Inhlekelele Ebabazekayo
U-Erika unezinyanga eziyisithupha ubudala. Nokho, isisindo sakhe nobude bakhe kulingana nokosana olunenyanga eyodwa noma ezimbili ubudala. Nakuba ezacile, imilenze nesisu sakhe kuvuvukele kanti nobuso bakhe buvuvukele futhi buyindilinga. Uphaphathekile, izinwele zakhe ziyaqothuka futhi zomile, futhi unezilonda esikhunjeni. Ubonakala engaphathekile kahle neze. Njengoba udokotela ehlola amehlo ka-Erik, kumelwe aqaphele, ngoba ijwabu lawo lingadabuka kalula. U-Erik uthatha kancane engqondweni. Ngokudabukisayo, akuyena yedwa umntwana okulesi simo.
“KUTHIWA kubulala abantwana abangaphezu kwesigamu salabo abafayo emhlabeni—isilinganiso esingaphezulu kakhulu kwesanoma yisiphi isifo esithathelwanayo kusukela nge-Black Death. Kodwa, akusona isifo esithathelwanayo. Sihlasela izigidi zabantu abasala bekhubazekile, bechayeke ezifweni ezingalapheki, futhi bephazamisekile engqondweni. Sigasela abesifazane, imikhaya kanye nayo yonke imiphakathi ekugcineni.”—The State of the World’s Children, United Nations Children’s Fund.
Sifo sini esichazwa ngala magama? Ukungondleki—ikakhulukazi ukungondleki ngenxa yokuntula amaprotheni, i-World Health Organization (WHO) ekubiza ngokuthi “isimo esibucayi esiwumshoshaphansi.” Yimbi kangakanani le nhlekelele? I-WHO ithi “ibulala okungenani isigamu sabantwana abayizigidi ezingu-10,4 unyaka ngamunye.”
Ukungondleki kuhlanganisa izifo ezihlukahlukene, kusukela ekungondlekini ngenxa yokuntula isakhi esisodwa noma ngaphezulu—njengokuntula amavithamini namaminerali—kuya ekuzimukeni komzimba nakwezinye izifo ezihlobene nokudla. Nokho, i-WHO ithi ukungondleki ngenxa yokuntula amaprotheni “kuwuhlobo lokungondleki oluyingozi kunazo zonke.” Kuhlasela kakhulu abantwana abangaphansi kweminyaka emihlanu ubudala.
Ake ucabange ngo-Erik, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, nangezingane eziyizigidi ezingondlekile. Akuzona ezibangele leso simo, futhi akunandlela ezingasibalekela ngayo. Isazi sokondleka kwezingane uGeorgina Toussaint satshela i-Phaphama!: “Labo abahluphekayo nababhekana nobunzima akubona abanecala kodwa yibona abasengozini enkulu.”
Abanye bangase baphethe ngokuthi le nkinga ayinakugwenywa—bathi akunakudla okwanele wonke umuntu. Kuyindida ukuthi ngokwe-WHO, “namuhla siphila ezweni elinenala yokudla.” Kunokudla okunganela bonke abantu emhlabeni—kuze kusale. Ngaphezu kwalokho, ukungondleki kwabantu kuyisifo okulula kunazo zonke ukusinqanda nokushibhe kakhulu ukuselapha. Ingabe la maqiniso awakuthukuthelisi?
Obani Abathintekayo?
Ukungondleki akuthinti abantwana kuphela. Ngokombiko we-WHO wango-July 2001, “ukungondleki kunemiphumela ebanzi, kuthinta abantu ababalelwa ezigidini ezingu-800—okungamaphesenti angu-20 abo bonke abantu abasemazweni asathuthuka.” Lokhu kusho ukuthi umuntu oyedwa kwabangu-8 emhlabeni unale nkinga.
Nakuba isibalo esikhulu sabantu abangondlekile sitholakala e-Asia—ikakhulukazi eningizimu nasenkabeni yalelo zwekazi—umphakathi onesilinganiso esiphakeme kakhulu sabantu abangondlekile use-Afrika. Amanye amazwe asathuthuka eLatin America naseCaribbean alandela ngemuva.
Ingabe amazwe asethuthukile akhululekile enkingeni yokungondleki? Cha. Ngokwe-State of Food Insecurity in the World 2001, abantu abayizigidi ezingu-11 abahlala emazweni ezezimboni abondlekile. Abanye abayizigidi ezingu-27 abangondlekile bahlala emazweni okuthiwa aseshintshela kwezezimboni, ikakhulukazi eMpumalanga Yurophu nasemazweni ayengaphansi kweSoviet Union.
Kungani ukungondleki kuyinkinga enkulu kangaka? Kukhona yini okungathuthukisa isimo sabangondlekile njengamanje? Ingabe ukungondleki kuyoke kuphele kule planethi yethu? Izihloko ezilandelayo zizophendula le mibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Akulona igama lakhe langempela.
[Ishadi/Ibalazwe ekhasini 4]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
AMAZWE ANEMIPHAKATHI ESENGOZINI YOKUNGONDLEKI KAHLE
ASENGOZINI ENCANE
ASESIMWENI ESIBI
ASESIMWENI ESIBUCAYI
ANGEKHO ENGOZINI NOMA ANOKWAZISWA OKUNGAPHELELE
[Isithombe ekhasini 3]
Ukulinda ukudla kosizo eSudan
[Umthombo]
UN/DPI Photo by Eskinder Debebe