Mhla Kuphela Ubugqila!
INKULULEKO! Ambalwa amagama athinta inhliziyo yomuntu njengaleli. Abantu baye bahlupheka belwa, baphila futhi bafa, bephishekela inkululeko. Kodwa kuyadabukisa ukuthi yize abaningi bekwenzile lokhu abazange bayibone intuthuko ekufinyeleleni lo mgomo. Ingabe likhona ithemba lokukhululeka ebugqilini—ithemba elingenakuletha ukukhungatheka nendumalo ekugcineni? Likhona.
Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba alobe lokhu ngesithembiso sikaNkulunkulu: “Indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:21) Kodwa singaqiniseka kanjani ukuthi ngempela uNkulunkulu uyoyiletha le ‘nkululeko ekhazimulayo’? Enye indlela esingaqiniseka ngayo ukuhlola ukusebenzelana kukaNkulunkulu nesintu kuwo wonke umlando.
IBhayibheli lithi: “Lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.” (2 Korinte 3:17) Yebo, umoya kaNkulunkulu, noma amandla akhe asebenzayo, unamandla kakhulu. Sekuyisikhathi eside ewusebenzisela ukunikeza abantu inkululeko ngezindlela eziningi. Kanjani? Kumelwe sikhumbule ukuthi kunezinhlobo eziningi zobugqila. Kakade sesikhulumile ngolunye uhlobo olunonya kakhulu, lapho abanamandla begqilaza ababuthaka ngamandla nangobudlova. Kodwa cabangela ezinye izinhlobo zobugqila.
Abantu bangazigqilaza bona ngezinto ezihlukahlukene eziluthayo okunzima kakhulu ukugqashula kuzo. Futhi bangagqilazwa amanga nenkohliso, bayengelwe ekuphileni kokubuswa yizimfundiso zamanga. Ubugqila obucashe kakhulu kunabo bonke yilobo obusihlupha sonke—sazi noma singazi—futhi imiphumela yabo iyabulala. Nokho, kumelwe kugcizelelwe ukuthi nakuba sihlanganisa izinhlobo eziningana zobugqila kule ngxoxo, asisho neze ukuthi ziyalingana. Zihluke kakhulu. Noma kunjalo, kunesici esibalulekile esifanayo kuzo zonke. Ekugcineni, uNkulunkulu wenkululeko uyoqiniseka ukuthi isintu siyokwethulwa umthwalo wazo zonke lezi zinhlobo zobugqila.
Lapho Umuntu Egqilazwa Yizinto Eziluthayo
Phawula indlela incwadi ethi When Luck Runs Out echaza ngayo ukuluthwa ukugembula: “Isifo esenza umuntu abuswe umuzwa onamandla nongalawuleki wokugembula. Lo muzwa uyabelesela futhi uya uba namandla umjoje . . . kuze kube yilapho ekugcineni uhlasela, wenze buthaka futhi wonakalise konke okuyigugu ekuphileni kwakhe.” Akukho muntu owaziyo ukuthi bangaki abantu abayizigqila zokugembula. Izibalo zilinganisela ukuthi ezweni nje elilodwa, e-United States, bayizigidi eziyisithupha.
Ukuba umlutha wotshwala kungonakalisa ngendlela efanayo, noma ngaphezulu, futhi kusakazeke kakhulu ezindaweni eziningi. Ezweni elithile elikhulu, cishe ingxenye yamadoda asekhulile khona iyimilutha yotshwala ngandlela-thile. URicardo, owaba umlutha wotshwala eminyakeni engu-20 edlule, uyachaza ukuthi ukulutheka ngale ndlela kusho ukuthini: “Uvuka nje, unebhabhalazi, ufuna utshwala—ukuze uthobe izinzwa, ukhohlwe yizinkinga zakho, noma ukuze nje uthole isibindi sokubhekana nokuphila. Uqhutshwa yisifiso esinamandla sokuba uphuze, kodwa uzama ukuzitshela wena nabanye ukuthi akonakele lutho.”
Utshwala abuwukuphela kwento eluthayo egqilaza abantu. Emhlabeni wonke, kunezigidi eziningi zabantu abasebenzisa kabi izidakamizwa ezingekho emthethweni. Ngaphezu kwalokho, abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,1 babhema ugwayi—oqukethe esinye sezidakamizwa ezilutha kunazo zonke. Abaningi bangathanda ukuwuyeka lo mkhuba, kodwa sebeyizigqila. Ingabe uJehova uye waba uMkhululi ophumelelayo wabantu ezinhlotsheni ezinjalo zobugqila obunamandla?a
Cabangela isibonelo sikaRicardo. Uyachaza: “Eminyakeni engaba yishumi edlule, ngaqaphela ukuthi ukuphila kwami kubuswa utshwala. Babonakalisa umshado wami, umsebenzi wami wokuziphilisa, nomkhaya wami, futhi ngangazi ukuthi ngangingasoze ngizixazulule izinkinga zami uma ngingagqashuli kubo. Ngokutadisha iBhayibheli, ngafunda ukuthi umuntu owumlutha wotshwala uhlushwa ubumpofu—obungokoqobo nobungokomoya. (IzAga 23:20, 21) Ngangifuna ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu, futhi ngasizwa yimithandazo yami eqotho yokunxusa usizo lukaNkulunkulu ukuba ngithembeke kimina ngokwami. Indoda ethile yafunda nami iBhayibheli futhi yaba umngane engimazisa kakhulu. Lapho ngihlehlela emuva, ayizange ingilahle, kodwa ngesineke nangokuqondile yangibonisa inkambo uNkulunkulu ayibekele amaKristu eqiniso.”
Namuhla uRicardo uzizwa ekhululekile ebugqilini bakhe bangaphambili—okungenani ngomqondo olinganiselwe. Akanamahloni okuvuma ukuthi ekuqaleni wayehlehlela emuva kaningi. Uthi: “Kodwa naphezu kwalobo bunzima, isifiso sami sokukhonza uJehova ngokwethembeka, kanye nokusekelwa umkami namanye amaKristu, kwangisiza ukuba ngisilawule lesi simo. Ngibheké phambili esikhathini esithenjiswe nguNkulunkulu lapho ‘kungekho muntu oyothi, “Ngiyagula”’ futhi ukuluthwa utshwala kuyobe kuyinto yesikhathi esidlule. Okwamanje ngizoqhubeka nempi yami yansuku zonke yokwethula umzimba wami ‘njengomhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu.’”—Isaya 33:24; Roma 12:1.
Emhlabeni jikelele abantu abayizinkulungwane baye balubona ngawabo usizo lukaNkulunkulu lapho bezikhandla ukuze bagqashule ezintweni eziluthayo ezinhlobonhlobo. Kuyavunywa ukuthi baba nendima enkulu ekuzigqilazeni, mhlawumbe ngokuvumela izingcindezi noma izilingo ezihlukahlukene. Noma kunjalo, baye bathola ukuthi uJehova unguMkhululi onesineke ngempela. Uzimisele ukusiza nokuqinisa bonke abafuna ngempela ukumkhonza.
“Iqiniso Liyonikhulula”
Kuthiwani ngokugqilazwa amanga nenkohliso? UJesu Kristu wasiqinisekisa ukuthi singakhululeka kukho. Wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, futhi niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:31, 32) Ngesikhathi esho la mazwi, eziningi zezilaleli zakhe zazigqilazwe yimithetho eqinile yesiko labaFarisi. Eqinisweni, uJesu wathi ngabaholi benkolo bosuku lwakhe: “Babopha imithwalo esindayo bayibeke phezu kwamahlombe abantu, kodwa bona ngokwabo abathandi ukuyinyakazisa nangomunwe wabo.” (Mathewu 23:4) Izimfundiso zikaJesu zabakhulula abantu ebugqilini obunjalo. Wadalula amanga enkolo wawaneka obala, waze waveza nomthombo wawo. (Johane 8:44) Futhi esikhundleni salawo manga, waletha iqiniso, wazembula ngokucacile izimfuneko zikaNkulunkulu ezinengqondo esintwini.—Mathewu 11:28-30.
