Umbono WeBhayibheli
Unkulunkulu Uzizwa Kanjani Ngobudlova?
UBUDLOVA bugcwele yonke indawo futhi bungezimo ezihlukahlukene. Ngaphandle kwempi, kunobudlova kwezemidlalo, ubudlova obubangelwa yizidakamizwa, obamaqembu ezigelekeqe, obasesikoleni, emsebenzini, kanye nobudlova kwezokuzijabulisa. Ngisho nobudlova basekhaya bubonakala buyinto yamihla yonke kweminingi imikhaya. Ngokwesibonelo, ucwaningo oluthile lubonisa ukuthi eCanada amadoda nabesifazane abayizigidi ezingu-1,2 bahlaselwa ngobudlova ngabangane babo bomshado okungenani kanye enkathini eyiminyaka emihlanu esanda kudlula. Olunye ucwaningo lwaphetha ngokuthi amaphesenti angu-50 abantu abashaya omkabo ahlukumeza nezingane zawo ngobudlova.
Ngokuqinisekile, izenzo ezinjalo zobudlova ziyakushaqisa njengoba nje zibashaqisa nabanye abantu abaningi. Noma kunjalo, ubudlova buye baba isici esingasali ezinhlelweni eziningi zezokuzijabulisa zanamuhla. Izibukeli azikhangwa nje kuphela ubudlova-mbumbulu bamabhayisikobho kodwa zikhangwa nayizenzo zangempela zabantu abalwayo ezivezwa yithelevishini. Isibhakela neminye imidlalo enobudlova iyizintandokazi emazweni amaningi. Kodwa uNkulunkulu uzizwa kanjani ngobudlova?
Umlando Omude Wobudlova
Ubudlova bunomlando omude. Isenzo sokuqala sobudlova obungokoqobo esenziwa umuntu esibikwe eBhayibhelini sichazwa kuGenesise 4:2-15. UKayini, izibulo lika-Adamu no-Eva, waba nomhawu ngomfowabo u-Abela wambulala ngesihluku. UNkulunkulu wasabela kanjani? IBhayibheli lichaza ukuthi uJehova uNkulunkulu wamjezisa kanzima uKayini ngokubulala umfowabo.
KuGenesise 6:11, sifunda ukuthi eminyakeni engaphezu kwengu-1 500 ngemva kwaleso sigigaba, umhlaba “wawugcwele ubudlwangudlwangu.” Nalapha futhi, uNkulunkulu wasabela kanjani? Wayala uNowa olungile ukuba akhe umkhumbi owawuyolonda yena nomkhaya wakhe lapho uJehova eletha uzamcolo emhlabeni, kanjalo ‘ewuchitha’ lowo mphakathi onobudlova. (Genesise 6:12-14, 17) Kodwa yini eyayibangele labo bantu ukuba bathambekele ebudloveni ngaleyo ndlela?
Ithonya Lamademoni
Ukulandisa okukuGenesise kwembula ukuthi amadodana kaNkulunkulu, izingelosi ezingalaleli, zazigqoke imizimba yabantu, zashada nabesifazane, futhi zazala abantwana. (Genesise 6:1-4) Inzalo yazo, eyaziwa ngokuthi amaNefili, yayiyimidondoshiya futhi idumile. Ishoshozelwa yithonya loyise abangamademoni, yaba yiziqhwaga. Lapho amanzi ezikhukhula anda futhi esibekela umhlaba, lezi ziqhwaga zabhubha. Kodwa kubonakala amademoni ashiya imizimba yawo yenyama futhi abuyela endaweni yomoya.
IBhayibheli likwenza kucace ukuthi kusukela ngaleso sikhathi, lezi zingelosi eziyizihlubuki ziye zaba nethonya elinamandla kubantu. (Efesu 6:12) Umholi wazo, uSathane, ubizwa ngokuthi ‘umbulali wabantu’ wokuqala. (Johane 8:44) Ngakho, kungashiwo ngokufanele ukuthi ubudlova obenziwayo emhlabeni ngobobudemoni, noma ubuSathane.
IBhayibheli lixwayisa ngamandla ayengayo obudlova. KuzAga 16:29, lithi: “Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe, amhambise endleleni engenhle.” Abaningi namuhla baye bayengelwa ukuba bamukele, bakhuthaze, noma babhebhethekise izenzo zobudlova. Futhi, izigidi zabantu ziye zayengelwa ekujabuleleni ukuzijabulisa okudumisa ubudlova. Amazwi eHubo 73:6 angasetshenziswa ngokunembile ekuchazeni isizukulwane sanamuhla. Umhubi uthi: “Iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.”
UNkulunkulu Uyabuzonda Ubudlova
AmaKristu kufanele aziphathe kanjani ezweni elinobudlova? Ukulandisa kweBhayibheli ngamadodana kaJakobe uSimeyoni noLevi kusinika isiqondiso esinengqondo. Udadewabo uDina wayeshomene nabantu baseShekemi abaziphethe kabi. Ngenxa yalokhu umShekemi othile wamnukubeza ngokobulili. Bephindisela, oSimeyoni noLevi bawabulala ngesihluku wonke amadoda aseShekemi. Kamuva, ephefumulelwe nguNkulunkulu uJakobe wayiqalekisa intukuthelo engalawuleki yamadodana akhe ngala mazwi: “OSimeyoni noLevi bayizelamani; izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu. Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo.”—Genesise 49:5, 6.
Ngokuvumelana nala mazwi, amaKristu ayakugwema ukuzihlanganisa nalabo abakhuthaza noma ababhebhethekisa ubudlova. Ngokucacile, uNkulunkulu uyabazonda labo abakhuthaza ubudlova. IBhayibheli lithi: “UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.” (IHubo 11:5) AmaKristu ayalwa ukuba agweme zonke izinhlobo zentukuthelo engalawuleki, ngisho nokuhlukumeza abanye ngamazwi.—Galathiya 5:19-21; Efesu 4:31.
Ingabe Ubudlova Buyoke Buphele?
Umprofethi wasendulo uHabakuki wabuza uJehova uNkulunkulu: “Ngiyakukuncenga kuze kube nini, Jehova, ungezwa, ngikhala ngendluzula?” (Habakuki 1:2) Mhlawumbe nawe wake wabuza umbuzo ofanayo. UNkulunkulu wamphendula uHabakuki, ethembisa ukususa ‘omubi.’ (Habakuki 3:13) Incwadi ka-Isaya eyisiprofetho nayo isinikeza ithemba. Kuyo uNkulunkulu uthembisa ukuthi: “Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho.”—Isaya 60:18.
OFakazi BakaJehova bayaqiniseka ukuthi akusensuku zatshwala uNkulunkulu asuse emhlabeni zonke izinhlobo zobudlova kanye nababukhuthazayo. Ngaleso sikhathi, esikhundleni sokuba ugcwale ubudlova, “umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Habakuki 2:14.
[Isithombe ekhasini 12]
Ubudlova baqala lapho uKayini ebulala u-Abela