Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 11/8 k. 8-k. 11 isig. 11
  • Ingabe Ingculaza Iyonqandeka? Uma Kunjalo, Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ingculaza Iyonqandeka? Uma Kunjalo, Kanjani?
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Intuthuko Yezokwelapha
  • Izithiyo Zezokwelapha
  • Ukunqotshwa Kwengculaza
  • Intuthuko Ekulweni Nengculaza
    I-Phaphama!—2004
  • Indlela Yokulwa Nengculaza
    I-Phaphama!—1998
  • Sebenzisa Imithi Ngokuhlakanipha
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Inkinga Yezidakamizwa Inganqotshwa?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 11/8 k. 8-k. 11 isig. 11

Ingabe Ingculaza Iyonqandeka? Uma Kunjalo, Kanjani?

SEKUYISIKHATHI eside abantu basemazweni amaningi ase-Afrika bephika ukuthi lukhona ubhadane lwengculaza. Abanye bakhetha ukungaxoxi ngisho nokuxoxa ngayo. Nokho, eminyakeni yamuva kuye kwenziwa imizamo yokufundisa ikakhulukazi intsha nokukhuthaza ukuxoxa ngokukhululekile ngayo. Le mizamo iye yaba nempumelelo elinganiselwe. Abantu bagxile emasikweni nasendleleni yabo yokuphila, futhi akulula ukushintsha.

Intuthuko Yezokwelapha

Emkhakheni wezokwelapha, ososayensi bafunde okuningi ngesandulela-ngculaza futhi baye benza imishanguzo eye yenza abantu baphila isikhathi esijana. Kuye kwasetshenziswa ngokuphumelelayo inhlanganisela yemishanguzo emithathu, okuthiwa iyasebenza impela ekulweni negciwane lengculaza.

Nakuba ingelona ikhambi, le mishanguzo iye yaphumelela ekunciphiseni isibalo sabantu ababulawa yisandulela-ngculaza, ikakhulukazi emazweni asethuthukile. Abantu abaningi bagcizelela ukubaluleka kokuthumela le mishanguzo emazweni asathuthuka. Nokho, le mishanguzo iyabiza, futhi ingaphezu kwamandla eningi labantu bakula mazwe.

Lokhu kuye kwadala impikiswano: Ingabe inzuzo yemali ibaluleke ngaphezu kokuphila kwabantu? Umqondisi wohlelo lwaseBrazil lwesandulela-ngculaza nengculaza, uDkt. Paulo Teixeira wasivuma lesi simo: “Asikwazi ukuzishiya dengwane izinkulungwane zabantu zingenayo imishanguzo engazisiza, ngenxa nje yokufuna inzuzo engalé kwevamile.” Wanezela: “Ngikhathazeke kakhulu ngokuthi izinzuzo zezentengiselwano akufanele zize ngaphambi kwezimiso zobuntu nokucabangela abantu.”

Amazwe ambalwa aye anquma ukungawanaki amalungelo ezinkampani ezinkulu ezithaka imithi futhi enza noma athenga imikhiqizo yohlobo lwemishanguzo ethile ngemali ephansi kakhulu.a I-South African Medical Journal ibika ngocwaningo oluthile olubonisa ukuthi “kuye kwatholakala ukuthi imali evamile yokuthenga [imikhiqizo yohlobo lwale mishanguzo] iphansi ngamaphesenti angu-82 kunentengo evamile yase-United States.”

Izithiyo Zezokwelapha

Ngokuhamba kwesikhathi, izinkampani ezinkulu ezithaka imithi zaqala ukuthengisela amazwe asathuthuka imishanguzo yengculaza ngentengo ephansi kakhulu. Kwakwethenjwa ukuthi lokhu kuyokwenza abantu abaningi bakwazi ukuyithola le mishanguzo. Nokho, kunezithiyo ezinkulu okumelwe zigudluzwe ukuze le mishanguzo itholakale kalula emazweni asathuthuka. Esinye sazo yizindleko. Yize amanani entengo encishisiwe, le mishanguzo isemba eqolo kubantu abaningi abayidingayo.

Enye inkinga iwukuthi akulula ukuyisebenzisa le mishanguzo. Amaphilisi amaningi kumelwe aphuzwe nsuku zonke, ngezikhathi ezimisiwe. Uma umuntu engawaphuzi ngendlela efanele noma uma engawaphuzi njalo, lokhu kungaholela ekwakhekeni kwezinhlobo zesandulela-ngculaza ezimelana nemithi. Akulula ukuqinisekisa ukuthi abantu banamathela endleleni efanele yokusebenzisa le mithi ezimweni zase-Afrika, lapho kungenzeka khona ukuthi kunokuntuleka kokudla, ingcosana yamanzi ahlanzekile okuphuza, nezikhungo zezokwelapha ezimbalwa.

