Umbono WeBhayibheli
Ungubani UMikayeli Ingelosi Eyinhloko?
IBHAYIBHELI libonisa ukuthi kunezigidi zezingelosi ezihlala endaweni yomoya. (Daniyeli 7:9, 10; IsAmbulo 5:11) Kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, imiBhalo ibhekisela kaningi ezingelosini ezisathembekile kuNkulunkulu. Kodwa zimbili kuphela kulezi zidalwa zomoya ezigagulwa ngamagama. Esokuqala yingelosi uGabriyeli, eyaletha imiyalezo evela kuNkulunkulu kubantu abathathu enkathini engaba yiminyaka engu-600. (Daniyeli 9:20-22; Luka 1:8-19, 26-28) Enye ingelosi ebizwa ngegama eBhayibhelini uMikayeli.
Kusobala ukuthi uMikayeli uyingelosi evelele. Ngokwesibonelo, encwadini kaDaniyeli, kuchazwa ukuthi uMikayeli ulwa namademoni amabi elwela abantu bakaJehova. (Daniyeli 10:13; 12:1) Encwadini kaJude ephefumulelwe, uMikayeli uphikisana noSathane ngesidumbu sikaMose. (Jude 9) Incwadi yesAmbulo ibonisa ukuthi uMikayeli ulwa noSathane namademoni akhe abaxoshe ezulwini. (IsAmbulo 12:7-9) Ayikho enye ingelosi echazwa njengenamandla negunya eliphakeme kangaka phezu kwezitha zikaNkulunkulu. Yingakho-ke iBhayibheli libhekisela kuMikayeli ngokuthi “ingelosi eyinhloko.”
Impikiswano Ngokuthi Ungubani UMikayeli
Izinkolo zeLobukholwa, kanye nobuJuda nobuSulumane, zinemibono engqubuzanayo endabeni yezingelosi. Ezinye izincazelo azizwakali. Ngokwesibonelo, i-Anchor Bible Dictionary ithi: “Kungenzeka kunengelosi eyodwa ephakeme kanye/noma neqenjana lezingelosi eziyinhloko (ngokuvamile ezine noma eziyisikhombisa).” Ngokwe-Imperial Bible-Dictionary, uMikayeli “yigama lomuntu onamandla angaphezu kwemvelo, okuye kwaba nemibono emibili engqubuzanayo ngokuphathelene naye, ethi kungenzeka uyiNkosi uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, noma ungomunye wababizwa ngokuthi yizingelosi eziyinhloko eziyisikhombisa.”
Ngokwenkolelo yobuJuda lezi zingelozi eziyinhloko ezingu-7 uGabriyeli, uJeremiel, uMikayeli, uRaguel, uRaphael, uSariel no-Uriel. Ngakolunye uhlangothi, inkolo yamaSulumane ikholelwa ezingelosini ezine eziyinhloko, okuwukuthi, uJibril, uMikal, u-Izrail no-Israfil. UbuKatolika nabo bukholelwa ezingelosini ezine eziyinhloko: uMikayeli, uGabriyeli, uRaphael no-Uriel. Lithini iBhayibheli? Ingabe kunedlanzana lezingelosi eziyinhloko?
Impendulo YeBhayibheli
Ngaphandle kukaMikayeli, ayikho enye ingelosi eyinhloko okukhulunywa ngayo eBhayibhelini, futhi imiBhalo ayibusebenzisi ubuningi benkulumo ethi “ingelosi eyinhloko.” Ukusetshenziswa komunci ocacile olimini lwesiGreki sokuqala kuJude 9 kubonisa ukuthi uMikayeli kuphela onaleso siqu. Ngakho, kunengqondo ukuphetha ngokuthi phakathi kwezidalwa zakhe zasezulwini, uJehova uNkulunkulu unikezé ingelosi eyodwa kuphela igunya eliphelele phezu kwazo zonke ezinye izingelosi.
Ngaphandle koMdali uqobo, munye kuphela umuntu othembekile okuthiwa unegunya phezu kwezingelosi—uJesu Kristu. (Mathewu 13:41; 16:27; 24:31) Umphostoli uPawulu wakhuluma ngokuqondile ‘ngeNkosi uJesu’ kanye “nezingelosi zayo ezinamandla.” (2 Thesalonika 1:7) Futhi uPetru wachaza uJesu ovusiwe ngokuthi: “Ungakwesokunene sikaNkulunkulu, ngoba waya ezulwini; futhi izingelosi namagunya namandla kwenziwa kwamthobela.”—1 Petru 3:22.
Nakuba kungekho ndima eBhayibhelini echaza ingelosi eyinhloko uMikayeli ngokuqondile ngokuthi uJesu, kunombhalo owodwa ohlobanisa uJesu nesikhundla sengelosi eyinhloko. Ebhalela abaseThesalonika, umphostoli uPawulu waprofetha: “INkosi ngokwayo iyokwehla ezulwini ngezwi elinegunya, ngezwi lengelosi eyinhloko nangecilongo likaNkulunkulu, futhi labo abafileyo abasebunyeni noKristu bayovuka kuqala.” (1 Thesalonika 4:16) Kulo mbhalo uJesu uchazwa njengonegunya njengeNkosi kaNkulunkulu enguMesiya. Nokho, ukhuluma “ngezwi lengelosi eyinhloko.” Phawula futhi ukuthi unamandla okuvusa abafileyo.
Lapho esemhlabeni njengomuntu, uJesu wavusa abantu abambalwa abafileyo. Ngokwenza kanjalo, wasebenzisa izwi lakhe ekhuluma ngegunya. Ngokwesibonelo, lapho evusa indodana eyayifile yomfelokazi wasemzini waseNayini, wathi: “Nsizwa, ngithi kuwe, Vuka!” (Luka 7:14, 15) Kamuva, ngaphambi nje kokuvusa umngane wakhe uLazaru, uJesu “wakhamuluka ngezwi elikhulu wathi: ‘Lazaru, phuma!’” (Johane 11:43) Kodwa kulezi zenzakalo, izwi likaJesu lalingelomuntu ophelele.
Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wavuselwa “esikhundleni esiphakeme” ezulwini eyisidalwa somoya. (Filipi 2:9) Njengoba engaseyena umuntu wenyama negazi, unezwi lengelosi eyinhloko. Ngakho lapho icilongo likaNkulunkulu likhala ukuze “labo abafileyo abasebunyeni noKristu” bavuselwe ezulwini, uJesu wakhuluma “ngezwi elinegunya,” kulokhu ekhuluma “ngezwi lengelosi eyinhloko.” Kunengqondo ukuphetha ngokuthi yingelosi eyinhloko kuphela engakhuluma “ngezwi lengelosi eyinhloko.”
Yebo, zikhona ezinye izingelosi ezinegunya, njengamaserafi namakherubi. (Genesise 3:24; Isaya 6:2) Kodwa, imiBhalo ikhomba uJesu Kristu ovusiwe njengenhloko yazo zonke izingelosi—uMikayeli ingelosi eyinhloko.