Gwema Ugibe Lokugembula
“Ukugembula kwakungangigulisi futhi ngangingagembuli ngayo yonke imali. Kodwa ngiyavuma ukuthi njalo lapho ngidlala ilotho, ngangihlale ngikhetha izinombolo engangizibheka njengezenhlanhla.”—ULinda.
ABAGEMBULI abaningi baqala ukukholelwa ezinombolweni noma ezintelezini zenhlanhla. Bangase bangacabangi ukuthi bazibheka njengezibaluleke kangako izinkolelo-ze zabo, kodwa noma kunjalo bangase baqhubeke bezisebenzisa.
Abanye abagembuli baze bathandaze nakuNkulunkulu ukuba abasize bawine emidlalweni yabo. Nokho, iBhayibheli linamazwi kaNkulunkulu alahla labo abathi bayamkhulekela kodwa ‘abahlelela iNhlanhla itafula.’ (Isaya 65:11) Yebo, uNkulunkulu uyayenyanya imikhuba ekhuthaza ukukholelwa enhlanhleni. Ukugembula kukhuthaza ukuthembela ngendlela engenangqondo kulokho okubizwa ngokuthi iNkosazana Yenhlanhla.
Ukugembula kwenza nomuntu angabi namahloni okuthanda imali. Kubantu banamuhla abaya bethanda izinto zezwe, imali isiphenduke unkulunkulu, ukugembula kwaba indlela ethandwayo yokumkhulekela. Izindawo eziphambili zokugembula sezingamasonto amasha, futhi imfundiso entsha ithi ukuhaha akukubi. Abacwaningi bathole ukuthi iningi labantu abaya ezindaweni zokugembula lithi aliyeli injabulo noma ubumnandi, kodwa liyela ukuwina “isizumbulu semali.” Nokho, iBhayibheli liyaxwayisa: “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela loluthando abanye baye badukiswa okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.”—1 Thimothewu 6:10.
Kweyoku-1 Korinte 6:9, 10, iBhayibheli lisho ngokucacile: “Ningadukiswa. . . . abakhonza izithombe . . . noma abantu abahahayo . . . ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” Ukuhaha akusona nje isifo esivamile esigogayo; kuyisifo esingokomoya esibulalayo—kodwa isifo eselaphekayo.
Bathola Amandla Okuba Bashintshe
“Ngazama kaningi ukuyeka ukugembula,” kukhumbula uKazushige okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala. “Ngabona ukuthi ukubhejela kwami amahhashi nabangane bami kwakuwulimaza umkhaya wami. Njalo nje imali engangiyiwina yayidliwa. Ngaze ngagembula nangemali umkami ayeyongele ukuzalwa kwendodana yethu yesibili, futhi ekugcineni ngaqala ukugembula ngemali yenkampani. Ngenxa yalokho ngaphelelwa ukuzihlonipha. Umkami wayehlale ekhala engincenga ukuba ngiyeke ukugembula, kodwa ngangehluleka.”
UKazushige wabe eseqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uthi: “Njengoba ngangifunda iBhayibheli ngaya ngiqiniseka ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi kuyongizuzisa ukumlalela. Ngabona ukuthi ngamandla kaNkulunkulu ngizoyeka ukugembula. Okungimangazayo ukuthi angigcinanga nje ngokuyeka ukugembula kodwa sengiyakuzonda. Manje inhliziyo yami iba buhlungu uma ngicabanga ngokucindezeleka komkhaya wami ngenxa yokugembula. Angive ngimbonga uJehova uNkulunkulu ngokuthi ungisizile ngagqashula emkhubeni wami wokugembula nangokuthi uyangisiza ngiphile ukuphila okunenjongo!”—Heberu 4:12.
UJohn, naye okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, waqala ukufunda iBhayibheli. Uyakhumbula: “Ukufunda kwami iBhayibheli kwangisiza ukuba ngiphinde ngihlole izimo zami. Ngokokuqala ngqá, ngawubona ngempela umonakalo owawubangelwa ukugembula emkhayeni wami nakimi. Ngabona ukuthi ukugembula kukhuthaza umoya wobugovu nokuhaha—izinto uJehova azizondayo. Njengoba ngangiqhubeka ngifunda, ukuthanda uJehova kwanginika amandla okugqashula ekugembuleni. Ngaqala ukugembula ngoba ngangifisa ukuthola ukuphila okungcono. Manje njengoba sengiyekile ukugembula futhi sengikhonza uJehova ngenjabulo, sengikutholile engangikufisa.”
UmkaJohn, uLinda, naye wanquma ukuyeka ukugembula. Uthi: “Kwakungelula. Kodwa lapho mina nomyeni wami sesiqale ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngafunda ukugxila ezintweni ezibaluleke kakhulu ekuphileni. Ngafunda ukungagcini nje kuphela ngokuthanda izinto uNkulunkulu azithandayo kodwa nokuzonda izinto azizondayo, ezihlanganisa zonke izinhlobo zokuhaha. Ngaphandle nje kokuphila ukuphila okunenjongo, senginemali ethé xaxa.”—IHubo 97:10.
Ngokwakha ubuhlobo noJehova uNkulunkulu, nawe ungathola amandla nokuhlakanipha okudingekayo ukuze ugweme ugibe lokugembula. Ukwenza kanjalo kuyothuthukisa isimo sakho sezimali, esingokomzwelo nesingokomoya. Uyobe usujabulela ukuzibonela ukuba yiqiniso kwamazwi asencwadini yezAga 10:22: “Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
Ukuhaha akusona nje isifo esivamile esigogayo; kuyisifo esingokomoya esibulalayo
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]
Ukugembula Namandla Emimoya
Embikweni owathunyelwa kuyi-National Gambling Impact Study Commission, abacwaningi eDuke University bakhuluma ngokuhlobana kwendlela yokukhangisa ukugembula nokukholelwa emandleni emimoya. Lo mbiko uthi: “Izikhangiso eziningi [zelotho] zikhuthaza ukungabi namahloni okuthanda ingcebo . . . Kodwa lokhu akukhona ukuceba ngenxa yokuzikhandla nokuqinisela kodwa kungenxa yemikhovu nezinto esebenza ngazo ezisekelwe emathembeni, emaphusheni nasekukholelweni ezeni. Futhi bonke abaqondisi bamalotho bayazi ukuthi iningi lamakhasimende abo angaphuthi abheja ngezinombolo azithathe ekukholelweni ezeni, emashadini okufunda izinkanyezi, kubaboni, ‘nasezincwadini zamaphupho’ ezihlonishwayo ezinohlu lwezinombolo ezihambisana namagama, izinsuku namaphupho. Esikhundleni sokugcizelela ukuthi kungase kukhethwe noma iyiphi inombolo nokuthi ukubheja ngezinombolo ezithandwayo kuyonciphisa imali umuntu ayoyithola ekugcineni, izinkampani zelotho ziye zakhetha ukukhuthaza abadlali ukuba bakhethe izinombolo ezisho okuthile kubona (futhi bangazishintshi).”
[Izithombe ekhasini 10]
“Ukuthanda uJehova kwanginika amandla okugqashula ekugembuleni.”—UJohn
“Ngaphandle nje kokuphila ukuphila okunenjongo, senginemali ethé xaxa.”—ULinda
[Izithombe ekhasini 10]
“Okungimangazayo ukuthi angigcinanga nje ngokuyeka ukugembula kodwa sengiyakuzonda.”—UKazushige