Kuphephe Kangakanani Ukudla Kwakho?
INGABE udla kathathu ngosuku? Uma kunjalo, lapho usuneminyaka engu-70 ubudala uyokube usudle izikhathi ezingaphezu kuka-75 000. Kumuntu waseYurophu, lokho kungasho ukudla—phakathi kokunye—amaqanda angaba ngu-10 000, izinkwa ezingu-5 000, amasaka amazambane ayikhulu, izinkomo ezintathu nezimvu ezimbili. Ingabe konke lokho kudla kuwumthwalo? Phinde! Yeka ukuthi sijabula kanjani ukuzwa kuthiwa “ujabulele ukudla” noma “guten Appetit” noma “bon appétit”! Umphathi wesikole sokupheka waze wathi: “Ukudla kuyisisekelo sokuphila.”
Ezikhathini eziningi singase sithathe kalula sithi ukudla esikudlayo kuphephile futhi kunempilo. Kodwa uma kulezo zikhathi ezingu-75 000 besingadla ukudla okunobuthi kanye nje, besingagula sibangwe nezibi. Ingabe singaqiniseka ngokuthi esikudlayo kuphephile? Kulezi zinsuku, abantu abaningi babonakala bengabaza. Kwamanye amazwe ukuphepha kokudla kuye kwabangela ukukhathazeka okukhulu. Ngani?
Izimbangela Zokukhathazeka
Unyaka ngamunye, ukugula okubangelwa ukudla kuthinta amaphesenti angaba ngu-15 omphakathi waseYurophu. Ngokwesibonelo, ekuqaleni kwawo-1980, amafutha okupheka anobuthi eSpain abulala abantu abangaba yinkulungwane futhi abanye abangaba ngu-20 000 babangwa nezibi. Ngo-1999 umphakathi waseBelgium washaqeka lapho kubikwa ukuthi ukudla okunjengamaqanda, inyama yenkukhu, ushizi nebhotela kungenzeka kwakunobuthi obubizwa ngokuthi i-dioxin. Muva nje, abathengi baseBrithani bashaqekile—futhi imboni yayo yenyama yenkomo yawa—lapho izinkomo zingenwa i-bovine spongiform encephalopathy (isifo sokuhlanya kwezinkomo). Kwabe sekuqubuka isifo samatele, kwadingeka kubulawe futhi kulahlwe izigidi zezinkomo, izimvu, izingulube nezimbuzi.
Nakuba zinkulu ngaleyo ndlela izingozi, kunezinye izici ezikhathaza abantu mayelana nokudla. Abathengi bakhathazwa amasu amasha asesetshenziswa ekutshaleni nasekulungiseleleni ukudla. I-European Commission yabhala ngo-1998: “Ubuchwepheshe obusha njengokufakwa kwemisebe ekudleni nokushintshwa kwezakhi zezilimo kuye kwabangela impikiswano eshubile.” Ingabe amasu anjalo anamuhla esayensi ayakuthuthukisa ukudla kwethu noma ayakungcolisa? Futhi yini esingayenza ukuze sithuthukise izinga lokuphepha lokudla kwethu?