Intsha Iyabuza . . .
Ngingasebenzelana Kanjani Nabantu Abathukuthele?
“Wayethukuthele egan’ unwabu. Ngicabanga ukuthi ngenxa yokuthi wabona ukuthi ngimncane, wayefuna ukungishaya. Njengoba ngihlehla, ngathi: ‘Kahle bo! Yima kancane! Hawu! Ufuna ukungishayelani? Angikwenzanga lutho. Angazi nokuthi ucasulwe yini. Singabonisana?’”—UDavid oneminyaka engu-16 ubudala.
WAKE waba yisisulu solaka lwesiqhwaga? IBhayibheli labikezela ukuthi abantu namuhla babeyoba “abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle.” (2 Thimothewu 3:3) Futhi nakuba kungenzeka ukuthi uye wenza konke okusemandleni akho ukugwema ‘ukuba umngane womuntu onolaka . . . onokufutheka,’ kungase kube nezikhathi lapho ungenakubagwema khona abantu abathukuthele. (IzAga 22:24) Kufanele wenzenjani uma uzithola usesimweni esinjalo?
Ukusingatha Intukuthelo
Namuhla intsha eningi ingase isabele ngokuthi nayo ibe nolaka. Kodwa ukwenza kanjalo kubangela ubuhlungu obengeziwe. Ngaphezu kwalokho, ukuhluleka ukuzithiba kungakwenza ufane nalowo muntu onolaka. IzAga 26:4 zithi: “Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso, funa ufane naso.” UJeremy osakhula walifunda kanzima iqiniso lalawo magama. Ukhumbula mhla ehlezi etafuleni edla esikoleni: “Kwakuneqembu labafana ababethanda ukugcona nokuntela ngabanye abantu. Babevame ukukhuluma nangami. Ngangivame ukubaziba. Kodwa lapho omunye wabo eqala ukukhuluma ngomama, ngahluleka ukuzibamba ngamdumela.” Waba yini umphumela? UJeremy uthi: “Wangishaya ngezwa.”
IBhayibheli linikeza lesi seluleko esihlakaniphile: “Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.” (IzAga 15:1) Yebo, ukusingatha intukuthelo ‘ngezwi elilukhuni’ kumane kubhebhethekise isimo. Kodwa-ke, impendulo emnene ingabuyisa ulaka, yehlise igwebu.
Khumbula uDavid, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Wakwazi ukukhuluma naleso siqhwaga samchazela ukuthi sithukutheliswe yini. Othile wayentshontshe ukudla kwaso, futhi sasifuna ukukhiphela isibhongo kumuntu wokuqala esihlangana naye. “Ukungishaya ngeke kukubuyise ukudla kwakho,” kusho uDavid. Wabe esesikisela ukuba bobabili baye esitolo sokudla. UDavid uyakhumbula: “Njengoba ngangimazi umthengisi wasesitolo, ngakwazi ukumtholela okunye ukudla. Wangixhawula, futhi ngemva kwalokho waba nobungane.” Ingabe uyabona ukuthi amagama amnene anamandla kangakanani? Njengoba isaga sisho, “nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.”—IzAga 25:15.
Ubumnene—Ubuthakathaka Noma Amandla?
Kuyavunywa ukuthi umqondo wokuba “nolimi oluthambileyo” ungase ungazwakali ukhanga. Kungase kubonakale kuwubudoda ukulwa nentukuthelo ngentukuthelo. Ungase ube novalo lokuthi uma umnene, abanye bazocabanga ukuthi ubuthakathaka. Kodwa kusho ukuthini ngempela ukuba mnene? Ngokwencwadi ethile, ukuba mnene kusho ukuba nesizotha. Kodwa yona le ncwadi efanayo iyanezela: “Kuleso sizotha kukhona amandla ensimbi.” Ngakho, esikhundleni sokuba bube uphawu lobuthakathaka, ubumnene bungaba uphawu lwamandla. Kanjani?
Phakathi kokunye, umuntu omnene unokuzithiba futhi akaphazamiseki kalula. Ngakolunye uhlangothi, umuntu ongenabo ubumnene ubonakala engalondekile, ekhungathekile noma engenathemba. Untula nokuzithiba. Njengoba engakwazi ukulawula imizwelo yakhe, cishe njalo uyozithola esengene shí ezingxabanweni. Yebo, “njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.” (IzAga 25:28) Khona-ke, ngumuntu omnene onamandla!
Izibonelo Zobumnene EBhayibhelini
Cabanga ngoJesu Kristu. Wazichaza ngokuthi ‘unomoya omnene futhi uthobekile ngenhliziyo.’ (Mathewu 11:29) Wayengenalo ukhahlo noma ukungacabangeli, engaphindiseli ububi ngobubi. Eqinisweni, umphostoli uPetru, owayengumngane kaJesu, wabika: “Lapho [uJesu] ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. Lapho ehlupheka, akasongelanga, kodwa waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.” (1 Petru 2:23) Nokho, khumbula ukuthi yena lo Jesu “wangena ethempelini waxosha bonke labo abathengisayo nabathengayo.” (Mathewu 21:12) Futhi uma kwakungenzeka adinge usizo lwaphezulu, uJesu wayengabiza “amalegiyona ezingelosi angaphezu kwayishumi nambili”! (Mathewu 26:53) Cha, wayengeyena neze umuntu obuthakathaka.
Cabanga nangesibonelo esabekwa nguMahluleli uGideyoni, njengoba kulotshwe eBhayibhelini kubAhluleli 8:1-3. Ngemva kokunqoba okukhulu empini, abanye phakathi kwamasosha esizwe sakwa-Efrayimi bathukuthela ngoba babenomuzwa wokuthi babenganikezwanga ithuba lokuhlanganyela odumweni lwempi. Bakhononda: “Ukwenzeleni lokhu kithina ukuthi awusibizanga lapho uyakulwa nabakwaMidiyani na?” “Bamkhankatha kakhulu.” UGideyoni ‘wayeyiqhawe elinamandla.’ (AbAhluleli 6:12) Wayengavele asabele ngobudlova njengoba babemsukela. Kunalokho, wanikeza impendulo emnene eyawathena amandla ngokuphelele lawo madoda ayenolaka. UGideyoni wabuza: “Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na?” Waba yini umphumela wale mpendulo yokuthobeka? “Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye.”
Okokugcina, cabangela ukulandisa kweBhayibheli ngowesifazane okuthiwa u-Abigayili. UDavide wayezifihlile ebalekela isitha sakhe uSawule, inkosi yakwa-Israyeli. Nakuba ayesekudingisweni, amabutho kaDavide ayevame ukugada nokuvikela ama-Israyeli akubo. Enye indoda ayisiza kwakungumyeni ka-Abigayili, uNabali, indoda eyayicebe kakhulu. Kodwa-ke, uNabali ‘wayelukhuni enobubi emisebenzini yakhe.’ Lapho amabutho kaDavide edinga ukudla, acela ukudla kuNabali. Esikhundleni sokubonisa ukubonga ngesivikelo samahhala ayesithole ebuthweni likaDavide, uNabali ‘wazithukuthelela’ izithunywa zikaDavide futhi wazixosha zahamba zilambatha.—1 Samuweli 25:2-11, 14.
Ezwa lokhu, uDavide wathukuthela wathi emabuthweni akhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” UDavide namabutho akhe babesendleleni beyobulala uNabali nawo wonke amadoda omuzi wakhe ayengenacala ngesikhathi u-Abigayili engenela. Wahlangabeza uDavide ngesipho esihle sokudla neziphuzo. Waxolisa ngokuziphatha komyeni wakhe okungenangqondo futhi wancenga uDavide ukuba angababulali abantu abangenacala.—1 Samuweli 25:13, 18-31.
Ukunxusa kuka-Abigayili ngokuzithoba kwadambisa intukuthelo kaDavide. Yebo, lapho eqaphela ukuthi intukuthelo yakhe yayiyingozi kangakanani, uDavide wathi: “Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli okuthume namuhla ukungihlangabeza. Futhi makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sami.” (1 Samuweli 25:32-35) Yebo, ngokuvamile uma ‘impendulo ithambile’ ingabuyisa ulaka lwabanye. Nokho, kuthiwani uma impendulo yakho emnene ingavezi lowo mphumela?
“Hamba”
Ungagwema ukukhwezela umlilo ovuthayo ngokumane nje uhambe. IBhayibheli lithi: “Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka.” Libuye leluleke: “Ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.” (IzAga 17:14, NW; 26:20) “Umfana othile oyisilomo esikoleni weza kimi efuna sixoxe,” kusho uMerissa oneminyaka engu-17 ubudala. “Wangitshela ukuthi ngimuhle. Khona manjalo kwafika intombi yakhe kimi isivuke umbhejazana. Yangimangalela ngokuthi ngifuna isoka layo futhi yafuna ukulwa nami! Ngazama ukuyichazela okwenzekile, kodwa yangalalela. Ngemva kwesikole, yeza namanye amantombazane bezongishaya! Ngabiza unogada ngokushesha, ngachazela le ntombazane ethukuthele ukuthi angisona isilwi nokuthi isoka layo yilona elalize kimi. Ngemva kwalokho ngahamba.” UMerissa akazange alawulwe yimizwelo yakhe. Akazange nje kuphela ahambe ashiye ingxabano kodwa wathatha nezinyathelo zokuzivikela. Njengoba izAga 17:27 zisho, “obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.”
Kodwa kuthiwani uma kuwukuthi ngempela ucasule othile wamthukuthelisa—mhlawumbe ungahlosile? Xolisa, futhi ukwenze ngokushesha! Kungenzeka yilokho kuphela okudingekayo ukuze udambise ulaka lothile. Lezi yizikhathi ezigcwele izingcindezi, futhi abantu abaningi bayashesha ukuhluthuka. Kodwa uma usebenzisa izimiso zeBhayibheli lapho usebenzelana nabanye, cishe uyokugwema ukuba yisisulu solaka lothile.
[Izithombe ekhasini 24]
“Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka”
[Isithombe ekhasini 25]
Ngezinye izikhathi kufanele nje uvele uhambe