Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 12/8 k. 29-k. 31 isig. 5
  • Ukucindezela Kontanga—Ingabe Kunamandla Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukucindezela Kontanga—Ingabe Kunamandla Ngempela?
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kunamandla Akhohlisayo
  • Indlela Ukucindezela Kontanga Okusebenza Ngayo
  • Okwenza Ukucindezela Kontanga Kube Yingozi
  • Kubalulekile Ukuba Siwavume Amandla Okucindezela Kontanga
  • Indlela Yokumelana Nokucindezela Kontanga
    I-Phaphama!—2014
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezela Kontanga?
    I-Phaphama!—2003
  • Basha—Melanani Nokucindezela Kontanga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ithonya Lontanga—Ingabe Lingakusiza?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 12/8 k. 29-k. 31 isig. 5

Intsha Iyabuza . . . 

Ukucindezela Kontanga—Ingabe Kunamandla Ngempela?

“Ngicabanga ukuthi akungihluphi ukucindezela kontanga.”—UPamela, ofunda esikoleni esiphakeme.

“Angikholelwa ukuthi ukucindezela kontanga kusenethonya elinamandla kimi. Ingcindezi enkulu enginayo ivela ngaphakathi kimi.”—URobbie, oseyibhungu.

WAKE wazizwa ngale ndlela? Kuyiqiniso ukuthi kungenzeka uyazi ukuthi iBhayibheli lithi: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” (1 Korinte 15:33) Noma kunjalo, ungase uzibuze, ‘Ingabe ukucindezela kontanga kwenziwa ihaba—mhlawumbe akunamandla njengoba abazali bami nabanye abantu abadala besho?’

Uma ufikelwa ukungabaza okunjalo ngezikhathi ezithile, awuwedwa. Kodwa sicela ucabangele lokhu. Kungenzeka yini ukuthi ukucindezela kontanga kunamandla ngaphezu kokuba ucabanga? Intsha eningi iye yamangala lapho ibona amandla okucindezela kontanga. Ngokwesibonelo, u-Angie uyavuma ukuthi kungenzeka wenza okuningi ukuze azivumelanise nomphakathi ngaphezu kokuba ecabanga. Uyaphawula: “Ngezinye izikhathi ukucindezela komphakathi kunamandla kangangokuthi awuboni ngisho nokuthi kuwukucindezela kontanga. Uqala ukukholelwa ukuthi kuyingcindezi evela ngaphakathi kuwe.”

URobbie, ocashunwe ngenhla, naye uthi ingcindezi enkulu abhekene nayo ivela ngaphakathi kuye. Nokho, uyavuma ukuthi kunzima ukuphila eduze nedolobha elikhulu. Ngani? Ngenxa yokucindezela kontanga okubangelwa umphakathi othanda izinto ezibonakalayo. Uthi: “Umcebo uyinto enkulu lapha.” Kuyacaca ukuthi ukucindezela kontanga kukhona. Pho-ke, kungani intsha eningi kangaka icabanga ukuthi ukucindezela kontanga akuyithinti?

Kunamandla Akhohlisayo

Ukucindezela kontanga kungasikhohlisa—eqinisweni, singase singakuqapheli nhlobo. Ngokwesibonelo: Uma sisendaweni enezinga lokuphakama okulingana nokolwandle, umkhathi omkhulu womoya ongaphezu kwethu unomfutho ongaguquki onesisindo esiyikhilogremu elilodwa kuyisentimitha-skwele ngalinye.a Ungaphila ngaphansi komfutho onjalo usuku nosuku, kodwa awuwuqapheli nokuwuqaphela. Ngani? Usuwujwayele.

Yiqiniso, umfutho womoya awuyona ingozi. Kodwa lapho abantu besicindezela ngendlela ecashile, bangasenza sishintshe kancane kancane. Umphostoli uPawulu wayewaqonda amandla okucindezela kontanga. Waxwayisa amaKristu aseRoma: “Ningalivumeli izwe elinizungezile linifake efolomeni lalo.” (Roma 12:2, The New Testament in Modern English) Kepha lokhu kungenzeka kanjani?

Indlela Ukucindezela Kontanga Okusebenza Ngayo

Uyakujabulela ukwamukeleka kwabanye abantu? Iningi lethu lingavuma. Noma kunjalo, isifiso sethu semvelo sokwamukeleka singaba njengenkemba esika nhlangothi zombili. Kungakanani esikwenzayo ukuze sithole ukwamukeleka esikunxanelayo? Yize sizethemba kuleso sici, kuthiwani ngalabo abasizungezile? Bayazama yini ukumelana nokucindezela kontanga, noma ingabe bakuvumela ukuba kubalolonge?

