo? Cha. Waze walondoloza ngisho namazwi abo eBhayibhelini. Kodwa, kubalulekile ukuphawula ukuthi akekho kulabo bantu ababethembekile owavumela imizwa yakhe ukuba imholele ekubeni azibulale. UJehova wayebazisa kakhulu; wayefuna baphile. Iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu ukhathalela ngisho nokuphila kwababi. Ubanxusa ukuba bashintshe izindlela zabo ‘baze baphile.’ (Hezekeli 33:11) Yeka ukuthi ufuna kangakanani-ke ukuba baqhubeke bephila labo abakhathalela ukuthola umusa wakhe!

UNkulunkulu uye walungiselela umhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe, ibandla lobuKristu, iBhayibheli nelungelo lomthandazo. Lo mzila wokuxhumana noNkulunkulu—umthandazo—uhlale uvulekile. UNkulunkulu angabezwa futhi uyobezwa bonke abeza kuye ngenhliziyo ethobekile neqotho. “Ngakho-ke, masisondeleni ngenkululeko yokukhuluma esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe, ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.”—Heberu 4:16.

[Ibhokisi ekhasini 12]

Ingabe Ukhona Othandekayo Wakho Owazibulala?

Lapho umuntu ezibulala, amalungu omkhaya nabangane abaseduze bayakhathazeka kakhulu. Abaningi bazisola bona ngenxa yale nhlekelele. Basho izinto ezinjengokuthi: ‘Ukube nje ngangithe ukuhlala isikhashana naye ngaloluya suku,’ ‘Ukube nje ngangibambe ulimi lwami ngalesiya sikhathi,’ ‘Ukube nje ngenza okuthé xaxa ukuze ngimsize.’ Empeleni, basuke beqonde ukuthi, ‘Ukube nje ngangenze lokhu noma lokhuya, othandekayo wami ngabe usekhona.’ Kodwa ingabe kunengqondo ukuzisola ngokuzibulala komunye umuntu?

Khumbula, kulula kakhulu ukubona izimpawu zemizwa yokuzibulala ngemva kokuba sekwenzekile. Kuhlukile uma kungakenzeki. IBhayibheli lithi: “Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo; umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.” (IzAga 14:10) Ngezinye izikhathi akunakwenzeka ukuba wazi ukuthi omunye umuntu ucabangani noma ukuthi uzizwa kanjani. Abantu abaningi abafuna ukuzibulala abayivezi imizwa yabo ejulile kwabanye, ngisho nasemalungwini omkhaya aseduze.

Incwadi ethi Giving Sorrow Words isho lokhu ngezimpawu zokuthi umuntu angase azibulale: “Iqiniso liwukuthi ngokuvamile akulula ukubona izimpawu ezinjalo.” Yona le ncwadi ithi ngisho noma uye wazibona izimpawu ezithile, lokho ngokwako akuqinisekisi ukuthi ubungakwazi ukuvimba umuntu angazibulali. Kunokuba uqhathe umunyu, ungathola induduzo emazwini enkosi ehlakaniphile uSolomoni: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Othandekayo wakho akahlushwa esihogweni somlilo. Futhi usizi olungokwengqondo nolungokomzwelo olwamholela ekubeni azibulale seluphelile. Akahlupheki, umane nje uphumule.

Kungaba ngcono manje ukugxila enhlalakahleni yabaphilayo, kuhlanganise nawe. USolomoni waqhubeka: “Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho” usaphila. (UmShumayeli 9:10) Qiniseka ukuthi amathemba okuphila esikhathi esizayo alabo abaye bazibulala asezandleni zikaJehova, “uYise wesihe sesisa noNkulunkulu wenduduzo yonke.”—2 Korinte 1:3.a

[Umbhalo waphansi]

a Uyothola umbono olinganiselayo ngamathemba esikhathi esizayo alabo abaye bazibulala esihlokweni esithi “Umbono WeBhayibheli: Abantu Abazibulele—Bayovuka?” kuyi-Phaphama! ka-September 8, 1990.

[Izithombe ekhasini 8]

Xoxa nothile

[Isithombe ekhasini 10]

Ukuphila kwakho kubalulekile kwabanye

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela