Umbono WeBhayibheli
Imithandazo Ezwiwa UNkulunkulu
“Qhubekani nicela, futhi niyophiwa; qhubekani nifuna, futhi niyothola; qhubekani ningqongqoza, futhi niyovulelwa. Ngoba wonke umuntu ocelayo uyamukela, futhi wonke umuntu ofunayo uyathola, futhi wonke umuntu ongqongqozayo uyovulelwa.”—LUKA 11:9, 10.
ENOKHOLO oluphelele emazwini kaJesu Kristu acashunwe ngenhla, amaKristu amaningi athandaza kuNkulunkulu ngezinkinga zawo nezinto eziwakhathazayo, eqiniseka ngokuthi uyawathanda futhi uyawakhathalela. Kodwa amanye ayakhungatheka lapho esalinde ukuba imithandazo yawo iphendulwe. Ingabe unomuzwa wokuthi imithandazo yakho ayizwakali? UNkulunkulu uyakulalela yini lapho uthandaza?
Ngisho noma kubonakala sengathi imithandazo yethu ayiphendulwa, akusho ukuthi uNkulunkulu akayizwanga. IBhayibheli lisiqinisa idolo: “Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, futhi izindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo.” (1 Petru 3:12) Ngakho uJehova uNkulunkulu uyayizwa imithandazo yabalungileyo, noma ngabe bathandaza ngokuzwakalayo noma ngenhliziyo. (Jeremiya 17:10) UJehova uhlola nemicabango nemizwa ebangela umuntu ngamunye athandaze, ngisho nomuntu othandazayo angase angayiqondi ngokugcwele noma angayazi.—Roma 8:26, 27.
Nokho, imithandazo kumelwe ihlangabezane nezimfuneko ezithile ukuze uNkulunkulu ayamukele. Okokuqala, kumelwe iqondiswe ngqó kuNkulunkulu—hhayi kuJesu, “kusanta,” noma esithombeni. (Eksodusi 20:4, 5) Imithandazo kumelwe futhi ishiwo egameni leNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu. (Johane 14:6) Ingabe lokhu kusho ukuthi imithandazo yethu iqala kuJesu abese edlulisela umyalezo kuNkulunkulu? Cha. Kunalokho, ngokuthandaza kuJehova ngegama likaJesu, sizibonakalisa njengabafundi bakaKristu futhi siyaqaphela ukuthi yisihlengo sakhe kuphela esisenza sikwazi ukuya kuNkulunkulu.—Heberu 4:14-16.
Kumelwe sithandaze ngokholo. Umphostoli uPawulu wathi: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa kahle [uNkulunkulu] ngoba lowo osondela kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Heberu 11:6) Umuntu wazi kanjani ukuthi unalo lolo hlobo lokholo? Umlobi weBhayibheli uJakobe uyaphendula: “Mina ngizokubonisa ukholo lwami ngemisebenzi yami.” (Jakobe 2:18) Yebo, ukholo luveza izenzo, bese zona zibonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu futhi sizama ukumjabulisa.
Abakhulekeli bakaNkulunkulu kumelwe futhi baphikelele lapho bethandaza. UJesu wakwenza kwacaca lokhu kuLuka 11:9, 10, ocashunwe ekuqaleni. Futhi-ke nje uma umuntu ethandaza kanye kuphela ngodaba oluthile, akabonisi yini ukuthi akazimisele ngempela ngaloko akucelayo?
Okuthenjiswa NguNkulunkulu
Kungakhathaliseki ukuthi sithandaza kaningi kangakanani nangobuqotho kanjani, sisaphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Nakuba kuyiqiniso ukuthi uJesu wathi abalandeli bakhe bayojabula, akashongo ukuthi ngeke babe nezinkinga ekuphileni. (Mathewu 5:3-11) Kodwa wathi abafundi bakhe bangajabula naphezu kokulila, ukulamba, ukoma, noma ukushushiswa.
Injabulo akhuluma ngayo uJesu ayincikile ekutheni sibe nezimo ezikahle. Kunalokho, iwukwaneliseka esinakho ngaphakathi ngenxa yokuthi sikhonza uNkulunkulu. Ngakho, singajabula ngezinga elithile ngisho noma kuneziyaluyalu.—2 Korinte 12:7-10.
Ukubhekana Nezinkinga Zakho
Ingabe-ke kuwukudlala ngesikhathi ukuthandaza kuNkulunkulu ngezinto ezithinta umuntu siqu ezinjengokuthola umngane womshado ofanelekayo noma ukubhekana nezinkinga zomkhaya, zempilo, noma zasemsebenzini? Cha, ngoba nakuba uNkulunkulu engathembisi ukushintsha izimo zokuphila kwethu ngokuyisimangaliso, uyosipha ukuhlakanipha ukuze sikwazi ukuphila nazo. Ngokuqondene nezilingo, uJakobe wabhala: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ecela kuNkulunkulu, ngoba unika bonke ngokuphana ngaphandle kokusola; futhi uyonikwa kona.” (Jakobe 1:5) Ngakho uJehova uyosihola ngomoya wakhe ongcwele. Lokhu kuyosisiza siqonde izimiso zeBhayibheli futhi sizisebenzise lapho senza izinqumo.
Yebo, umoya kaNkulunkulu awusenzeli izinqumo. Kunalokho, kudingeka umzamo womuntu. Ngokwesibonelo, uma sinenkinga, sesicwaningile yini ngayo sahlola nezici ezihlukahlukene ezihilelekile? Ukwenza kanjalo kuyoba umsebenzi obonisa uNkulunkulu ukuthi sinokholo. (Jakobe 2:18) Siye saphikelela yini nomzamo wokuxazulula leyo nkinga, sisicela njalo isiqondiso sikaNkulunkulu? (Mathewu 7:7, 8) Sizihlolisisile yini izimiso zeBhayibheli ezisebenza kuleso simo? IZwi likaNkulunkulu lingasenza ‘sifaneleke ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’—2 Thimothewu 3:16, 17.
Nakuba kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu uyakwazi ukungenela ezindabeni zabantu aziqede zonke izinkinga zethu, usiyekile sasebenzisa inkululeko yethu yokuzikhethela. Kuyadabukisa ukuthi abaningi basebenzisa le nkululeko ngendlela elimaza abanye. Ngakho, ezinye izinkinga esizithandazelayo zingase ziqhubeke kuze kufike izwe elisha likaNkulunkulu. (IzEnzo 17:30, 31) Zingase zibe isimo esisendaweni esihlala kuyo, njengobugebengu noma impi; noma zingase zihilele ukukhuthazela ngaphansi kobunzima obubangelwa abaphikisi. (1 Petru 4:4) Kumelwe sivume ukuthi kuleli zwe elingamesabi uNkulunkulu, ezinye izimo ngeke zibe ngcono.
Noma kunjalo, uNkulunkulu uyabathanda abakhulekeli bakhe futhi uyafuna ukubasiza. Lapho uMbuso wakhe usubusa ungabangiswa muntu emhlabeni, uyoziqeda nyá izinkinga ezimbi zaleli zwe. (IsAmbulo 21:3, 4) Kuze kube yileso sikhathi, kufanele siphikelele ekuceleni isiqondiso sakhe lapho sibhekene nezinkinga zokuphila. Uma senza kanjalo, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosifeza isithembiso esiseBhayibhelini ku-Isaya 41:10: “Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.”