Njengabafundi bakaJesu, abantu abayizinkulungwane namuhla bathola ukuthi ngosizo lukaNkulunkulu bangagqashula emangeni enkolo nasemasikweni amanga abagqilazile. Ngemva kokufunda amaqiniso aqabulayo eBhayibheli, bazithola bekhululekile ekwesabeni abafileyo okucindezelayo, bekhululekile ekwesabeni ukuhlushwa phakade esihogweni somlilo, bekhululekile nasekucindezelweni ukuba bakhokhe imali abayisebenzele kanzima ezinkonzweni zenkolo ezenziwa abefundisi abazisholo ukuthi bamelela uKristu—yena owathi: “Namukelé mahhala, yiphani mahhala.” (Mathewu 10:8) Ngaphezu kwalokho, inkululeko enkulu ngisho nangaphezu kwalokho isisondele.
Ubugqila Obucashe Kakhulu
Phawula indlela uJesu aluchaza ngayo uhlobo olucashile lobugqila, okukhulunywe ngalo ngaphambili, oluthinta wonke amadoda, abesifazane nabantwana emhlabeni: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Wonke umuntu ongumenzi wesono uyisigqila sesono.” (Johane 8:34) Ubani ongathi yena akoni? Ngisho nomphostoli uPawulu wavuma: “Okuhle engikufisayo angikwenzi, kodwa okubi engingakufisi yikho engikwenza umkhuba.” (Roma 7:19) Nakuba kungekho muntu ongazikhulula emaketangeni esono, sinalo ithemba.
UJesu waqinisekisa abafundi bakhe: “Uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela.” (Johane 8:36) Ukugcwaliseka kwalesi sithembiso kuyoletha inkululeko ebugqilini obulimaza kunabo bonke. Ukuze siqonde ukuthi singagqashula kanjani kubo, kumelwe siqale sibone ukuthi sagqilazeka kanjani kwasekuqaleni.
IBhayibheli lembula ukuthi uNkulunkulu wadala umuntu njengesidalwa esinenkululeko yokuzikhethela, engathambekele esonweni. Kodwa indodana kaNkulunkulu yomoya engabonakali, enobugovu yafuna ukulawula isintu, kungakhathaliseki ukuthi kwakuyoletha ukuhlupheka esintwini. Ukuze ifinyelele lowo mgomo, le ngelosi eyisihlubuki, kamuva eyabizwa ngokuthi uSathane uDeveli, yenza abazali bethu bokuqala abangabantu, u-Adamu no-Eva, bafulathela uNkulunkulu. Ngemva kokuba u-Adamu engazilalelanga ngamabomu iziyalezo zikaNkulunkulu eziqondile, akabanga yisoni nje kuphela kodwa wadlulisela ukungapheleli nokufa kuyo yonke inzalo yakhe. (Roma 5:12) Ekugcineni, uSathane waba “umbusi walelizwe,” futhi ‘isono siye sabusa nokufa njengenkosi phezu kwesintu.’—Johane 12:31; Roma 5:21; IsAmbulo 12:9.
Singakhululwa kanjani? Ngokuba abafundi bakaJesu, singazuza ekufeni kukaKristu komhlatshelo, okunamandla ‘okumenza ize lowo onendlela yokubangela ukufa, okungukuthi, uDeveli’ futhi ‘kukhulule bonke labo okwathi ngokwesaba ukufa baba ngaphansi kobugqila konke ukuphila kwabo.’ (Heberu 2:14, 15) Cabanga nje—ukukhululeka ekugqilazweni yisono nokufa! Ingabe awumuhle umcabango wenkululeko enjalo?
Kodwa kuthiwani ngohlobo lobugqila esikhulume ngabo ekuqaleni? Ingabe kuyoke kuphele ukugqilazwa kwabantu ngempoqo bengathandi?
Isisekelo Esiqinisekile Sethemba
Ngempela, singaqiniseka ukuthi uhlobo olunjalo lobugqila obunyantisayo luzoqedwa. Ngani? Cabangela lokhu: UJehova uNkulunkulu nguye owabangela ukukhululwa okukhulu kunakho konke kuwo wonke umlando wesintu. Kungenzeka ujwayelene nalo mlando.
Isizwe sakwa-Israyeli sagqilazwa abaseGibithe, sifukuziswa kanzima futhi sihlukunyezwa. Sakhala kuNkulunkulu sicela usizo, futhi ngenxa yesihe sakhe esikhulu, wasizwa wathatha isinyathelo. Esebenzisa uMose no-Aroni njengabakhulumeli bakhe, uJehova wayala uFaro waseGibithe ukuba adedele ama-Israyeli. Leyo nkosi ezikhukhumezayo yenqaba ngokuphindaphindiwe, ngisho nangemva kokuba uJehova elethe uhide lwezinhlupho ezibhubhisayo ezweni. Ekugcineni, uNkulunkulu wamthobisa uFaro. Ama-Israyeli agcina ekhululiwe!—Eksodusi 12:29-32.
Lo mlando uvusa amadlingozi, akunjalo? Kodwa ungase uzibuze ukuthi kungani uNkulunkulu engenzanga okufanayo ezikhathini zanamuhla. Kungani engazange angenele ezindabeni zabantu futhi aphelise ubugqila? Khumbula, uJehova akayena ‘umbusi waleli zwe’—nguSathane olibusayo. Ngenxa yezimpikiswano ezaphakanyiswa emuva e-Edene, uJehova uye wavumela lesi Sitha esibi ukuba sibuse okwesikhashana. Ubugqila, ukucindezelwa nonya kumane nje kuyizimpawu zokubusa kukaSathane. Ngaphansi kwethonya elinjalo, ukubusa kwabantu kuye kwazakhela umlando odabukisayo. IBhayibheli liwufingqa kahle lowo mlando, lithi: ‘Umuntu uye wabusa omunye kwaba ngukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.
Kodwa kuyoze kube nini? IBhayibheli lichaza ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina,” isikhathi lapho kwakuyodlanga khona ubugovu nokuhaha. (2 Thimothewu 3:1, 2) Lokhu kusho ukuthi uMbuso kaNkulunkulu, uJesu asifundisa ukuba siwuthandazele, uyomisa umphakathi olungile lapho ubugqila buyobe bungavunyelwe khona. (Mathewu 6:9, 10) UJesu Kristu, iNkosi emiswe uNkulunkulu, uyophelisa yonke iminonjana yobugqila kuze kube yilapho isitha sokugcina, esiwukufa, senziwa ize.—1 Korinte 15:25, 26.
Lapho ekugcineni lufika lolo suku, isintu esithembekile siyobona ukuthi ukukhululwa kwabantu bakaNkulunkulu ebugqilini baseGibithe kwakumane nje kuyisandulela esincane senkululeko enkulu eyayisazolandela. Yebo, ngokuhamba kwesikhathi, “indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala.” Ekugcineni, bonke abantu bayokwazi ukuyijabulela ngokugcwele ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Roma 8:21.
[Umbhalo waphansi]
a Ekhulwini lokuqala, kwakwande ukuminza emadilini amakhulu amaRoma. Ngakho, amaKristu axwayiswa ukuba angavumeli ukudla nanoma yini enye efanayo ukuba iwagqilaze.—Roma 6:16; 1 Korinte 6:12, 13; Thithu 2:3.
[Isithombe ekhasini 23]
Abantu ababalelwa ezigidini eziyisithupha bayizigqila zokugembula e-United States iyodwa
[Izithombe ekhasini 23]
Amakhulu ezigidi ayizigqila zezidakamizwa, utshwala nogwayi
[Izithombe ekhasini 24, 25]
NjengoRicardo, izinkulungwane ziye zathola usizo lukaNkulunkulu lokugqashula ezintweni eziluthayo
[Izithombe ekhasini 26]
Njengoba ama-Israyeli akhululwa ebugqilini, ngokushesha abakhulekeli beqiniso bakaNkulunkulu bayojabulela inkululeko enkulu kakhulu