Ngokwesibonelo, abantu abaningi namuhla babheka izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli njengeziphelelwe yisikhathi noma ezingenangqondo ezweni lethu lanamuhla. Abaningi banomuzwa wokuthi akubalulekile kangako ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela afuna ukuba simkhulekele ngayo eZwini lakhe. (Johane 4:24) Kungani bezizwa ngaleyo ndlela? Ngokwengxenye, kungenzeka kungenxa yokucindezela kontanga. Kweyabase-Efesu 2:2, uPawulu uveza ukuthi lesi simiso sezinto sezwe ‘sinomoya,’ noma isimo sengqondo esisibusayo. Lowo moya ucindezela abantu ukuba bavumelane nokucabanga kwezwe elingamazi uJehova. Thina singathinteka kanjani?

Izinto esizenza nsuku zonke lapho sisesikoleni, lapho sifunda, sifeza izibopho zomkhaya, nalapho sisebenza ngokuvamile zihilela ukuzihlanganisa nabantu abangaphili ngazo zonke izimiso zethu zobuKristu. Ngokwesibonelo, esikoleni kungenzeka kunabaningi abangenza noma yini ukuze bathandwe, bangaziphatha kabi ngokobulili, noma ngisho basebenzise kabi izidakamizwa noma utshwala. Kuyokwenzekani uma sikhetha abangane kubantu abaziphatha ngaleyo ndlela noma abayamukela njengevamile, baze bayincome? Cishe siyoqala ukwamukela isimo sengqondo esifanayo—mhlawumbe ngokunqikaza ekuqaleni. “Umoya” wezwe uyosicindezela, kube njengokungathi usifaka efolomeni lezwe.

Ngokuthakazelisayo, izazi zanamuhla zesayensi yezenhlalo ziye zenza ucwaningo olusekela lezi zimiso zeBhayibheli. Cabangela ucwaningo oluphawulekayo luka-Asch. Kulo, umuntu ucelwa ukuba ajoyine iqembu elithile labantu abahlezi ndawonye. UDkt. Asch ube esembonisa ikhadi elikhulu elinomugqa owehlayo, bese eboniswa nelinye elinemigqa eyehlayo emithathu okusobala ukuthi ayilingani. Ube esecela abantu abakuleli qembu ukuba basho ukuthi yimuphi kule migqa emithathu olingana nowokuqala. Impendulo ilula. Bonke baqala ngokuvumelana izikhathi ezimbalwa. Kodwa lapho kuhlolwa okwesithathu, kuba noshintsho.

Njengasekuqaleni, kulula ukubona ukuthi yimiphi imigqa elinganayo. Kodwa lo muntu ohlolwayo akazi ukuthi lawa amanye amalungu eqembu ayakhokhelwa ukuze abe yingxenye yalokhu kuhlola. Wonke avumelana ngempendulo eyiphutha. Kube sekwenzekani? Bangamaphesenti angu-25 kuphela kubantu abahlolwayo abangagudluki kulokho abakwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Bonke abanye bavumelana neqembu okungenani kanye—yize lokhu kusho ukuphika lokho amehlo abo akubonayo!

Kuyacaca ukuthi abantu bafuna ukuvumelana nabantu ababazungezile—kangangokuthi abaningi baze baphike ngisho nalokho abakwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Intsha eningi iye yabhekana nalokhu kucindezela. UDaniel, oneminyaka engu-16, uyavuma: “Ukucindezela kontanga kungakushintsha. Futhi lapho uphakathi kwabantu abaningi, kuba kukhulu lokho kucindezela. Ungaze uqale nokucabanga ukuthi lokho abakwenzayo kulungile.”

U-Angie, ocashunwe ekuqaleni, ulandisa ngesibonelo sokucindezela okunjalo esikoleni: “Ngesikhathi usafunda emabangeni okuqala esikoleni esiphakeme, kwakubaluleke kakhulu ukuthi ugqokani. Kwakumelwe nakanjani ube nezingubo zegama elithile. Kwakungeyona neze inhloso yakho ukuthenga iyembe lika-$50 [R500]—kakade umuntu angafunelani ukwenza into enjalo?” Njengoba u-Angie esho, kungase kungabi lula ukukuqaphela ukucindezela lapho kukuthinta. Kodwa ingabe ukucindezela kontanga kungasithinta yini ezindabeni ezibaluleke nakakhulu?

Okwenza Ukucindezela Kontanga Kube Yingozi

Zicabange ubhukuda olwandle. Ngesikhathi usabhukuda weqa amagagasi, mhlawumbe kunemisinga enamandla okungenzeka ukuthi awuyizwa. Amagagasi akusunduzela ogwini, kodwa kungenzeka kunomsinga ongaphansi kwamanzi okusunduzayo nawo. Kancane kancane ukusunduzela eceleni. Makhathaleni lapho ubheka ogwini, awusawuboni umkhaya wakini noma abangane. Awuqaphelanga ukuthi umsinga ukuphambukisele kude kangakanani! Ngokufanayo, lapho senza imisebenzi yethu yansuku zonke, imicabango nemizwa yethu kuhlale kungaphansi kwethonya elithile njalo. Singaqaphele, la mathonya angasiphambukisa kakhulu ezindinganisweni ebesicabanga ukuthi siyonamathela kuzo ngaso sonke isikhathi.

Ngokwesibonelo, umphostoli uPetru wayeyindoda enesibindi. Ngesibindi wahosha inkemba phambi kwesixuku esinenzondo ngobusuku uJesu aboshwa ngabo. (Marku 14:43-47; Johane 18:10) Nokho, eminyakeni eminingi kamuva ukucindezela kontanga kwamenza wabonisa ubandlululo oluyingcaca. Wagwema amaKristu abeZizwe—yize ngaphambili uKristu ayembonise umbono owawumqondisa ukuba angababheki abeZizwe njengabangcolile. (IzEnzo 10:10-15, 28, 29) Kungenzeka uPetru wakuthola kunzima ukubhekana nokubukelwa phansi ngabanye abantu kunokubhekana nosiko lwenkemba! (Galathiya 2:11, 12) Ngempela, ukucindezela kontanga kungaba yingozi.

Kubalulekile Ukuba Siwavume Amandla Okucindezela Kontanga

Isibonelo sikaPetru singasifundisa isifundo esibalulekile. Ukuthi sinamandla ezicini ezithile akusho ukuthi sinamandla kuzo zonke izici. UPetru wayenezici ayebuthaka kuzo, njengathi sonke. Kungakhathaliseki ukuthi singobani, kudingeka siziqaphele izici esibuthaka kuzo. Singase sizibuze ngobuqotho: ‘Ngibuthaka kuphi? Ingabe ngilangazelela indlela yokuphila yokunethezeka? Ingabe inhliziyo yami ibuswa ukuzazisa? Kungakanani engizimisele ukukwenza ukuze ngithole udumo, isikhundla, nokuvelela?’

Mhlawumbe ngeke sizifake engozini ngamabomu ngokukhetha ukuzihlanganisa nabantu abasebenzisa izidakamizwa ngokungemthetho noma abanokuziphatha okubi kobulili. Kodwa-ke kuthiwani ngobuthakathaka bethu obucashile? Uma sikhetha ukuzibandakanya nabantu abayosithonya esicini esibuthaka kuso, khona-ke sizichaya emandleni okucindezela kontanga—mhlawumbe okungasilimaza phakade.

Nokho, okujabulisayo ukuthi akukona konke ukucindezela kontanga okubi. Singakulawula yini ukucindezela kontanga—size ngisho sizuze kukho? Futhi singalwa kanjani nokucindezela kontanga okuyingozi? Leyo mibuzo iyophendulwa esihlokweni sesikhathi esizayo esithi “Intsha Iyabuza . . . ”

[Umbhalo waphansi]

a Nasi isibonelo esilula esibonisa ukuthi umfutho womoya unamandla. Uma uthatha ibhodlela lepulasitiki elingenalutho ukhuphukele esiqongweni sentaba, uligcwalise ngomoya, bese ulivala ngci, kuyokwenzekani ebhodleleni lapho wehla entabeni? Liyabaqaka. Umfutho womoya ongaphandle mkhulu kunomoya omncane ongaphakathi ebhodleleni.

[Isithombe ekhasini 30, 31]

Umphakathi othanda izinto ezibonakalayo ungabangela ukucindezela kontanga okukhulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela