Ukuvumelanisa Isayensi Nenkolo
“Isayensi nenkolo akusabhekwa njengokungavumelani.”—The Daily Telegraph, yaseLondon, ngo-May 26, 1999.
INJONGO yako kokubili isayensi nenkolo, ihilela ukufuna iqiniso. Isayensi yembula izwe elihleleke ngobunyoningco, umkhathi onezimpawu ezicacile zomklamo ohlakaniphile. Inkolo yeqiniso iveza ukubaluleka kwalezi zinto ezembuliwe ngokufundisa ukuthi uMdali onokuhlakanipha nguye owadala umklamo wezwe esilibonayo.
“Ngithole ukuthi inkolo ingenza ngiyazise kakhulu isayensi,” kusho uFrancis Collins, isazi samangqamuzana ezinto eziphilayo. Uyaqhubeka: “Lapho ngithola okuthile okusha ngezakhi zofuzo zomuntu, ngifikelwa umuzwa wokwesaba ngenxa yemfihlakalo yokuphila, bese ngithi enhliziyweni yami, ‘Isimanga, bekwaziwa uNku- lunkulu yedwa.’ Kuwumuzwa ojabulisayo noshukumisayo, ongenza ngimazise uNkulunkulu, wenze isayensi inganelise nakakhulu.”
Yini engasiza umuntu ukuba avumelanise isayensi nenkolo?
Uphenyo Olungapheli
Yamukela imingcele: Ngeke kuphele ukufuna kwethu izimpendulo ngendawo yonke engenamkhawulo, umkhathi nesikhathi. Isazi sezinto eziphilayo uLewis Thomas saphawula: “Le nqubo ngeke iphele, njengoba singabantu abanelukuluku elingapheli, abathanda ukuphenya nokuzama ukuqonda izinto. Asisoze sakuxazulula konke. Angicabangi ukuthi siyowufinyelela umkhawulo lapho wonke umuntu eyokhululeka khona athi, ‘Manje sesiqonda konke.’ Kuyohlale kungalé kokuqonda kwethu.”
Ngokufanayo, neqiniso elingokwenkolo, alinawo umkhawulo. Omunye wabalobi beBhayibheli, uPawulu, wathi: “Manje sibona izithunzi ezididayo esibukweni . . . Ulwazi enginalo manje aluphelele.”—1 Korinte 13:12, The New English Bible.
Nokho, ulwazi olungaphelele ngokuqondene nemibuzo engokwesayensi nengokwenkolo, alusivimbeli ukuba sifinyelele iziphetho ezinengqondo ezisekelwe emaqinisweni esinawo. Asiludingi ulwazi oluningiliziwe ngomsuka welanga ukuze siqiniseke ngokuphelele ukuthi lizophuma kusasa.
Amaqiniso aziwayo mawazikhulumele: Lapho sifuna izimpendulo kufanele siqondiswe izimiso ezinengqondo. Uma singanamatheli ebufakazini obunezindinganiso eziphakeme, singadukiswa kalula lapho sifuna iqiniso elingokwesayensi nelingokwenkolo. Empeleni akekho noyedwa kithi ongahlaziya lonke ulwazi nemibono engokwesayensi, namuhla okugcwalise imitapo emikhulu. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liyiqoqo elisebenzisekayo lezimfundiso ezingokomoya esingazicabangela. IBhayibheli lifakazelwe ngokugcwele amaqiniso aziwayo.a
Kodwa ngokuqondene nolwazi oluvamile, kudingeka umzamo oqotho ukuze umuntu ahlukanise phakathi kokuyiqiniso nokuqagelwayo, phakathi kokungokoqobo nenkohliso—kokubili kuyisayensi nasenkolweni. Njengoba umlobi weBhayibheli uPawulu eluleka, kudingeka senqabe “nokuphikisana okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi.’” (1 Thimothewu 6:20) Ukuze sivumelanise isayensi neBhayibheli, kumelwe sivumele amaqiniso azikhulumele, ngaleyo ndlela sigweme ukuqagela, futhi sihlole indlela amaqiniso asekelana ngayo.
