Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 7/8 k. 19-k. 20 isig. 2
  • Inkinga Eqhubekayo Yobugqila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkinga Eqhubekayo Yobugqila
  • I-Phaphama!—2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe UNkulunkulu Wayekuthethelela Ukuhweba Ngezigqila?
    I-Phaphama!—2001
  • Ingabe IBhayibheli Liyakuvuna Ukugqilazwa Kwabantu?
    I-Phaphama!—2011
  • Umlando Omude Wokulwa Nobugqila
    I-Phaphama!—2002
  • Imfihlo Egcinwe Kahle
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 7/8 k. 19-k. 20 isig. 2

Inkinga Eqhubekayo Yobugqila

INGABE ubugqila sebaphela? Abantu abaningi bangathanda ukucabanga kanjalo. Leli gama liletha imifanekiso ethusayo yesihluku nokucindezela. Kodwa ezingqondweni zabantu abaningi, leyo mifanekiso ingeyesikhathi esidlule. Ngokwesibonelo, abanye bacabanga ngemikhumbi yezigqila yamakhulu eminyaka adlule—eyenziwe ngokhuni eyayigcwaliswe nswí ngenqwaba yabantu ababethukile beyimifunzana edabukisayo.

Yiqiniso, imikhumbi yezigqila enjalo ayisalunqamuli ulwandle futhi izivumelwano zanamuhla zezizwe ziyabulahla ubugqila obunjalo. Kodwa, ubugqila abukapheli. Inhlangano elwela amalungelo abantu i-Anti-Slavery International ithi kunabantu ababalelwa ezigidini ezingu-200 abaseyizigqila ngandlela-thile. Basebenza ezimweni ezimbi kakhulu kunalezo ezakhuthazelelwa yizigqila zamakhulu eminyaka adlule. Eqinisweni, abahlaziyi abathile baphetha ngokuthi “kunabantu abaningi abayizigqila namuhla kunanini emlandweni.”

Imibiko ephathelene nalezi zigqila zanamuhla iyadabukisa. UKanji,a oneminyaka eyishumi nje ubudala, nsuku zonke welusa izinkomo zabaqashi bakhe abanokhahlo abahlale bemshaya njalo. Uyachaza: “Uma nginenhlanhla ngiye ngithole ucezwana lwesinkwa esikhuntile, ngalé kwalokho liyashona ilanga ngingazange ngikuthi mbibi ukudla. Angikaze ngiholelwe ngokusebenza kwami ngenxa yokuthi ngiyisigqila futhi ngiyimpahla yabo. . . . Izingane ezingontanga yami zidlala nezinye izingane, futhi ngincamela ukufa kunokuphila kabuhlungu kanje.”

Izigqila zanamuhla ngokuvamile zingabesifazane noma abantwana, njengoKanji. Zifukuziswa ngempoqo zenza okhaphethi, zakha imigwaqo, zivuna umoba, noma zidayisa ngomzimba. Futhi zingadayiswa ngemadlana nje engu-R120. Ezinye izingane zize zidayiselwe ebugqilini abazali bazo ukuze kuvalwe izikweletu.

Ingabe iyakunyantisa imibiko enje? Awuwedwa. Encwadini yakhe ethi Disposable People, umlobi uKevin Bales uthi: “Ubugqila buyichilo. Abukona nje ukufukuzisa umuntu kuphela; buwukumphuca konke ukuphila kwakhe.” Uma kucatshangelwa isihluku somuntu komunye, sinasiphi isizathu sokukholelwa ukuthi inkinga yobugqila iyoke iphele? Lo mbuzo ukuthinta ngokujulile kunokuba ucabanga.

Njengoba sizobona, kunezinhlobo eziningi zobugqila. Buvela ngezindlela ezihlukahlukene kakhulu, ezinye zazo ezithinta wonke umuntu ophilayo. Ngakho sonke kudingeka sazi ukuthi isintu siyoke sibe nayo yini inkululeko yeqiniso. Kodwa ake siqale ngokucabangela kafushane umlando wokuhweba ngezigqila ezingabantu.

[Umbhalo waphansi]

a Akulona igama lakhe langempela.

[Izithombe ekhasini 19]

Sekuyisikhathi eside abesifazane abampofu nabantwana beyizisulu sokuhweba ngezigqila

[Imithombo]

Top photo: UN PHOTO 148000/Jean Pierre Laffont

U.S. National Archives photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela