Ingabe Kufanele Sikhathazeke Ngentsha Eyozelayo?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECANADA
UKUNGALALI kahle kuthikameza amandla engqondo nenkumbulo, futhi intsha esafunda iphakathi kwabantu abasengozini enkulu, kusho iphephandaba laseCanada i-Globe and Mail. “Ukungalali kahle kwezingane nentsha kuhlotshaniswa futhi nezinkinga zokuziphatha, ukuhluthuka nokungahlaliseki.” Ososayensi bacwaninga imikhuba yokulala yabafundi basesikoleni esiphakeme abangaba ngu-2 200 bathola ukuthi abangamaphesenti angaba ngu-47 babelala isikhathi esingaphansi kwamahora angu-8 atuswayo ubusuku ngabunye.
Nakuba kungenzeka ukuthi yindlela yayo yokuphila eyenza intsha ingalali kahle, “kungenzeka futhi ukuthi abanye kuyo banenkinga engakaziwa edinga ukwelashwa,” kusho i-Globe. “Izingane ezingaba ngamaphesenti amane, ezineminyaka emine kuya kwengu-18 ubudala, zinenkinga yokucinana uma zilele. Lapho zilele, umgudu womoya ongemuva nomphimbo uyavaleka kancane noma ngokuphelele, uphazamise ukudlula komoya-mpilo. Ngakho, ubuchopho abuphumuli ngokuphelele, okwenza lezi zingane zivuke zikhathele futhi zihluthuke kalula.
Izimpawu zokuthi kungenzeka ingane inale nkinga yokucinana zihlanganisa ukuhona noma ukunswininiza lapho ilele, ukuphathwa yikhanda njalo ekuseni, inkinga yokukhohlwa noma yokuhluleka ukugxilisa ingqondo, kanye nokozela njalo emini okungavamile. Kutuswa ukuba njalo ngezikhathi ezithile abazali balalele izingane zabo lapho zizumekile. UDkt. Robert Brouillette, uchwepheshe wezinkinga zokulala zabantwana eMontreal Children’s Hospital, uthi umntwana onenkinga angase ayeke ukuphefumula lapho elele, ngisho nakuba isifuba sakhe sifukuka. “Lokhu kunqamuka lapho umntwana ethuka bese evuka noma aphaphame okomzuzwana aphefumule izikhathi ezimbalwa abese ezumeka futhi.” Lokhu kungenzeka izikhathi ezingamakhulukhulu ubusuku ngabunye futhi kwenze ingane izizwe icobekile lapho ivuka.
I-American Sleep Disorders Association itusa ukuba umuntu alale ekamelweni elipholile, okungangeni kukhanya kulo futhi elingenaziphazamiso ezinjengethelevishini noma i-computer. Ukuba nesikhathi esimisiwe sokulala nesokuvuka nakho kuyobasiza abantwana nentsha ukuba balale kahle. Abanye abanenkinga yokucinana uma belele baye basebenzisa umshini ovikela ukuphazamiseka komgudu womoya. Lo mshini ufutha umoya ngesineke ngamakhala nangomlomo ukuze umgudu womoya uhlale uvulekile lapho belele. Omunye udokotela wezifo zabantwana wathi: “Ukulala kubaluleke ngaphezu kokudla esikudlayo. Kubaluleke ngaphezu kokuvivinya umzimba. Ukulala kulawula ama-hormone ethu, imizwelo yethu nesimiso sethu somzimba sokuzivikela ezifweni.”