Ngokwesibonelo, lapho siqonda ukuthi iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “usuku” ukuze libhekisele ezinkathini ezihlukahlukene zesikhathi, siyabona ukuthi ukulandisa kukaGenesise ngezinsuku eziyisithupha zokudala akungqubuzani nesiphetho esingokwesayensi sokuthi umhlaba cishe usuneminyaka engaba yizigidi eziyizinkulungwane ezine nesigamu ukhona. NgokweBhayibheli, umhlaba wawukhona inkathi ethile engashiwongo ngaphambi kokuba kuqale izinsuku zokudala. (Bheka ibhokisi elithi “Izinsuku Zokudala—Ingabe Zazingamahora Angu-24 Lulunye?”) Ngisho noma isayensi ingashintsha isho esinye isikhathi sobudala bomhlaba, okushiwo iBhayibheli kuseyiqiniso. Esikhundleni sokuba iphikisane neBhayibheli, isayensi kulesi sici nakwezinye eziningi empeleni isinikeza indathane yolwazi ngomhlaba esiwubonayo, namuhla nasendulo.
Ukholo, hhayi ukuthatheka: IBhayibheli lisinikeza ulwazi ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe okungenakutholakala kunoma yimuphi omunye umthombo. Kungani kufanele silethembe? IBhayibheli ngokwalo lisimema ukuba sihlole ukunemba kwalo. Cabangela ukunemba kwalo ngokomlando, ukuba usizo kwalo, ubuqotho babalobi balo, nokwethembeka kwalo. Ngokuhlola ukunemba kweBhayibheli, kuhlanganise nalokho elikushoyo ngezindaba zesayensi, ikakhulukazi ukugcwaliseka ngokungageji kwamakhulu eziprofetho phakathi neminyaka edlule kuze kube sosukwini lwethu, umuntu angaba nokholo oluqinile kulo njengeZwi likaNkulunkulu. Ukholo eBhayibhelini alukona ukuthatheka kodwa luwukuqiniseka okufakazelwe ekunembeni kwemiBhalo.
Hlonipha isayensi; uluvume ukholo: OFakazi BakaJehova bamema abantu abanomqondo ovulekile, abathanda kokubili isayensi nenkolo, ukuba bahlanganyele ekufuneni iqiniso ngobuqotho kuyo yomibili le mikhakha. Emabandleni abo oFakazi bakhuthaza inhlonipho enempilo ngesayensi nangezinto ezitholile ezifakazelwe kanye nokukholelwa ngokuqinile ekutheni iqiniso elingokwenkolo lingatholakala kuphela eBhayibhelini, elisho ngokuqondile futhi linikeze ubufakazi obuningi bokuthi liyiZwi likaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wathi: “Ngesikhathi namukela izwi likaNkulunkulu, enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu, njengoba nje liyilo ngempela.”—1 Thesalonika 2:13.
Kodwa-ke, njengoba kuye kwenzeka nakuyisayensi, amanga nemikhuba eyonakalisayo kuye kwangena isinyenyela enkolweni. Ngakho kunenkolo yeqiniso nenkolo yamanga. Yingakho abantu beye bashiya izinkolo ezinkulu ezihleliwe ukuze babe ngamalungu ebandla lobuKristu loFakazi BakaJehova. Baye badunyazwa ukuthi izinkolo ababekuzo azizimisele ukulahla amasiko abantu nezinganekwane ukuze zamukele iqiniso elitholakele noma elembuliwe.
Ngaphezu kwalokho, amaKristu eqiniso athola injongo yangempela ekuphileni, ngenxa yolwazi olujulile ngoMdali, njengoba lwembulwe eBhayibhelini, nangezinhloso zakhe azivezile ngesintu nangeplanethi esihlala kuyo. OFakazi BakaJehova baye baneliswa yizimpendulo ezinengqondo ezisekelwe eBhayibhelini zemibuzo enjengethi, Kungani silapha? Siyaphi? Bayokujabulela kakhulu ukukuhlanganyela nawe lokhu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi ekhasini 10]
Izinsuku Zokudala—Ingabe Zazingamahora Angu-24 Lulunye?
Abanye abantu abathatha iBhayibheli njengoba linjalo bathi izinto ezaba khona ngaphambi kokuba khona kwabantu zadalwa, azizange zibe khona ngokuziphendukela kwemvelo. Bathi yonke indalo ebonakalayo yadalwa ngezinsuku eziyisithupha nje kuphela zamahora angu-24 lulunye esikhathini esithile esiphakathi kweminyaka engu-6 000 nengu-10 000 edlule. Kodwa ngokusho kanjalo bathuthukisa imfundiso engeyona engokomBhalo eye yabangela ukuba abaningi baligxeke iBhayibheli.
