Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 8/8 k. 8-k. 9 isig. 2
  • Izinhlekelele Zesimo Sezulu Ngeke Zisaba Khona!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinhlekelele Zesimo Sezulu Ngeke Zisaba Khona!
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuze Kube Yilapho UNkulunkulu Engenela
  • Izimo Zezulu Ezimbi—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Ukwazi Ukubhekana Nazo?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Lapho Izinhlekelele Zingasekho!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
  • Izinhlekelele Ezingokwemvelo—Ingabe UNkulunkulu Unecala?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 8/8 k. 8-k. 9 isig. 2

Izinhlekelele Zesimo Sezulu Ngeke Zisaba Khona!

“UMUNTU WANAMUHLA uphelelwe yinhlonipho ngomhlaba ngenxa yokuhahela kwakhe ukunethezeka, ijubane nokuzuza kwezentengiselwano.” Lawo amazwi asesembozweni sencwadi ethi 5000 Days to Save the Planet. Thina sivuna imiphumela yokuhaha komuntu. Futhi kungakhathaliseki ukuthi imibono ngokushisa komkhathi iba yiqiniso noma cha, kunye esiqiniseka ngakho—umuntu uyawona lo nozungezilanga wethu omuhle. Ukuphela kwethemba esinalo ukugcwaliseka kwesethembiso seBhayibheli sokuthi uNkulunkulu ‘uyobachitha labo abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

UNkulunkulu uyomisa isimiso esisha shá esikhundleni salesi simiso esonakele sokubusa kwabantu. Ngaphambi kokuba ukuchilizele eceleni lokhu njengembudane yenkolo, ake ucabange ngalokhu: Ubani obengazi kakhulu ngezidingo zemvelo yomhlaba ngaphezu koMdali wayo? Akanalo yini ilungelo lokufuna ukwazi ngalokho okwenzeka kulo nozungezilanga? IBhayibheli likwenza kucace ukuthi unalo, ngoba ku-Isaya 45:18 lithi uJehova “nguNkulunkulu weqiniso, uMbumbi womhlaba noMenzi wawo, Yena owawumisa waqina, ongazange awudalele ize nje, owawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.” Ukuze agcwalise leyo njongo, uNkulunkulu angangenela futhi uzongenela.

UNkulunkulu uyokwenza lokhu ngokuletha uhulumeni omusha, noma umbuso, ozolawula emhlabeni. Lapho amaKristu ethandaza uMthandazo WeNkosi ethi, “Umbuso wakho mawuze,” acela ukuba lo hulumeni uthathe izintambo zokubusa. (Mathewu 6:9, 10) UMbuso, noma uhulumeni kaNkulunkulu, uyokwenza ngendlela ebonisa ukuthi uyayiqonda imijikelezo yomhlaba yemvelo eyinkimbinkimbi. Ngaleyo ndlela uyokwazi ukuvuselela izindawo zomhlaba eziye zonakaliswa ukungcoliswa nokunukubezwa kwemvelo. U-Isaya 35:1, 6 uthi: “Ithafa eliwugwadule . . . liqhakaze njengesafroni. . . . Ngoba kuyobe kuqhume amanzi ehlane, nezifufula ethafeni eliwugwadule.”

Kuze Kube Yilapho UNkulunkulu Engenela

Ngemva kwezikhukhula zika-2002, uHelmut Schmidt, owake waba yishansela laseNtshonalanga Jalimane, wabhala: “Akekho ongavimbela imvelo ukuba ingabhodlozi amadamu. Izinhlekelele ziyaqhubeka zenzeka.” Uqinisile. Futhi lapho kugadla isimo sezulu esibhubhisayo, kuncane kabi abantu abangakwenza ngaphandle kokuzama ukuciciyela ngangokusemandleni abo. Nokho, naphezu kwalo lonke usizi ezilubangelayo, izinhlekelele ezinjalo zingaba nomphumela ozuzisayo. Zingashukumisela abantu ukuba babonise ukuthi bayabathanda futhi bayabakhathalela omakhelwane babo. (Marku 12:31) Ngokwesibonelo, izikhukhula zaseYurophu kubonakala ziye zakufeza lokhu kwabanye. Elinye iphephandaba labhala: “Kutheleké izisebenzi zokuzithandela ezimagange zivela kulo lonke leli laseJalimane zizokwenza umsebenzi [wokusiza]. Yinani elikhulu lezisebenzi zokuzithandela esake saba nalo kusukela ngemva kweMpi Yezwe II.”

Phakathi kwalezi zisebenzi zokuzithandela kwakukhona noFakazi BakaJehova abaningi. Isihloko esilandelayo sichaza indlela oFakazi abenza ngayo umsebenzi wokusiza emazweni amane ahlaselwa yiziphepho ezimbi. Ukuziphatha kwala maKristu kuyijuphana lokuphila esizokujabulela ngaphansi kokubusa kukahulumeni kaNkulunkulu ozayo, okuyokwanda kuwo uthando nokukhathalelana kobuzalwane—hhayi ukuhaha nobugovu.—Isaya 11:9.a

AmaKristu angaduduzeka ngalesi sethembiso uNkulunkulu asenza kuma-Israyeli asendulo: “Ngokuqinisekile ngiyokwenza ukuba kube khona imvula ezweni lenu ngesikhathi sayo esimisiwe, imvula yasekwindla nemvula yasentwasahlobo.” (Duteronomi 11:14) Leso sethembiso siyogcwaliseka nakulabo abayonikwa ilungelo lokuphila ezweni elisha likaNkulunkulu—izwe elingeke libe nazo izinhlekelele ezihlobene nesimo sezulu.

[Umbhalo waphansi]

a Uma uthanda ukwazi okwengeziwe ngesethembiso seBhayibheli sikahulumeni woMbuso, siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

Ukusilawula Ngokuphelele Isimo Sezulu

Ezweni elisha likaNkulunkulu, abantu ngeke besaba novalo lokuthi imizi yabo noma izilimo zabo ziyokhukhulwa yiziphepho ezifika kungazelelwe. (2 Petru 3:13) IBhayibheli likwenza kucace ukuthi uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, banamandla okulawula isimo sezulu. Cabangela la mavesi alandelayo.

◼ Genesise 7:4: “Kusele izinsuku eziyisikhombisa nje kuphela nginise imvula phezu komhlaba izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.”

◼ Eksodusi 14:21: “UJehova waqala ukuhlehlisa ulwandle ngomoya wasempumalanga onamandla ubusuku bonke, waguqula ulwandle lwaba umhlabathi owomileyo, futhi amanzi ayehlukaniswa phakathi.”

◼ 1 Samuweli 12:18: “USamuweli wabiza uJehova, uJehova waletha ukuduma nemvula ngalolo suku, kangangokuthi bonke abantu bamesaba kakhulu uJehova noSamuweli.”

◼ Jona 1:4: “UJehova waphonsa umoya omkhulu olwandle, kwaba khona isiphepho esikhulu olwandle; umkhumbi wona wawusuzophihlizeka.”

◼ Marku 4:39: “Ngemva kwalokho [uJesu, enikwe nguNkulunkulu amandla] wavuka wawukhuza umoya futhi wathi kulo ulwandle: ‘Shh! Thula!’ Umoya wanqamuka, kwaba nokuzola okukhulu.”

[Izithombe ekhasini 8, 9]

Ezweni elisha likaNkulunkulu, ngeke kudingeke ukuba sesabe isimo sezulu esiyingozi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela