Ukuzamazama Komhlaba, Isiprofetho SeBhayibheli Kanye Nawe
NGAPHAMBI kokufa kwakhe, uJesu wabikezela izenzakalo nezimo ezaziyonikeza ubufakazi bokuthi leli zwe ‘selisesiphelweni sesimiso sezinto.’ Wathi leyo nkathi yayiyophawuleka ngezinto ezinjengezifo eziwumshayabhuqe, ukuntuleka kokudla nezimpi ngezinga elikhulu. Wabala ‘nokuzamazama komhlaba okukhulu’ okwakuyoba khona “ezindaweni ngezindawo.” (Mathewu 24:3, 7; Luka 21:10, 11) Ingabe uJesu wayebhekisela osukwini lwethu?
Abaningi bathi cha. Bagomela ngokuthi inani lokuzamazama komhlaba alikhuphukanga kakhulu emashumini eminyaka amuva. Eqinisweni, i-National Earthquake Information Center yase-United States ibika ukuthi ukuzamazama komhlaba okunesilinganiso esingu-7,0 nangaphezulu “cishe akuzange kushintshe” phakathi nalo lonke ikhulu lama-20.a
Kodwa phawula ukuthi ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu akudingi ukwanda enanini noma emandleni okuzamazama komhlaba. UJesu wathi kuyoba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu ezindaweni ngezindawo. Ngaphezu kwalokho, wathi lezi zenzakalo zaziyophawula ‘ukuqala kwemihelo yokucindezeleka.’ (Mathewu 24:8) Ukucindezeleka akukalwa yinani lokuzamazama komhlaba noma isilinganiso sako esikalini sikaRichter, kodwa kukalwa yithonya okunalo kubantu.
Ngempela ukuzamazama komhlaba kuye kwabangela ukucindezeleka kakhulu osukwini lwethu. Eqinisweni, phakathi nekhulu lama-20, kuye kwafa izigidi noma zasala dengwane ngenxa yalezi zinhlekelele. Ochwepheshe bathi bekungase kuvinjelwe ukufa kwabantu abaningi kangaka. Izindaba ze-BBC zibika ukuthi “emazweni asathuthuka, izimiso zokwakha ziza kamuva, okuhamba phambili izidingo zezindlu ezishibhile ezakhiwe ngokushesha ukuze kuhlangatshezwane nokwanda kwabantu ngokushesha emadolobheni.” Ephawula ngezinhlekelele ezimbili zamuva, uBen Wisner, uchwepheshe ezinhlekeleleni zasemadolobheni, uthi: “Laba bantu ababulawanga ukuzamazama komhlaba. Babulawa yinhlanganisela yephutha lomuntu, ukunganaki, ukukhohlakala nokuhaha.”
Yebo, ngezinye izikhathi izici ezibulala kakhulu ekuzamazameni komhlaba ubugovu bomuntu nokunganaki. Ngokuthakazelisayo, izimfanelo ezinjalo ziqokonyiswe kwesinye isiprofetho seBhayibheli esiphathelene ‘nezinsuku zokugcina’ zalesi simiso. IBhayibheli lithi ngaleso sikhathi abantu babeyoba ‘abazicabangela bona, abathandi bemali nabanonya.’ (2 Thimothewu 3:1-5, The Amplified Bible) Lesi siprofetho kanye namazwi kaJesu mayelana nesiphelo sesimiso sezinto kunikeza ubufakazi obucacile bokuthi sisondela esikhathini uNkulunkulu azokhulula ngaso isintu esicindezelekile kuzo zonke izimbangela zamanje zobuhlungu nokuhlupheka—kuhlanganise nokuzamazama komhlaba okukhulu.—IHubo 37:11.
Ungathanda ukufunda okwengeziwe ngaleli themba elisekelwe eBhayibhelini? Thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma ubhalele ekhelini elifanele kwasekhasini 5.
[Umbhalo waphansi]
a Abanye bathi noma yimiphi imibiko yokwanda kwenani lokuzamazama komhlaba ibangelwa ukuthuthuka kwezobuchwepheshe, okwenza ukuba kutholakale izenzakalo eziningi zokuzamazama komhlaba.