Isihlahla Esikhulu SaseTule
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO
IZIHLAHLA ezinde kunazo zonke emhlabeni ama-redwood aseCalifornia, afinyelela amamitha angu-110 noma ngaphezulu ubude. Kodwa-ke, umsayiphuresi waseMexico, oyisihlobo se-sequoia, yiwona oqopha umlando ngobukhulu besiqu. Isihlahla salolu hlobo esidumile sisendaweni engamakhilomitha angu-13 empumalanga yedolobha lase-Oaxaca, eMexico, edolobhaneni laseSanta María del Tule. Saziwa ngokuthi isihlahla saseTule. Isiqu saso singamamitha angu-46 ubukhulu. Ukuze uqonde ukuthi sikhulu kangakanani, kungadingeka okungenani abantu abangu-30 abelule izingalo ukuzungeza isiqu saso, futhi umthunzi waso unganela abantu abangaphezu kuka-500!
Isihlahla saseTule silinganiselwa eminyakeni engaphezu kuka-2 000 ubudala. Lapho sithenwa ngo-1996, kwagawulwa amathani ayishumi amagatsha omile. Izakhamuzi zendawo zibiza lesi sihlahla ngo-El Gigante (iSizemazema). EMexico lesi sihlahla saziwa ngokuthi i-ahuehuete, okusho “umdala wasemanzini” ngolimi lwesiNahuatl, ngoba ngokuvamile sikhula ngasemanzini noma ezindaweni ezingamaxhaphozi.