EBhayibhelini, ingabe ngaso sonke isikhathi usuku lungamahora angu-24 angokoqobo? UGenesise 2:4 ukhuluma ‘ngosuku uJehova uNkulunkulu enza ngalo izulu nomhlaba.’ Lolu suku luhlanganisa zonke izinsuku eziyisithupha zokudala zikaGenesise isahluko 1. Ngokolimi lweBhayibheli, usuku luyinkathi ethile yesikhathi futhi lungaba iminyaka eyinkulungwane noma izinkulungwane eziningi zeminyaka. Izinsuku zeBhayibheli zokudala zazingaba isikhathi esiyizinkulungwane zeminyaka lulunye. Ngaphezu kwalokho, umhlaba wawusukhona kakade ngaphambi kokuba kuqale izinsuku zokudala. (Genesise 1:1) Ngakho-ke kuleli phuzu ukulandisa kweBhayibheli kuyavumelana nesayensi efakazelwe.—2 Petru 3:8.
Siphawula ngezinkulumo ezithi izinsuku zokudala zazingamahora nje angu-24 angokoqobo ubude, isazi samangqamuzana ezinto eziphilayo uFrancis Collins sithi: “Ukukholelwa endalweni kuye kwayishaya ngegalelo elinzima imibono ejulile yenkolelo kunanoma yini emlandweni wanamuhla.”
[Ibhokisi ekhasini 11]
Ingabe Isayensi Isiyigunya Eliphakeme Lokuziphatha?
Kuyaqondakala ukuthi abantu abaningi besayensi baye bayilahla inkolo ngenxa yokuthiya kwayo intuthuko yesayensi, umlando wayo omubi, ubuzenzisi nonya lwayo. Uprofesa we-microbiology uJohn Postgate uyaphawula: “Izinkolo zezwe ziye . . . zanikela ngabantu ngendlela ehlasimulisayo, zabangela izimpi zenkolo, ukucekwa kwabantu nokuqulwa kwamacala enkolo. Ezweni lanamuhla lolu hlangothi olubi lwenkolo luye lwaba ingozi. Ngoba ngokungafani nesayensi, inkolo ithatha uhlangothi.”
Uma eqhathanisa lokho nokuhluzeka, iso elibanzi, nokuzinza okuthiwa isayensi inakho, uPostgate uthi “isayensi isiyigunya eliphakeme lokuziphatha.”
Ingabe ngempela isayensi isiyigunya eliphakeme lokuziphatha? Impendulo ingucha. Kwayena uPostgate uyavuma ukuthi “imikhakha yesayensi inawo umhawu, ukuhaha, ukubandlulula nomona.” Unezela ngokuthi “idlanzana lososayensi liye labulala egameni lokucwaninga, njengoba kwenzeka eJalimane lobuNazi nasemakamu eziboshwa aseJapane.” Futhi lapho i-National Geographic yabela intatheli engumphenyi ukuba iphenye ukuthi kwenzeka kanjani ukuba lo magazini ubike ngezinsalela-mbumbulu, le ntatheli yabuya nombiko “olandisa ngokugcina izimfihlo ngokungadingekile, ukuzikhohlisa, ukuqagulisana ngokuziqhenya, ukuziphakamisa, ukuzethembisa ize, ukugomela ube ungazi, amaphutha, inkani, ukuxhaphaza, ubuphixiphixi, ukuqamba amanga, nokukhohlakala.”
Futhi-ke, yisayensi eye yahlomisa abantu ngezikhali zempi ezesabekayo, njengamagciwane asakaza izifo, igesi elinobuthi, iziqhumane ezicitshwayo, amabhomu “aqondiswayo” kanye nawenuzi.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Isithombe se-Ant Nebula (Menzel 3), esithwetshulwe yi-Hubble Space Telescope
[Umthombo]
NASA, ESA and The Hubble Heritage Team (STScI/AURA)
[Izithombe ekhasini 9]
Isayensi yembulé izwe elinezimpawu eziningi ezicacile zomklamo ohlakaniphile
[Isithombe ekhasini 10]
OFakazi BakaJehova bakhuthaza inhlonipho ngesayensi yeqiniso nokukholelwa eBhayibhelini