Uyakudinga Ukulala Ngokwanele!
Ukhona yini ongaphikisa iqiniso lokuthi ukulala kahle ebusuku kuyisici esibaluleke kakhulu ekulondolozeni impilo enhle? Akekho. Nokho, abaningi bakubukela phansi ukulala. “Kodwa uyakhokha ngakusasa,” kusho uShawn Currie, isazi sezokusebenza kwengqondo esiyiphini likaprofesa e-University of Calgary, eCanada. Uma ungalali ngokwanele, uthambekela ekuhluthukeni ngokushesha futhi ngezinye izikhathi uze ucindezeleke.
“Ososayensi bathi ukulala kuvuselela ingqondo, bathi nokufunda kuyaqhubeka lapho ulele,” kusho iphephandaba i-Calgary Herald. UProfesa Currie uyaphawula: “Ebusuku uqinisa inkumbulo yakho futhi noma yikuphi okufunde emini kuhlelwa ngononina ebusuku. Empeleni ukungalitholi lelo thuba lokuphumula kukhinyabeza ukufunda.” Ngaphezu kwalokho, uthi “lapho ulala ngokwanele, ngandlela-thile kuyasiza ekuzinziseni imizwelo yakho.”
Ngakho, udinga ukulala isikhathi esingakanani? Nakuba ochwepheshe abaningi ngokuvamile bethi sidinga amahora angu-8, uCurrie uthi: “Abantu banezidingo ezingafani zokulala.” Ngenxa yalokho usikisela ukuba ulwele ukulala zwi. Kodwa kungenzeka kanjani lokhu, ikakhulukazi kulabo abanenkinga yokuqwasha? Nakhu ukusikisela okumbalwa:
◼ Geza ngamanzi afudumele kubhavu noma ngeshawa ngaphambi kokuyolala.
◼ Vivinya umzimba kaningana ngesonto; kodwa ungenzi izivivinyo eziwukhandlayo umzimba ngaphambi kokuba uyolala.
◼ Ikamelo lakho lokulala malingabi namsindo, kodwa malibe mnyama, futhi liphole ngokwanele.
◼ Zama ukuvuka ngesikhathi esifanayo njalo ekuseni ukuze kwakheke umzila wasikhathi sonke wokulala.
Ngenxa yezinzuzo eziphawulekayo zempilo, yiba nengqondo, wenze ukulala kube seqhulwini ohlwini lwakho lwezinto ozibheka njengezibalulekile.