Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 9/8 k. 28-k. 31 isig. 3
  • Lapho Kuhlwa Emini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kuhlwa Emini
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amalungiselelo Alesi Sigigaba
  • Lwafika Olungaliyo
  • Esikufunda Ekusithekeni Kwelanga
  • “Lapho Kuhlwa Emini”
    I-Phaphama!—2008
  • Ukufiphala Kwelanga—Nokuhlaba Umxhwele Kwesayensi Yezinkanyezi
    I-Phaphama!—1995
  • Ithunzi Enyangeni
    I-Phaphama!—1990
  • Ilanga Lethu Eliyingqayizivele
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 9/8 k. 28-k. 31 isig. 3

Lapho Kuhlwa Emini

NGABALOBELI BE-PHAPHAMA! E-ANGOLA NASEZAMBIA

‘KUHLWE emini? Ngeke kwenzeke lokho!’ abanye bangase basho kanjalo. Kuyenzeka futhi kwenzeka kaningana njalo eminyakeni eyishumi—lapho ilanga lisitheka khona. Yini eyenza ilanga lisitheke, futhi kungani kuyinto eyisimanga kangaka? Ukuze siphendule, asiqale sixoxe ngenyanga.

Uyayazi yini indlela inyanga eshintsha ngayo njengoba izungeza umhlaba? Lapho ilanga lishona nenyanga iphuma, sibona inyanga egcwele iphuma empumalanga ngesikhathi ilanga lishona entshonalanga. Njengoba izinsuku ziqhubeka, inyanga ibe seyephuza ukuphuma ebusuku, kancane kancane inqamule esibhakabhakeni ilandele ilanga. Inyanga iya incipha ize ibe ucezwana. Lapho inyanga isesibhakabhakeni kanye nelanga usuku lonke, ngisho nalolo cezwana luyanyamalala bese singabe sisayibona inyanga ngoba isuke isivele emhlabeni ngohlangothi olungakhanyi. Kuye kuthiwe iyethwasa. Le nqubo ibe isihlehlela emuva, inyanga iyaqhela elangeni ize igcine isigcwele. Lo mjikelezo uphinde uqale phansi cishe njalo ngemva kwezinsuku ezingu-28.

Ukusitheka kwelanga kwenzeka lapho inyanga yethwasa. Ngokuvamile emini iyahamba idlule ilanga thina sibe singaboni ngoba zisuke zingaqondene. Kodwa kuye kwenzeke ilanga, inyanga, nomhlaba kuqondane ngqó. Ngaleso sikhathi-ke, ithunzi lenyanga limboza umhlaba bese ilanga liyasitheka.

Ukusitheka kwelanga kubangelwa ubukhulu belanga, benyanga, nobomhlaba. Ilanga likhulu kakhulu, inyanga ingaphindwa izikhathi ezingu-400 kulo. Okumangalisayo-ke kodwa ukuthi ilanga liqhele emhlabeni izikhathi ezingu-400 kunenyanga. Ngenxa yalokho, thina sibona ilanga nenyanga kucishe kulingane. Ngakho, ngezinye izikhathi inyanga ingabonakala sengathi iyalimboza ilanga.

Ukuze ilanga lisitheke lonke, ilanga, inyanga nomhlaba kumelwe kungagcini nje ngokuqondana ngqó, kodwa kumelwe kuqondane ngesikhathi inyanga izungeza eduze kakhulu nomhlaba.a Uma kwenzeka lokhu ithunzi lenyanga lenza kube mnyama engxenyaneni ethile yomhlaba.

Ngesikhathi ilanga lisitheka lonke ngo-June 21, 2001, ithunzi lalizoba banzi ngamakhilomitha angu-200. Ubumnyama babuzoqala ekuphumeni kwelanga ogwini olusempumalanga yeNingizimu Melika budlulele eSouth Atlantic, lapho babuzothatha khona imizuzu cishe emihlanu, okuyisikhathi eside kunakuzo zonke izindawo. Ngemva kokunqamula e-Angola, eZambia, eZimbabwe naseMozambique, babuzophela lapho sekushona ilanga ogwini olusempumalanga yeMadagascar. Ake sibone ukuthi lo mbukwane wasesibhakabhakeni bawubona kanjani ababebukele e-Angola naseZambia.