Ngaphezu kwalokho, labo abaphuza le mishanguzo kumelwe bahlolwe njalo. Uma kwenzeka imizimba yabo iqala ukumelana nale mishanguzo, kumelwe kushintshwe inhlanganisela yemithi abayisebenzisayo. Ukwenza lokhu kudinga izisebenzi zezokwelapha ezingomakad’ ebona, futhi kuyabiza ukwenza ukuhlola. Ngaphezu kwalokhu, kuyenzeka le mishanguzo ibe nemiphumela engathandeki, futhi kunezinhlobo zegciwane lengculaza ezakhekayo ezimelana nemithi.

Ngo-June 2001 engqungqutheleni ekhethekile ephathelene nengculaza yoMkhandlu-jikelele we-UN, kwahlongozwa ukusungulwa kweSikhwama Sezempilo Sembulunga Yonke ukuze kulekelelwe amazwe asathuthuka. Kwalinganiselwa ukuthi kwakudingeka imali esukela kuma-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-7 kuya kweziyishumi. Ingqikithi yemali ethenjiswe lesi sikhwama kuze kube manje ingaphansi kakhulu kwedingekayo.

Ososayensi banethemba elikhulu lokuthola umuthi wokugoma, futhi kunehlukahlukene ezanywayo emazweni amaningi. Ngisho noma le mizamo ingase iphumelele, kusazothatha iminyaka eminingi ngaphambi kokuba lo muthi uthakwe, uhlolwe futhi kutholakale ukuthi uphephile yini ukuba usetshenziswe uwonk’ uwonke.

Kwamanye amazwe, njengeBrazil, iThailand ne-Uganda kuye kwaba nempumelelo ephawulekayo ezinhlelweni zokwelapha. Ngenxa yokusebenzisa imithi ekhiqizwe khona, elaseBrazil liye lasehlisa ngesigamu isibalo sababulawa yizifo ezihlobene nengculaza. Izwe elincane laseBotswana, elinayo imali, lilwela ukuba bonke abantu bakhona abadinga imishanguzo yokulwa negciwane lengculaza bayithole, futhi lilwela ukuba kube khona imitholampilo edingekayo.

Ukunqotshwa Kwengculaza

Kunesici esisodwa esibalulekile esenza ingculaza ihluke kwezinye izinhlobo zobhadane: Ingavinjelwa. Uma abantu bezimisele ukunamathela ezimisweni zeBhayibheli eziyisisekelo, ezimweni eziningi, uma kungezona zonke, bangakugwema ukungenwa yilesi sifo.

Izimiso zokuziphatha zeBhayibheli zicacile. Abangashadile kufanele bagweme ukuya ocansini. (1 Korinte 6:18) Abashadile kufanele bathembeke kubangane babo bomshado, bangaphingi. (Heberu 13:4) Ukulalela umyalo weBhayibheli wokugwema igazi nakho kuyasiza ekuvikeleni umuntu.—IzEnzo 15:28, 29.

Labo kakade asebenaso lesi sifo bangathola injabulo enkulu nenduduzo ngokufunda ngezwe elingenazo izifo elithenjiswe nguNkulunkulu maduze nje nangokuzivumelanisa nezimfuneko zikaNkulunkulu.

IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi ngesikhathi esifanele ziyophela zonke izinkathazo zesintu, kuhlanganise nezifo. Lesi sithembiso sitholakala encwadini yesAmbulo: “Ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’”—IsAmbulo 21:3, 4.

Leso siqinisekiso asiqondiswanga kulabo abakwazi ukuthenga imithi ebizayo kuphela. Lesi sithembiso esiyisiprofetho sesAmbulo isahluko 21 siqinisekiswe ku-Isaya 33:24: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: ‘Ngiyagula.’” Khona-ke bonke abaphilayo emhlabeni bayophila ngemithetho kaNkulunkulu futhi bajabulele impilo ephelele. Ngaleyo ndlela ukuqothula kwengculaza—nazo zonke ezinye izifo—kuyonqandwa phakade.

[Umbhalo waphansi]

a Le mikhiqizo ifana nemithi ekhiqizwa ezinye izinkampani ezithaka imithi. Umthetho uyawavumela amazwe angamalungu e-World Trade Organization ukuba angawanaki amalungelo ezinkampani okukhiqiza imithi uma kunezimo eziphuthumayo.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9, 10]

NANTI IKHAMBI LANGEMPELA ENGANGILIFUNA

Ngihlala e-Afrika eseningizimu, futhi ngineminyaka engu-23 ubudala. Ngilukhumbula kahle usuku engathola ngalo ukuthi nginegciwane lengculaza.

Nganginomama kwadokotela lapho engitshela lezi zindaba. Kwakuyizindaba ezibuhlungu kunazo zonke engangike ngazizwa ekuphileni kwami. Ngakhungatheka. Kwakungakholeki. Ngacabanga ukuthi mhlawumbe isikhungo esihlola igazi sasenzé iphutha. Kwaphela amazwi nokuhlakanipha. Kwathi mangikhale, kodwa izinyembezi zangibalekela. Udokotela waqala ukukhuluma nomama ngemishanguzo yokulwa naleli gciwane nangezinye izinto, kodwa mina ngangishaqeke kangangokuthi ngangingezwa lutho.

Ngaqaphela ukuthi kumelwe ukuba leli gciwane ngilithole kothile eyunivesithi engangifunda kuyo. Ngangifisa kakhulu ukukhuluma nothile owayengasiqonda isimo sami, kodwa akekho owafika engqondweni. Ngazizwa ngingento yalutho futhi ngiyisehluleki. Nakuba umkhaya wakithi wangisekela, ngaphelelwa yithemba futhi ngesaba. Njengabo bonke abanye abasha, nganginezifiso eziningi. Ngangisalelwe iminyaka emibili nje kuphela ngithole iziqu zami zesayensi, kodwa lelo themba lase lishabalele.

Ngaqala ukuphuza ama-philisi engangiwanikiwe ngaya nakwabaluleka ngengculaza, kodwa ngaqhubeka ngicindezelekile. Ngathandaza kuNkulunkulu ngicela ukuba angibonise ubuKristu beqiniso ngingakafi. Ngangiyilungu lelinye lamasonto kaMoya, kodwa alikho nelilodwa ilungu lesonto elangivakashela. Ngangifuna ukwazi iqiniso ngokuthi ngangizoyaphi lapho sengifile.

Ngolunye usuku ekuseni ekuqaleni kuka-August 1999, ngavakashelwa oFakazi BakaJehova ababili. Ukugula kwakungixinile ngalolo suku, kodwa ngakwazi ukuhlala ngibalalele egumbini lokuphumula. Lezi zintokazi ezimbili zazethula zathi zazisiza abantu ukuba bafunde iBhayibheli. Ngajabula lapho imithandazo yami iphendulwa ekugcineni. Kodwa ngaleso sikhathi ngangibuthaka kangangokuba ngangingakwazi ukufunda noma ukugxilisa ingqondo isikhathi eside.

Noma kunjalo, ngazitshela lezi zintokazi ukuthi ngangifisa ukufunda iBhayibheli, futhi zahlela ukubuya. Ngeshwa, ngaphambi kokuba kufike lolo suku, ngayiswa esibhedlela sezifo zengqondo ngoba ngangicindezelekile. Ngadedelwa ngemva kwamasonto amathathu futhi kwangijabulisa ukuthola ukuthi lab’ oFakazi babengangikhohliwe. Ngikhumbula ukuthi omunye wabo waqhubeka engivakashela ezongihlola. Ngathi ukululama ngokomzimba futhi ngaqala ukufunda iBhayibheli ngasekupheleni konyaka. Yize kunjalo kwakungelula ngoba isimo sami sasiguquguquka njalo. Kodwa umuntu owayengifundela wayeqonda futhi enesineke.

Kwangihlaba umxhwele kakhulu ukufunda ngoJehova nezimfanelo zakhe eBhayibhelini nokuthi kusho ukuthini ngempela ukumazi nokubheka phambili ekuphileni okuphakade. Ngokokuqala ngqá, ngaqonda nokuthi kungani isintu sihlupheka. Kwangijabulisa kakhulu ukufunda ngoMbuso kaNkulunkulu, ozothatha isikhundla sabo bonke ohulumeni babantu maduze. Kwangishukumisela ukuba ngiyishintshe ngokuphelele indlela yami yokuphila.

Nanti ikhambi engangilifuna. Yeka ukuthi kwakududuza kanjani ukwazi ukuthi uJehova usangithanda futhi uyangikhathalela! Ngaphambili, ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu wayengizonda nokuthi yingakho ngangenwa yilesi sifo. Kodwa ngafunda ukuthi uJehova ngothando wayenze ilungiselelo lokuthethelelwa kwezono ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. Ngazi ngaleso sikhathi ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela, njengoba eyoku-1 Petru 5:7 isho: ‘Phonsani konke ukukhathazeka kwenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’

Ngizikhandla kanzima ukuze ngibe seduze kakhulu noJehova ngokutadisha iBhayibheli nsuku zonke nokuba khona emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso. Nakuba kungelula ngaso sonke isikhathi, ngithululela uJehova ukukhathazeka kwami ngomthandazo ngicele amandla nenduduzo kuye. Amalungu ebandla nawo ayangisekela, ngakho ngijabule.

Ngihlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle kanye nebandla lakithi. Ngifuna ukusiza abanye ngokomoya, ikakhulukazi labo abasesimweni esifana nesami. Ngabhapathizwa ngo-December 2001.

[Isithombe]

Kwangijabulisa kakhulu ukufunda ngoMbuso kaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 8]

Iqembu labeluleka ngengculaza eBotswana

[Isithombe ekhasini 10]

Emhlabeni oyiPharadesi, bonke bayojabulela impilo ephelele

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela