Indlela Olwaqala Ngayo Lolu Daba
ISTRATTON, E-OHIO, E-U.S.A., indawo encane eseduze koMfula i-Ohio, ohlukanisa i-Ohio neWest Virginia. Kuthiwa iyidolobhana futhi inomphathi-dolobha wayo. Lo mphakathi omncane onabantu abangafikile ku-300 wazithola usungundaba-mlonyeni ngo-1999 ngenkathi iziphathimandla zakhona zizama ukuphoqa oFakazi BakaJehova, phakathi kwabanye, ukuba bathole imvume ngaphambi kokuya emizini yabantu bakule ndawo nesigijimi sabo seBhayibheli.
Kungani lolo daba lubalulekile? Njengoba ufunda lo mbiko, uzobona ukuthi lo mthetho kahulumeni nenqubo yawo empeleni wawuzonciphisa amalungelo enkululeko yokukhuluma yoFakazi BakaJehova kanye nabo bonke abantu abahlala e-United States.
Okwasusa Le Nkinga
Kwase kuyiminyaka izakhamuzi zaseStratton zivakashelwa izikhonzi zeBandla LoFakazi BakaJehova LaseWellsville, ezazike zaba nenkinga neziphathimandla ezimbalwa zakule ndawo ngomsebenzi wendlu ngendlu kusukela ngo-1979. Ngasekuqaleni kwawo-1990 iphoyisa lalapha laxosha iqembu loFakazi edolobheni, lathi: “Anginandaba mina namalungelo enu.”
Umphathi-dolobha waseStratton wasampula-ke yena ngo-1998 ngesikhathi eziyela mathupha koFakazi BakaJehova abane. Babephuma kuleli dolobhana kade bexoxa nezakhamuzi ezazibonise ukuthi ziyathanda ukuxoxa ngeBhayibheli. Omunye wesifazane kulaba abane wathi umphathi-dolobha wayethe ukube bebengamadoda ubezobafaka ejele.
Imbangela yale nkinga umthetho waleli dolobhana “Olawula Ukudayisa Izinto Ezingafunwa Nokucela Emizini Yabantu,” owawuthi noma ubani ofisa ukwenza umsebenzi wendlu ngendlu makacele imvume etholakala mahhala kumphathi-dolobha. OFakazi BakaJehova babebheka lo mthetho njengowaphula ilungelo lenkululeko yokukhuluma, inkululeko yokuqhuba inkolo nenkululeko yokusebenza kwabemithombo yezindaba. Ngakho bafaka icala enkantolo ngemva kokuba leli dolobhana lenqabile ukushintsha indlela elisebenzisa ngayo lo mthetho.
Ngo-July 27, 1999, kwaqulwa icala phambi kwejaji lenkantolo yesifunda yase-United States eseSifundeni esiseNingizimu ye-Ohio. Lathi lo mthetho waleli dolobhana wokucela imvume uhambisana nomthetho-sisekelo. Ngemva kwalokho, ngo-February 20, 2001, iNkantolo Yokudlulisa Amacala Yase-United States yeSifunda Sesithupha nayo yathi lo mthetho uhambisana nomthetho-sisekelo.
Ukuze lolu daba luxazululwe, i-Watchtower Bible and Tract Society of New York kanye neBandla LoFakazi BakaJehova LaseWellsville bacela ukuba iNkantolo Ephakeme Yase-United States iphinde ilubheke lolu daba.
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 3]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Los Angeles
New York
OHIO
Stratton