Amalungiselelo Alesi Sigigaba

Ngesasasa elikhulu, abacwaningi abagogodile, izazi zezinkanyezi eziyizimfundamakhwela, nabanye abaningi batheleka e-Afrika bezobona loku kusitheka kwelanga kokuqala kule nkulungwane entsha yeminyaka. Njengoba iLusaka, eseZambia, kwakuyiyona kuphela inhloko-dolobha okwakuzobonakala kuyo ukusitheka kwelanga, izivakashi eziningi zalibangisa khona ziyolibuka.

Cishe ayikaze ibe khona into eyadonsa izivakashi eziningi kangaka eZambia. Kusasele izinsuku ezimbalwa nje ilanga lisitheke, izivakashi eLusaka zazingangoZulu eya eMakheni. Amalungiselelo alesi sigigaba ayenziwe kusasele izinyanga. Amahhotela, izindawo zokulala, ezokumisa amatende, nemizi yabantu konke kwase kuqashiwe ukuze kuhlaliswe le nkumbula yezivakashi.

Izindawo umphakathi owawuzobuka ukuzo zazihlanganisa nesikhumulo sezindiza saseLusaka, lapho izivakashi zazingafika khona ekuseni, zibuke, bese ziyagoduka ebusuku. Kwaphela amasonto amaningi iziteshi zethelevishini nezomsakazo zimemezela ngalo mbukwane owawuzokwenzeka, zixwayisa zixwayisile ngezingozi zokulibuka ngqó ilanga. Izibuko ezikhethekile zathengwa ubuthaphuthaphu, futhi ezitolo eziningi zaphela nyá.

Nokho, ezwekazini lase-Afrika ilanga lalizoqala ukusitheka e-Angola, eSumbe, idolobha elisogwini. Kulapha lapho izibukeli zazizobona ukusitheka kwelanga imizuzu emine nesigamu, okuyisikhathi eside kunakuzo zonke izindawo.

Kusasele izinyanga ukuba ilanga lisitheke, kwaxhonywa amabhodi amemezela ngako naxwayisa ngezingozi zako enhloko-dolobha yase-Angola, iLuanda, nakwamanye amadolobha amakhulu. Ithunzi lenyanga lalizonqamula maphakathi nezwe, ngakho bonke abase-Angola babezobona okungenani ilanga lisitheka cishe lonke. ELuanda kwazobonakala ilanga limbozeke ingxenye engamaphesenti angu-96. Uhulumeni, ebambisene nezinkampani ezizimele, wahlela ukuba kulethwe izigidi zezibuko ezikhethekile ukuze zinikwe abantu. Eziningi zamukeliswa abantu ababengenamali.

Abantu abaningi e-Angola babuka ukusitheka kwelanga eSumbe, esethafeni elihle elincane elisogwini phakathi kweSouth Atlantic nenkangala emaphakathi ne-Angola. ISumbe isindile ezimpini ezimbi kakhulu eziye zacekela phansi i-Angola, ngakho izivakashi zithola idolobha elisekahle elinezakhamuzi ezibalelwa ku-25 000 ezinomusa, ezinobungane nezithanda ukuxoxa. Ukuze zonke izivakashi zithole indawo yokuhlala, kwalungiselelwa izindawo ezengeziwe zokuhlala izivakashi, kwathuthukiswa nendawo yalapha ephehla ugesi. Kwavulwa indawo ekhethekile yokufundisa ngokusitheka kwelanga okwakuzofunda kuyo ososayensi, ongqongqoshe, nezisebenzi zezenhlalakahle zase-Angola nakwamanye amazwe. Kwakhiwa isiteji esikhulukazi ebhishi okwakuzokwenzelwa kuso umgidi wokuzithokozisa omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona eSumbe.

Lwafika Olungaliyo

Enye yezinto ezimnandi ngokubuka ukusitheka kwelanga e-Angola ukuthi ngo-June lisuke lomisile. Kodwa yeka ukujabha lapho ngayizolo livele libuyisa amafu eSumbe! Ubusuku bonke nangakusasa ekuseni, kuleli dolobha izulu laligqunqile. Ingabe wonke amathemba okubona ukusitheka kwelanga ayezoshabalala? Emini yasekuseni laqala ukuphenya, kwathi kuqambe kuba semini lase licwathile. Kwathi gidí! NaseZambia babenexhala ngoba kwasa libafazi bedub’ inyama. Kodwa nakhona laphenya ngesikhathi. Zizwele abantu abazibonela ngawabo bechaza lokho okwenzeka.

E-Angola: “Sakhetha ukubuka ukusitheka kwelanga egqumeni elibheke olwandle. Njengoba isikhathi sasisondela, izinkumbi zabantu zagcwala ebhishi elisedolobheni nasezindaweni ezazibekelwe ukubuka lesi sigigaba. Emini, lapho ilanga selizoqala ukusitheka, abaningi bafaka izibuko zabo zokuzivikela base beqala ukubuka lapho inyanga iqala nje ukusitha ilanga. Emini ilanga laqala ukusitheka. Ababebuka ngezibonakude babona amachashazi amaningana amnyama elangeni. Ababebukele babona la machashazi esitheka kancane kancane. Njengoba ilanga laliqhubeka lisitheka kwaqala ukubanda kakhulu futhi kwagqunqa. Ucezu lokugcina lwelanga lwagcina lwembozwe yithunzi lenyanga kwase kuba mnyama.”

EZambia: “Njengoba liseMakeni, eLusaka, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseZambia lalisendaweni ekahle yokubuka ukusitheka kwelanga. Ngo-3:07 ntambama, inyanga yaqala ukusitha ilanga. Ezindongeni zezakhiwo kwakubonakala amathunzi ahamba eba nokukhanya. Kwathula umoya, kwathula nezinyoni. Izilwane zasendle zaqala ukulungela ukulala. Ngo-3:09 ntambama, sekusele imizuzwana embalwa ngaphambi kokuba ilanga limbozeke lonke, laliya lisitheka kwagcina sekusele amachashazi ambalwa akhanyayo, lagcina selilinye ichashazi. La machashazi abizwa ngokuthi ama-Baily’s bead nokuthi i-diamond ring (indandatho yedayimane).b Kwabe sekubonakala umbala obomvana elangeni, labe selimbozeka lonke kwaba mnyama!”

E-Angola: “Lo mbukwane ofana nendandatho yedayimane elixhophayo wenza abantu bababaza, bachwaza. Kwathi sekungu-1:48 ntambama e-Angola lasitheka lonke ilanga. Abantu basabela ngezindlela ezihlukahlukene. Abanye babelibele ukuthatha izithombe. Abanye baqala ukumemeza kanyekanye, ‘Kwamnyama! Kwamnyama! Kwamnyama!’ Kanti abanye baqala ukushaya amakhwela babanga umsindo njengoba kwakuhlwa emini. Imisebe yelanga esemoyeni oshisa bhé yayibonakala isabalala iya nxazonke yakha isiyingi esikhanyayo esizungeza ilanga. Sabona imisebe izungeze inyanga emnyama. Kuthe kusenjalo sabona ithunzi seligudluka kwavela umsebe welanga.

“Njengoba inhlamvu yelanga yayiqala ukuvela, sabona amachashazi elangeni ayekade esithekile, evela ngalinye ngalinye njengoba ilanga lalibuyela kancane kancane esimweni salo esivamile.”

EZambia: “Ilanga lapha lasitheka imizuzu emithathu nemizuzwana engu-14, ngakho sasikhona isikhathi sokubukisisa nokucabangisisa ngalesi simanga. Kwakumnyama, kodwa kwakulokoza ukukhanya emkhathizwe. Nakuba isibhakabhaka sasiseluhlaza, kwabonakala amaplanethi asuke esithwe yilanga—ngokwesibonelo, amaplanethi iJupiter neSaturn ayebonakala ngokucacile. Cishe into eyayihlaba umxhwele kakhulu kulokhu kusitheka kwelanga kwakuyisiyingi esikhanyayo esasizungeze ilanga. Sasibomvanyana sizungeze inyanga emnyama. Zihlabeke umxhwele, izibukeli zasichaza ngokuthi ‘siyamangalisa, sikwenza ubambe ongezansi.’ Kancane kancane inyanga yagudlukela eceleni, ilanga laya livuleka kwaze kwaba yilapho selikhanyisa umhlaba lingasasithwe yilutho. Ngo-4:28 ntambama, kwase kuphelile ukusitheka kwelanga!”

Esikufunda Ekusithekeni Kwelanga

Ngemva kwako, abaningi basho indlela lesi sigigaba esasibathinte ngayo inhliziyo. E-Angola owesifazane othile wathi wacishe wakhala. Omunye wathi kuyisipho esihle esivela kuNkulunkulu. Kanti omunye wathi uMdali onothando kuphela ongenza kube nalo mbukwane ukuze abantu babone ubuhle obukhulu bomthombo wamandla omhlaba.

Kwaba sobala ukuthi abantu abaningi e-Afrika bayamhlonipha kakhulu uMdali neBhayibheli. Lapho oFakazi BakaJehova edolobheni laseSumbe bexoxa nabantu ngaloku kusitheka kwelanga futhi besho ukuthi kumane nje kungomunye wemisebenzi emangalisayo kaJehova, uMdali wethu, izakhamuzi zabonisa ukuthi ziyathanda ukuxoxa ngale ndaba. Eziningi zawemukela ngaphandle kokunanaza umagazini wamuva INqabayokulinda eyayikhuluma ngale misebenzi emangalisayo.

Lesi sigigaba esenzeka esibhakabhakeni sasiza izigidi zabantu ukuba zike zikhohlwe izinkinga zazo okwesikhashana, zibuke into ejabulisayo nemangalisa ngempela. Sebebone izici ezikhazimulayo zelanga ezingabonakali ngezinye izikhathi, abanye bacabanga ngokukhazimula okungabonakali kodwa okuhle nangaphezu kwalokhu koMdali wazo, uJehova uNkulunkulu.

[Imibhalo yaphansi]

a Njengoba umzila wenyanga nowomhlaba umise okweqanda, ubukhulu belanga nobenyanga bubonakala bushintshashintsha kancane kuye ngokuthi inyanga nomhlaba kuhambaphi. Lapho inyanga izungeza kude kakhulu nomhlaba, ithunzi lenyanga lingase lingafiki kuwo wonke umhlaba. Uma lokhu kwenzeka, abantu abasemhlabeni abaqondene nalelo thunzi babona isiyingi esikhulu esimnyama elangeni.

b Lokhu okubizwa ngokuthi ama-Baily’s bead kubangelwa imisebe yelanga edlula ezigodini zenyanga ngaphambi nje kokuba ilanga lisitheke ngokuphelele. Incazelo ethi “diamond ring” ichaza indlela ilanga elibukeka ngayo ngaphambi nje kokuba lisitheke lonke, ngesikhathi sekuvele ingxenyana encane yelanga, okwenza libukeke njengendandatho emhlophe ebenyezelayo phezulu, kuhle kwendandatho yedayimane.

[Umdwebo ekhasini 28]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

→ →

Ilanga → Inyanga ⇨ Ingxenye emnyama ⇨ Umhlaba

→ →

[Umthombo]

© 1998 Visual Language

[Izithombe ekhasini 31]

Ama-“Baily’s bead”

Lisitheke lonke

I-“diamond ring”

[Umthombo]

Courtesy Juan Carlos Casado, www.skylook.net

[Isithombe ekhasini 31]

Ababuka ukusitheka kwelanga eLusaka, eZambia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela